Ungalufunda Olunye Ulimi!
“Kuyigugu kimi lokhu,” kusho uMike. UPhelps uyanezela: “Kwakuphakathi kwezinqumo ezingcono kakhulu engake ngazenza ekuphileni kwami.” Bobabili bakhuluma ngokwamukela kwabo inselele yokufunda olunye ulimi.
EMHLABENI wonke, liyanda inani labantu abafunda olunye ulimi ngenxa yezizathu ezihlukahlukene—ngokuzithandela, noma ngenxa yezimali, abanye ngenxa yenkolo. I-Phaphama! ixoxe nabathile abafunda olunye ulimi. Kwabuzwa imibuzo enjengokuthi, Kunjani nje ukufunda olunye ulimi usumdala, futhi yini engasiza umuntu ukuba alufunde? Ukwaziswa okulandelayo kusekelwe kulokho abakusho. La maphuzu ungase uwathole ekhuthaza futhi esangulukisa, ikakhulukazi uma ufunda ulimi olusha noma ucabanga ukwenza kanjalo. Ngokwesibonelo, ake ucabangele izimfanelo labo okwaxoxwa nabo abazibona zibaluleke kakhulu ekufundeni olunye ulimi.
Isineke, Ukuzithoba, Nokuzivumelanisa Nezimo
Nakuba izingane ezincane zingabamba ulimi olulodwa noma ezimbili ngesikhathi esisodwa—ngokuvamile ngokuzilalela nje—abantu abadala bona bavame ukuba nobunzima bokufunda olulodwa nje. Esinye sezizathu ukuthi, kufanele babe nesineke ngoba ukufunda ulimi olusha kungase kuthathe isikhathi eside. Futhi ngenxa yokuphila okumatasa, lokhu ngokuvamile kuhilela ukubeka ezinye izinto eceleni.
“Ukuthobeka kubalulekile,” kusho uGeorge. “Lapho usaqala, kufanele ukulungele ukukhuluma—ngezinye izikhathi, uphathwe—njengengane.” Incwadi ethi How to Learn a Foreign Language ithi: “Kufanele uke uthi ukukhohlwa ukuthi ungubani uma uzimisele ukuthuthuka ngempela.” Ngakho-ke ungakhathazeki kakhulu ngawe. UBen uthi: “Uma ungawenzi amaphutha, lokho kusho ukuthi awulusebenzisi ngokwanele ulimi lwakho olusha.”
Ungakhathazeki lapho abanye behleka amaphutha akho—kunalokho, hleka kanye nabo! Empeleni, cishe luyofika usuku oyobaxoxela ngalo izindaba ezijabulisayo ngezinto owawuzisho. Ungesabi ukubuza imibuzo. Ukuqonda ukuthi kungani into ethile ishiwo ngendlela ethile kuyakusiza ukuba ukhumbule.
Ngenxa yokuthi ngokuvamile ukufunda ulimi olusha kusho ukufunda enye indlela yokuphila, kuyasiza ukuzivumelanisa nezimo, nokuba nomqondo osabalele. UJulie uthi: “Ukufunda olunye ulimi kuye kwangisiza ngaqonda ukuthi kunezindlela eziningi zokubona nokwenza izinto. Akusho ukuthi indlela eyodwa ingcono kunezinye—imane nje yehlukile.” UJay uthi: “Yakha ubungane nabantu abakhuluma lolo limi, futhi ukujabulele ukuba phakathi kwabo.” Kuyiqiniso, amaKristu ayoqikelela ukuthi abangane abanjalo bangabantu abakahle abanolimi oluhlanzekile. (1 Korinte 15:33; Efesu 5:3, 4) UJay uyanezela: “Lapho bebona ukuthi unesithakazelo kubo, ekudleni kwabo, emculweni wabo, njalonjalo, uyovele ubakhange.”
Uma uchitha isikhathi esiningi ulufunda, futhi ulusebenzisa lolo limi, uyothuthuka ngokushesha. UGeorge uthi: “Sithola izindlela zokukhulumisana ngendlela efana nendlela izinkukhu ezidla ngayo—uhlamvu ngohlamvu. Izingxenyana ezincane ziwubala, kodwa ziyaqhubeka zinqwabelana.” UBill owafunda izilimi eziningana ngesikhathi eyisithunywa sevangeli, uthi: “Ngangihamba nohlu lwamaqoqo amagama noma kuphi lapho ngiya khona futhi ngiwafunda njalo lapho ngithola imizuzwana.” Iningi liye lathola ukuthi ukuba nezikhawu ezimfushane zokufunda njalo kusebenza kakhulu kunezikhathi ezinde ezingahlelwa njalo.
Kunenqwaba yezinto ezimangalisayo zokusiza abantu ukuba bafunde ulimi, ezihlanganisa izincwadi, izinto eziqoshiwe, amakhadi okufunda, nokunye. Nokho, nakuba zikhona lezi zinto, abantu abaningi bathola ukuthi bafunda kangcono ezindaweni ezihleliwe njengamakilasi. Sebenzisa noma iyiphi indlela ekusebenzela kahle wena. Nokho, ungakhohlwa ukuthi, azikho izindlela ezisheshayo ezidlula umzamo nokubekezela. Kodwa zikhona izindlela zokwenza ukufunda kube lula futhi kujabulise. Enye yazo ukwandisa ulwazi ngalolo limi nendlela yokuphila yabantu abalukhulumayo.
UGeorge uthi: “Ngemva kokwazi kahle izinto eziyisisekelo nokuba nolwazi lwabasafunda, kungaba kuhle ukuchitha isikhathi esithile ezweni eligcwele abantu abakhuluma lolo limi.” UBarb uyavuma, “Ukuvakashela kulelo zwe kwenza ukuba ukwazi ukumunca ubumnandi balolo limi.” Okubaluleke kakhulu, ukuba sendaweni enjalo kukusiza ukuba ucabange ngolimi olusha. Kuyavunywa, abantu abaningi bangase bangabi sesimweni sokuya kwelinye izwe. Kodwa angaba khona amathuba endaweni okugxila kakhulu kulolo limi nosiko-mpilo lwalo. Ngokwesibonelo, kungase kuba khona izincwadi noma izinhlelo emsakazweni noma kuyithelevishini ngolimi olufundayo. Funa abantu endaweni abalukhuluma kahle lolo limi bese ukhuluma nabo. Incwadi ethi How to Learn a Foreign Language, ithi: “Ekugcineni, ukuzama ukulukhuluma njalo lolo limi kubaluleke kakhulu ukuze uthuthuke.”a
Lapho Intuthuko Ingasabonakali
Njengoba uqhubeka ulufunda ulimi, ngezinye izikhathi ungase ungayiboni intuthuko—ubone sengathi umi ndawonye. Yini ongayenza? Okokuqala, cabanga ngezizathu ezikwenze wafuna ukulufunda lolu limi. OFakazi bakaJehova abaningi baye bafunda olunye ulimi ukuze basise abantu ukuba bafunde iBhayibheli. Ukucabanga ngemigomo yakho yokuqala noma injongo kungakukhuthaza ukuba uqhubeke.
Okwesibili, linganisela kulokho ofuna ukukufinyelela. Incwadi ethi How to Learn a Foreign Language, ithi: “Ungase ungaphumeleli ukulukhuluma njengabanikazi balo. Akuyona inhloso leyo. Ufuna nje ukuba abantu bakwazi ukukuzwa.” Ngakho, kunokukhalela ukuthi awuqephuzi ngendlela oqephuza ngayo uma ukhuluma ulimi lwakho, gxila ekukhulumeni kahle lokho osukufundile.
Okwesithathu, bheka izinto ezibalulekile ukuze uhlole intuthuko yakho. Ukufunda ulimi kufana nokubuka utshani bukhula—awukuboni ukukhula kwabo, kodwa buyaphakama usuku nosuku. Ngokufanayo, uma ubheka emuva ngesikhathi usaqala, ngokungangabazeki uyobona ukuthi usuthuthukile. Gwema ukwahlulela intuthuko yakho ngokuziqhathanisa nabanye. Isimiso esihle ongasisebenzisa sitholakala eBhayibhelini kweyabaseGalathiya 6:4. Ithi: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”
Okwesine, bheka intuthuko yakho njengento ethatha isikhathi eside kodwa ezuzisayo ekugcineni. Cabanga ngalokhu: Kungakanani okungafezwa ingane eneminyaka emithathu noma emine lapho ikhuluma? Ingabe isebenzisa amagama alukhuni nenkulumo eyinkimbinkimbi? Cha akunjalo! Kodwa, iyakwazi ukuxoxa ngendlela evamile. Ngempela, ngisho nasenganeni, ukufunda olunye ulimi kuthatha iminyaka eminingana.
Okwesihlanu, lusebenzise ngangokunokwenzeka ulimi olusha. UBen uthi: “Kwakuba sengathi angithuthuki uma ngingalusebenzisi njalo lolu limi.” Ngakho-ke qhubeka wenza lokho. Lukhulume, lukhulume, lukhulume! Ngokwemvelo, kungase kucindezele ukuzama ukuxoxa uma uneqoqo lamagama elingangelomntwana omncane. “Into enzima kakhulu kimi ukuhluleka ukusho lokho engifuna ukukusho, lapho ngifuna ukwenza kanjalo,” kwakhala uMileivi. Kodwa ukucindezeleka okunjalo kungakukhuthaza. UMike uyakhumbula: “Kwakungicasula ukuba sesimweni lapho ngangingakwazi ukuqonda izindaba namahlaya. Ngicabanga ukuthi imizwa enjalo yangenza ngasebenza kanzima ukuze ngidlule kuleso simo.”
Indlela Abanye Abangasiza Ngayo
Yini abangayenza labo abakhuluma lolo limi ukuze bakusize? UBill, ocashunwe ekuqaleni uyeluleka, “Khuluma ngokunensa kodwa ngokunembile, hhayi njengengane.” UJulie uthi: “Yiba nesineke, futhi ungamqedeleli imisho umuntu ofundayo.” UTony uyakhumbula: “Abantu abakhuluma izilimi ezimbili babethambekele ekukhulumeni nami ngolimi lwami. Kodwa lokho empeleni kwenza intuthuko yami yahamba kancane.” Ngakho-ke, abanye abantu abasafunda ulimi baye bacela abangane babo ukuba bakhulume nabo ngolimi olusha ngezikhathi ezithile nokuthi basho izinto ezithile okufanele basebenzele kuzo. Abasafunda kufanele babazise kakhulu labo abayincoma ngobuqotho imizamo yabo. UGeorge wathi: “Ngangingeke ngikwenze ngaphandle kothando nesikhuthazo sabangane bami.”
Ngakho-ke, ingabe ukufunda olunye ulimi kuwufanele umzamo? “Impela!” kuphendula uBill, njengoba sichazile ekuqaleni, ukhuluma izilimi eziningi. “Kuye kwasabalalisa indlela engibheka ngayo izinto ekuphileni futhi kwangisiza ngabheka izinto ngokombono wabanye. Ngokukhethekile, ukukwazi ukufunda iBhayibheli nabantu abakhuluma lezi zilimi ngibabone bewamukela amaqiniso futhi bethuthuka ngokomoya kuwudlula kakhulu umzamo. Empeleni, isazi sezilimi esikhuluma izilimi ezingu-12 sake sathi kimi: ‘Ngifisa ukuba nguwe. Ngifunda izilimi ngoba ngithanda nje; wena uzifundela ukusiza abantu ngempela.’”
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Phaphama! ka-January 8, 2000, amakhasi 12-13.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
Isifiso sokusiza abanye siyisikhuthazo esinamandla kakhulu ekufundeni ulimi