Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/07 k. 24-k. 25 isig. 4
  • Isithelo Esithandwa Abenzi Bamakha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isithelo Esithandwa Abenzi Bamakha
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulinywa Kwayo ECalabria
  • Ayaziwa Kahle Kodwa Isetshenziswa Kakhulu
  • I-“Ylang-Ylang”—Uketshezi Oluvela Esiqhingini Samakha
    I-Phaphama!—1998
  • Lawomakha Abizayo
    I-Phaphama!—1991
  • Isundu Lamafutha—Isihlahla Esinemisebenzi Ehlukahlukene
    I-Phaphama!—1999
  • Lapho Amawolintshi Engenawo Umbala Owolintshi
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 6/07 k. 24-k. 25 isig. 4

Isithelo Esithandwa Abenzi Bamakha

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ITALY

AMAKHA anomlando omude. Ngezikhathi zeBhayibheli amakha ayenukisa kahle izindlu, izingubo, imibhede kanye nemizimba yalabo ababenemali yokuwathenga. Izithako zamakha zazihlanganisa inhlaba, amafutha ebhalisamu, usinamoni, nezinye izinongo.—IzAga 7:17; IsiHlabelelo SeziHlabelelo 4:10, 14.

Uketshezi olujiyile olukhishwa ezitshalweni lusabaluleke kakhulu ekwenziweni kwamakha. Size lapha eCalabria, isifundazwe esisemaphethelweni eningizimu yenhlonhlo yase-Italy, ukuzobona ukuthi esinye salezi zithako zamakha sikhiqizwa kuphi. Kungenzeka ukuthi awuyazi ngegama i-bergamot, kodwa kuthiwa iphunga lalesi sithelo litholakala engxenyeni eyodwa kwezintathu zamakha abesifazane adayiswayo nasengxenyeni yamakha abesilisa. Sivumele ukuba sikutshele nge-bergamot.

I-bergamot iyisithelo esisawolintshi esihlale siluhlaza. Izihlahla zayo ziqhakaza entwasahlobo (enyakatho nenkabazwe), futhi izithelo zayo ezibushelelezi eziphuzi—ezicishe zilingane newolintshi—zivuthwa ekwindla noma ekuqaleni kobusika. Ochwepheshe abaningi bathi i-bergamot iyingxube, futhi umsuka wayo awaziwa kahle. Ngeke usithole isihlahla sayo endle, futhi ayitshalwa ngembewu. Ukuze ikhiqizwe, abalimi kufanele baxhume izihlahla zayo ezikhona ezihlahleni ezifana nazo, njengesikalamula.

Kubenzi bamakha, izithelo ze-bergamot ziyingqayizivele. Lapho ikhuluma ngalokhu enye incwadi iyachaza ukuthi uketshezi olukhanywa kulezi zithelo lukwazi ukwenza into engavamile “yokuhlanganisa amaphunga ahlukahlukene luwenze akhiphe iphunga elilodwa, futhi adlulisele iphunga elimnandi kulolo hlobo lwamakha oluthakwe nalo.”a

Ukulinywa Kwayo ECalabria

Imithombo yezomlando ibonisa ukuthi ama-bergamot ayelinywa eCalabria okungenani kusukela ngasekuqaleni kwekhulu le-18 nokuthi ngezinye izikhathi uketshezi lwawo abantu bendawo babeludayisela izihambi. Nokho, ukuyilima ngenjongo yokudayisa kwakuncike ekutheni athengwa kangakanani amakha enziwe nge-bergamot. Ngo-1704, uGian Paolo Feminis, umNtaliyane owayethuthele eJalimane, wenza amakha awabiza ngokuthi i-Aqua admirabilis, noma “amanzi ababazekayo.” Isithako sawo esiphambili kwakuwuketshezi lwe-bergamot. La makha agcina esaziwa ngokuthi i-eau de Cologne, okusho “amanzi aseCologne,” noma nje ngokuthi i-cologne, okuyigama elisuselwa edolobheni akhiqizwa kulo.

Isixhobo sokuqala se-bergamot satshalwa eReggio cishe ngo-1750, futhi ukwenziwa kwenzuzo enkulu ngokudayiswa koketshezi lwayo kwagqugquzela ukuba itshalwe kakhulu. Izihlahla zayo zidinga isimo sezulu esithokomele kanye nendawo ezizokhula kuyo zibheke eningizimu ukuze zivikeleke emimoyeni ebandayo yasenyakatho, kodwa aziwuthandi umoya omkhulu, ukushintshashintsha njalo kwamazinga okushisa nendawo ehlala iswakeme. Isimo sezulu esikahle sitholakala esiqeshaneni sendawo, engamakhilomitha amahlanu ububanzi namakhilomitha angu-150 ubude, esiseduze nogu olusemaphethelweni eningizimu yezwe lase-Italy. Nakuba kwenziwa imizamo yokutshala i-bergamot kwezinye izindawo, umkhiqizo wayo omkhulu emhlabeni wonke uvela esifundeni saseReggio. Elinye izwe elibaluleke kakhulu ekukhiqizeni i-bergamot iCôte d’Ivoire, e-Afrika.

Uketshezi oluyigugu lwe-bergamot—oluluhlaza ngokusaphuzi—lutholakala emakhasini alesi sithelo. Indlela evamile yokukhipha lolu ketshezi kwakuwukusisika phakathi lesi sithelo, kukhishwe okuphakathi, bese kukhanywa amakhasi anombala ukuze lolu ketshezi luphumele eziponjini. Kwakudingeka ukuba kukhanywe amakhilogremu acishe abe ngu-180 e-bergamot ngale ndlela ukuze kukhishwe nje ikhilogremu elilodwa loketshezi. Namuhla cishe lonke uketshezi lukhishwa ngemishini, ephala wonke amakhasi ezithelo zayo.

Ayaziwa Kahle Kodwa Isetshenziswa Kakhulu

Kungenzeka ukuthi lesi sithelo saziwa kancane ngaphandle kwaseCalabria, kodwa umthombo othile uthi “ezingcwetini, igama elithi bergamot lisho isimanga sento.” Iphunga layo elinuka njesithelo alitholakali emakheni nje kuphela kodwa nasemikhiqizweni enjengensipho, iziqholo, imithi yokuxubha, nezinto zokugcoba. Njengesithako sokunandisa, uketshezi lwe-bergamot lutholakala ku-ayisikhilimu, etiyeni, kuswidi naseziphuzweni. Ikhono layo lokwenza isikhumba sabantu sibe nsundu liye layenza yaba yisithako semikhiqizo yokuzivikela elangeni. Amandla ayo okubulala amagciwane ayenza ibaluleke kakhulu embonini yokuthaka imithi njengoba isetshenziselwa ukubulala amagciwane lapho kuhlinzwa, nalapho kwelashwa izifo zamehlo nezesikhumba. Uketshezi lwe-bergamot okuthiwa i-pectin olwenza izinto zishube, nalo luyasetshenziswa emithini yokunqanda ukopha nohudo.

Abacwaningi baye bathola izakhi ezingu-350 zoketshezi lwe-bergamot, ezinomthelela ephungeni layo eliyingqayizivele nezinye izimfanelo zayo eziningi. Konke lokhu kusesithelweni esisodwa!

Kungenzeka ukuthi abalobi beBhayibheli babengajwayelene ne-bergamot. Nokho, noma ubani onesithakazelo ezakhini zalesi sithelo esisawolintshi nasekuhlakanipheni koMdali waso angasithola isizathu sokwenanela amazwi omhubi: “Dumisani uJehova . . , nina mithi ethela izithelo.”—IHubo 148:1, 9.

[Umbhalo waphansi]

a Njengoba nje imizimba yabanye abantu ixabana nezinto ezinjengempova yotshani noma izimbali, abanye imizimba yabo ayizwani namakha. I-Phaphama! ayikhuthazi ukuba kuthengwe uhlobo oluthile lwamakha.

[Izithombe ekhasini 25]

Uketshezi lwe-“bergamot” lukhishwa ngokuphala wonke amakhasi ezithelo zayo

[Umthombo]

© Danilo Donadoni/Marka/age fotostock

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela