Abahlanzi Bezingubo Abakhuthele Base-Abidjan
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECÔTE D’IVOIRE
SASILIBANGISE entshonalanga sisuka e-Abidjan, eCôte d’Ivoire, sijabulela ubuhle nemisindo yaleli dolobha elichwazayo laseNtshonalanga Afrika, lapho sibona okuthile okwasihlaba umxhwele. Ethafeni elingudedangendlale kwakunekwe izinkulungwane zezingubo zokugqoka ezinemibalabala. Kwakungowani lo mbukiso okhanga kangaka? Abangane bethu abakhulele kule ndawo bakujabulela ukusichazela. Kwakungama-fanico esemsebenzini.
Ama-fanico ayiqembu labahlanzi bezingubo abakhuthele. Kusukela ekuseni lize liyoshona, amakhulukhulu amadoda nedlanzana labesifazane abaqatha baziphilisa ngokuhlanza izingubo eMfuleni iBanco. Igama labo liyinhlanganisela yamagama esiDyula, noma isiJula, athi fani, elisho “indwangu” noma “izingubo,” nelithi ko, elisho “ukuhlanza.” Ngakho, igama lesiDyula elithi fanico lisho “othile ohlanza izingubo.”
Umsebenzi Womhlanzi
Ngolunye usuku ekuseni savakashela ama-fanico emsebenzini ukuze sizwe kabanzi ngale ndlela yawo yokuziphilisa ethakazelisayo. Yeka isiphithiphithi! Sifika nje kakade umsebenzi usuyaqhubeka. UMfula iBanco othanda ukudungeka wawugcwele amathayi amakhulu okufakwe kuwo amatshe. Ethayini ngalinye, kwakunomhlanzi omatasa ngomsebenzi wakhe eshuka futhi ekhuhla izingubo, emi emanzini angafinyelela emathangeni kuya okhalweni.
Entathakusa um-fanico uya endlini ngendlu eyolanda umsebenzi wakhe wosuku. Amanye amakhasimende akhe aqhele ngamakhilomitha amathathu ukusuka “elondolo.” Zonke lezi zingubo uzifaka enqoleni noma azibophe zibe umthwalo omkhulu azithwale ekhanda. Usuka lapho um-fanico alibangise eMfuleni iBanco. Lapho efika uhlangatshezwa ngokubingelelwa ngezilimi eziningi ezihlukahlukene, njengoba ama-fanico asebenza kule ndawo evela ezingxenyeni eziningi ze-Afrika. Amanye sekungamashumi eminyaka ekule ndawo, njengoMnu. Brama, umhlanzi oyisidlakela osevile eminyakeni engu-60 ubudala. Ngaphandle kwezinsuku ezintathu zonyaka, umsebenzi uqhubeka umshawushile.
Umsebenzi wokuhlanza izingubo ngokwawo uwumsebenzi omkhulu. Sabuka enye indoda njengoba ibeka umthwalo wayo phansi, owawumkhulu ngendlela eyayingamethusa ngisho nomama wekhaya. Yathukulula umthwalo wayo yabe isiqala ukufaka ingubo ngayinye emanzini. Ngokulandelayo, igcoba ingubo ngayinye ngesigaxa esikhulu sensipho eyenziwe ngamafutha esundu bese iyishuka phezu kwetshe. Ngezinye izikhathi yayisebenzisa ibhulashi lokukhuhla ukuze isuse ibala elinenkani. Kubiza malini ukuhlanzelwa izingubo? Kubiza isihlanu ngehembe cishe neshumi ngeshidi. Yingakho ama-fanico kumelwe ahlanze izingubo eziningi kangaka ukuze akwazi ukuziphilisa.
Uma ubungabona izingubo eziningi azihlanzayo, ubungase uzibuze, ‘Akwazi kanjani ukukhumbula ukuthi ingubo ngayinye ekabani?’ Sazibuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi asebenzisa inqubo efana neyeqembu labahlanzi baseNdiya abasebenzisa uphawu oluyimfihlo lokuphawula izingubo. Inqubo esetshenziswa ama-fanico ihluke kakhulu kwesetshenziswa ozakwabo baseNdiya, kodwa nayo iyaphumelela kakhulu.
Umqondisi wethu onolwazi wazama ukusichazela inqubo yama-fanico. Okokuqala, lapho umhlanzi eqoqa izingubo, uphawula ubukhulu bomzimba welungu ngalinye lomkhaya ukuze akhumbule ukuthi ingubo ngayinye ekabani. Akaziphawuli noma azifake ilebula lezi zingubo. Ube esebopha ifindo endaweni efanayo engutsheni ngayinye yalowo mkhaya—ngokwesibonelo, ubopha umkhono wesobunxele, wesokudla, ukhololo, noma ibhande elisokhalweni. Lapho ehlanza lezi zingubo, uyaqikelela njalo ukuba agcine izingubo zomkhaya ofanayo zindawonye. Kithina, kwakusabonakala kuwumsebenzi omkhulu ukukhumbula konke lokhu. Ngakho sabuza um-fanico othile ukuthi kwake kwenzeka yini ukuba alahlekelwe ingubo noma aphambanise izingubo. Ukumangala kwakhe kwasitshela lokho ayekucabanga, ‘Cha. Um-fanico akalokothi alahlekelwe ingubo!’
Ingabe umuntu angeza eMfuleni iBanco afike ahlanze izingubo? Lutho neze! Kunemibandela okufanele ilandelwe. Umuntu ofuna ukuba um-fanico unikezwa izinyanga ezintathu aqeqeshwe umakadebona. Phakathi nalesi sikhathi ufunda inqubo ekhethekile yokukhumbula. Uma ehluleka kulokhu, kuyodingeka athole umsebenzi kwenye indawo. Nokho, uma um-fanico omusha enekhono, ube esekhokha imadlana ethile anikezwe isiteshi sakhe esinethayi netshe, okungafanele sisetshenziswe yinoma ubani omunye.
Insipho Eyenziwe Ngamafutha Esundu
Insipho ibaluleke kakhulu emsebenzini womhlanzi. Ngakho imfundamakhwelo nayo iyaqeqeshwa ukuthi le nsipho isetshenziswa kanjani ngendlela efanele. Kusetshenziswa izinhlobo ezintathu zensipho, ezihlukaniswa ngombala wazo. Insipho emhlophe nephuzi eyokuhlanza izingubo ezingangcolile kakhulu, bese kuthi insipho emnyama kube eyokuhlanza ezingcole kakhulu. Umbala wayo umnyama ngenxa yamafutha esundu, okuyiwona ayisithako esiyinhloko. Njengoba um-fanico ngamunye esebenzisa okungenani izigaxa eziyishumi zensipho usuku ngalunye, abenzi bensipho bendawo bahlale beyidiliva njalo.
Savakashela izindawo ezivamile okwenziwa kuzo insipho egqumeni elengamele “ilondolo.” Lo msebenzi obalulekile wokwenza insipho uqala ngehora lesithupha ekuseni. Izisebenzi sezizithengile izinto ezidingekayo emakethe yendawo—amafutha esundu ajiyile, i-potassium, usawoti, umpe lwesihlahla se-soursop, amafutha kakhukhunathi kanye namafutha kakhokho, futhi zonke lezi zinto aziyingcolisi indawo ezungezile. Lezi zinto zibiliswa ndawonye embizeni enkulu yensimbi ebekwe eziko elibaselwe ngezinkuni. Ngemva kokupheka le ngxube yensipho amahora angaba yisithupha, ithelwa ezingqwembeni nasezitsheni bese iyekwa ukuze inqume. Ngemva kwamahora athile le nsipho iyasikwa ibe yizigaxa ezinkulu.
Umenzi wensipho ube esethwala indishi egcwele lezi zigaxa zensipho ehle ngegquma aye kuma-fanico. Ubanika kanjani abahlanzi insipho uma bematasa behlanza izingubo emfuleni? Umane angene emanzini afika okhalweni ephethe le nsipho ngendishi, ayibeke emanzini intante, abese ediliva insipho kunoma ubani oyifunayo.
Ekupheleni Kosuku
Lapho um-fanico eseqedile ukuhlanza zonke izingubo, uya egqumeni eliseduze aneke izingubo asanda kuzihlanza ngemigqa otshanini noma ocingweni lokuzenzela. Umphumela uba umbukiso okhangayo owasikhanga ekuqaleni. Lesi futhi isikhathi sokuba lo mhlanzi okhuthele adonse umoya. Ntambama lapho zonke izingubo sezomile, usonga ingubo ngayinye ngokucophelela, mhlawumbe a-ayine ezinye izinto nge-ayina yamalahle. Njengoba usuku lusondela ekupheleni, uthatha zonke izingubo ezihlanziwe za-ayinwa, azibophe, abese ezidiliva kubanikazi bazo.
Lapho siqala ukubona imigqa eminingi yezingubo ezazinekiwe, sasingazi ukuthi ungakanani umsebenzi ohilelekile. Ngakho siyajabula kakhulu ngokuthi siye savakashela ama-fanico ase-Abidjan, njengoba manje sesiwuqonda futhi siwazisa kangcono umsebenzi wabo bonke abahlanzi bezingubo emhlabeni.
[Ibalazwe ekhasini 10]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
CÔTE D’VOIRE
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
PhotriMicroStock™/C. Cecil
[Isithombe ekhasini 12]
Umenzi wensipho edayisa izigaxa zensipho