Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/07 k. 22
  • Ukubukwa Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukwa Okwezwe
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphathwa Kwezingane Ngobudlova
  • Ukuba Nabangane Abahle Kusho Ukuphila Isikhathi Eside!
  • Abantu BaseBrithani Banezikweleti
  • Izindiza Ezihamba Ebusuku Nokufudumala Kwembulunga Yonke
  • Kwenzekani Ngesimo Sezulu?
    I-Phaphama!—2003
  • Ingabe Iplanethi EwuMhlaba Iyasongelwa?
    I-Phaphama!—2008
  • Izindlela Zokuphila Eziyingozi—Zibangela Izindleko Ezingakanani?
    I-Phaphama!—1997
  • Kungani Ubugebengu Obunobudlova Sebande Kangaka?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 7/07 k. 22

Ukubukwa Okwezwe

◼ Iphini likaNgqongqoshe Wezokuthutha uMaria Cino uthi: “Ukushayela udakiwe kungesinye sezenzo zobugebengu ezibulala kunazo zonke eMelika.” Kuzo zonke izingozi okwafa abantu kuzo e-United States phakathi no-2005, ezingamaphesenti angu-39 zazihilela utshwala.—UMNYANGO WEZOKUTHUTHA WASE-UNITED STATES.

◼ “Kunezicucwana zepulasitiki ezingaphezu kuka-46 000 ezintanta kulelo nalelo mayela-skwele lolwandle namuhla.”—I-UNITED NATIONS ENVIRONMENT PROGRAMME.

◼ “Izisebenzi zase-United States zichitha amahora ayizigidi ezingu-500 ngonyaka zidlala imidlalo [yama-computer] emsebenzini, okulahlekisela izinkampani umkhiqizo ongama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane eziyishumi [amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-71].” Lokhu akuhlanganisi isikhathi “esichithwa kusetshenziswa i-Internet ngezizathu zomuntu siqu emsebenzini.”—INGOSI YE-MANAGEMENT-ISSUES.

Ukuphathwa Kwezingane Ngobudlova

I-World Health Organization ithi: “Ezinganeni eziningi ubudlova buyinsakavukela, into eyenzeka nsuku zonke ekuphileni kwazo.” Umbiko wamuva nje kanobhala-jikelele we-UN uthi “kwabulawa izingane ezingaba ngu-53 000 emhlabeni wonke ngo-2002.” Ngaphezu kwalokho, izigidi zezingane ziyaxhashazwa ngokufukuziswa, ngokudayisa ngomzimba noma ngokusetshenziswa ezithombeni ezingcolile zobulili. Zingagwenywa yini lezi zenzo ezimbi? Umbiko kanobhala-jikelele uthi: “Izinto ezingase zibe isivikelo ekhaya nakwezinye izimo zihlanganisa ukuba umzali omuhle, ukwakheka kwezibopho eziqinile phakathi kwabazali nezingane nesiyalo esihle esingenabudlova.”

Ukuba Nabangane Abahle Kusho Ukuphila Isikhathi Eside!

Ukuba nabangane abaningi abahle kungase kwenze umuntu aphile isikhathi eside, kubika i-Journal of Epidemiology and Community Health. Ocwaningweni olwathatha iminyaka eyishumi olwenziwa kubantu base-Australia abangaba ngu-1 500 abaneminyaka engu-70 noma ngaphezulu kwahlola ukuthi ukuba nabangane kubuthinta kanjani ubude besikhathi sokuphila. Abantu abanabangane abaningi abasondelene nabo babenamathuba okufa angaphansi ngamaphesenti angu-22 kunalabo abanabangane abambalwa. Lo mbiko uthi ukuba nabangane abakhathalelanayo nakho kunethonya elihle kwasebekhulile uma kuziwa endabeni “yokucindezeleka, ukuzimela, ukuzethemba, ukubhekana nezimo nokuqina ngokomzwelo, kanye nokulawula ukuphila kwakho.”

Abantu BaseBrithani Banezikweleti

I-Daily Telegraph yaseLondon ithi: “Abantu abadala abangaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu abanama-akhawunti ebhange bathembele emalini yesikweleti ukuze baziphilise.” Ukukweleta ibhange, kunokuba kubhekwe njengemali oyibolekwa esimweni esiphuthumayo, “sekuyinto edingekile” kubantu baseBrithani abayizigidi ezingu-3,5 abahlala besezikweletini. UKeith Tondeur, umphathi wenhlangano yezosizo okuthiwa i-Credit Action, uthi imbangela yalokhu “umkhuba wokuzanelisa ngokushesha owengame umphakathi wethu.” UTondeur uyaxwayisa: “Izigidi zethu ziphila ngemali ezingenayo njalo futhi ukuntula ulwazi oluyisisekelo lokuphatha imali kusho ukuthi iningi lethu alazi nakwazi ukuthi lokhu kusithinta kanjani.”

Izindiza Ezihamba Ebusuku Nokufudumala Kwembulunga Yonke

I-Scientific American ithi umusi oshiywa izindiza emoyeni ushintsha izinga lokushisa kwesibhakabhaka. Emini lo musi uvimba imisebe yelanga, okubangela ukwehla kwezinga lokushisa emkhathini. Nokho, ebusuku ufukamela ukushisa okungaphansi kwawo. Lo mbiko uthi abacwaningi baseNgilandi bathola ukuthi “ukuhamba ngendiza phakathi nehora lesithupha ntambama nehora lesithupha ekuseni kubangela ukufudumala kwesimo sezulu okudalwa yilo musi okuphakathi kwamaphesenti angu-60 nangu-80, ngisho noma lokho kumelela ingxenye eyodwa kwezine yezindiza ezihamba emoyeni.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela