Intsha Exhumana Nge-Internet!
Ake ucabange ngengane yakho eneminyaka eyishumi ubudala izulazula yodwa emigwaqweni ebusuku.
Ake ucabange ngengane yakho eyevile eminyakeni eyishumi nambili ihlela ukuba nomcimbi emzini wakho ube ungazi lutho ngawo.
Ake ucabange ngendodana noma indodakazi yakho isika ezinye izihluthulelo zendlu yakho bese izinika abantu ongabazi nhlobo.
UMA ingane yakho iyisebenzisa i-Internet, lezi zimo ezingenhla aziyona into engenakwenzeka njengoba kungase kubonakale kanjalo. Umagazini i-Science News uthi: “I-Internet yenza abantu bakwazi ukuba nemihlangano eminingi futhi ehlukahlukene ngendlela engakaze ibonwe, kusukela kuma-message board kuya ezingosini zokuthumelelana imiyalezo ngokushesha kanye nalezo okuthiwa ezokuxhumana nabangane.”
Intsha izivumelanise ngokushesha nokuphila kwe-Internet. Ngempela, ngo-2004 cishe abantu abangu-9 kwabayishumi e-United States abaphakathi kweminyaka engu-12 nengu-17 bebesebenzisa i-Internet, etholakala cishe kuzo zonke izingxenye zomhlaba.
Bambalwa abantu abangaphika ukuthi i-Internet iwusizo. Kodwa akukho muntu okufanele ahlale engazi lutho ngezingozi zayo. Ngokwesibonelo, intsha eningi iphuma ingena yodwa ezingosini ze-Internet, futhi enye yakha ubungane nabantu obungeke wena—ngisho nezingane zakho—ulokothe ubameme emzini wakho.
Enye intsha engaqaphile ize ifake nemininingwane, izinto ezicabangayo nezithombe zayo siqu kuyi-Internet. NgokukaProfesa Zheng Yan wase-State University of New York, intsha “ngokuvamile ayiqapheli ukuthi baningi kangakanani abantu abathola lokho kwaziswa ekufakile, kuhlanganise nalabo abanukubeza izingane ngokobulili.”
Ake sihlolisise ukuthi yenzani intsha eningi kuyi-Internet. Lokhu kuzosisiza ukuba sibone izinkinga ezingase zivele, ukuthi zifunani ngempela izingane zethu kanye nendlela esingase sizisize ngayo ukuze zanelise izidingo zazo ezifanelekile. Kuzosiza nentsha engamaKristu ukuba ihlangabezane nenselele yokuhlala ithembekile kuNkulunkulu phakathi nalezi zikhathi ezinzima.—2 Thimothewu 3:1-5.