Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/07 k. 11
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga Yamanzi EChina
  • “Ningobani? OFakazi BakaJehova?”
  • Umculo Uhlotshaniswa Nezenzo Zobulili
  • Abathengi Abasaphazayo
  • Ingabe Umculo Ungangilimaza Ngempela?
    I-Phaphama!—1993
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Lapho Inkinga Inkulu Kakhulu Khona
    I-Phaphama!—1997
  • Intsha Enkathini Yezingcindezi
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 5/07 k. 11

Ukubuka Okwezwe

◼ Ugesi odonswa yimishini eshiywa ingacinyiwe ngokuphelele ulinganiselwa kumaphesenti amahlanu ezindleko ezivamile zikagesi emizini yaseCanada.—I-NATIONAL POST, ECANADA.

◼ Imiphumela yenhlolo-vo ethile yabonisa ukuthi abaseRussia bakholelwa ukuthi izindaba ezibaluleke kakhulu okufanele uhulumeni azinakekele zihlanganisa ukulwa “nokukhohlakala” kanye “nokunqanda ukwenyuka kwamanani entengo.”—I-PRAVDA, ERUSSIA.

◼ Inhlolo-vo ethile ibonisa ukuthi izingane ezingamaphesenti angu-26,4 ezifunda ibanga lesithathu nelesine eTaiwan “ziye zacabanga ngokuzibulala.”—I-CHINA POST, ETAIWAN.

◼ “Nakuba ubuchwepheshe buye banciphisa isikhathi esisetshenzwa isonto lonke e-United States ngamaphesenti angu-38 kule minyaka eyikhulu edlule, izisebenzi azinaso isikhathi esithé xaxa sokuphumula, ngenxa yokuhamba amabanga amade lapho ziya emsebenzini, ukufunda kwabantu abaningi abadala nemisebenzi eminingi yasendlini.”—I-FORBES, E-UNITED STATES.

◼ Ukungcola okubangelwa amagesi abamba ukushisa emazweni anezimboni kwanda ngamaphesenti angu-1,6 phakathi kuka-2003 no-2004, kwafinyelela “ezingeni eliphakeme kunawo wonke eminyakeni engaphezu kweyishumi.”—I-REUTERS, E-OSLO, ENORWAY.

Inkinga Yamanzi EChina

ElaseChina linenkinga “yokungcoliswa kwamanzi nokuntuleka kwamanzi ahlanzekile.” Amadolobha amaningi anezikhungo zokukhuculula indle, kodwa iningi lawo alinayo imali yokuzisebenzisa. “Imifula eminingi kuleli zwe, amachibi nemisele kungcoliswe amanzi angcolile aphuma ezimbonini nasemizini yabantu angahlanziwe ngamakhemikhali kanye nokungcola okuvela emapulazini okugcwele izibulala-zinambuzane,” kubika i-Wall Street Journal. Ngaphezu kwalokho, “abantu abangaba yizigidi ezingu-300 abanawo amanzi ahlanzekile aphuzwayo.” I-Journal ithi “lesi simo sibi,” futhi siyaqhubeka siba sibi nakakhulu.

“Ningobani? OFakazi BakaJehova?”

Ngonyaka odlule emabhishi asesiQhingini Sase-Elba e-Italy, izivakashi zahanjelwa yintsha engamaKatolika eyayamukele isimemo sombhishobhi wesifundabhishobhi saseMassa Marittima-Piombino. Wayetshele le ntsha ukuthi uma ifuna ukuba ngamaKristu futhi ihlale injalo, kufanele imemezele ukholo lwayo. Izivakashi zamangala ngalokhu. Iphephandaba i-Tempo lithi le ntsha yayivame ukubuzwa ukuthi, “Ningobani? OFakazi BakaJehova?”

Umculo Uhlotshaniswa Nezenzo Zobulili

Intsha elalela umculo “onezosha ezinenhlamba ezikhuthaza ubulili” isethubeni “lokuqala ubuhlobo bobulili ngaphambi kwaleyo ekhetha ezinye izingoma,” kusho ucwaningo olwabikwa yi-Associated Press. Lo mbiko wathi: “Izingoma ezikhuluma ingcaca ngezenzo zobulili futhi eziveza amadoda ‘njengahlanyiswa ubulili,’ abesifazane njengezinto zokuzanelisa ngazo ngokobulili zingase zibangele intsha ukuba ihlanganyele ebuhlotsheni bobulili ngaphambi kwesikhathi kunalezo ezigudliselayo lapho zikhuluma ngobulili futhi eziveza ubuhlobo obunezibopho. Abazali, othisha nentsha ngokwayo kudingeka bacabangisise ngemiyalezo equkethwe yizosha zomculo.”

Abathengi Abasaphazayo

Inhlangano yezocwaningo i-Australia Institute ibika ukuthi ngo-2004, abantu base-Australia balahla ukudla okungadliwanga okubiza amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-29,5. Lokhu kuyiphinda izikhathi ezingaphezu kwezingu-13 imali abase-Australia abayinikelela ukusiza amazwe angaphandle ngo-2003. Sekukonke, ingqikithi yemali abase-Australia abayichitha ngezinto nangezinkonzo ezingasetshenziswa nhlobo noma ezisetshenziswa ngokwethukela ibalelwa emaRandini angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-58,4 ngonyaka—imali engaphezu kwaleyo leli zwe eliyichitha emayunivesithi nasekulungiseni imigwaqo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela