Okwenza Abaluleke Kangaka
SEKUPHELE iminyaka engu-2 000 manje kulokhu kugxilwe endabeni yokuzalwa kukaJesu. Ngokukadokotela wekhulu lokuqala uLuka, ingelosi yatshela intombi egama layo linguMariya: “Bheka! uzokhulelwa, ubelethe indodana, kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu.” Lesi sithunywa esiyingelosi sathini ngoJesu? Sathi: ‘Uyoba umuntu omkhulu abizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke. Uyobusa njengenkosi futhi umbuso wakhe ngeke uphele.’—Luka 1:31-33.
Ngokuqinisekile, yilokho kanye isintu esikudingayo—umbusi wezwe olungile ozoqondisa izindaba zezwe ngendlela enothando! Empeleni, esikhathini eside ngaphambi kokuba uJesu azalwe, iBhayibheli labikezela: “Sizalelwe umntwana, sinikwe indodana, futhi uhulumeni uyokuba semahlombe akhe. Uyobizwa ngokuthi . . . uBaba Ongunaphakade, iNkosana Yokuthula. Ukwanda kukahulumeni wakhe nokuthula akuyikuba nakuphela.”—Isaya 9:6, 7, New International Version.
Uhulumeni onokulunga nokuthula—yeka amathemba akhazimulayo! Kodwa phawula, kwabikezelwa ukuthi lo hulumeni uyokuba semahlombe enkosana—“iNkosana Yokuthula”—okwembula ukuthi iNkosi ephezu kwakho konke, uNkulunkulu uMninimandla onke, inikeza iNdodana yayo amandla okubusa. Ngenxa yalokho, uJesu ngokuphindaphindiwe wabiza lo hulumeni ayeyoba uMbusi wawo ngokuthi “umbuso kaNkulunkulu.”—Luka 9:27, 60, 62.
Ekuqaleni kwenkonzo yakhe uJesu wathi: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) UJesu waze wafundisa nabalandeli bakhe ukuba bathandazele ukufika kwalo Mbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 6:9, 10) Iphephabhuku i-Christianity and Crisis lithi “uMbuso wawuyisihloko esisemqoka semfundiso [kaJesu],” futhi liyanezela: “Asikho esinye isihloko esasisengqondweni yakhe kangaka noma esasibaluleke kakhulu ngale ndlela esigijimini sakhe. Kukhulunywa ngaso izikhathi ezingaphezu kwekhulu ekulandiseni kwamaVangeli.”
Imibuzo Edinga Ukucatshangelwa
Umbheka kanjani uJesu namuhla? Ngokuvamile kulesi sikhathi sonyaka, uvezwa njengosana olusemkhombeni. Kuyiqiniso ukuthi okwesikhashana wake waba usana olungenakuzisiza. (Luka 2:15-20) Kodwa ingabe yileyo ndlela ngokuyinhloko okufanele akhunjulwe ngayo? Ake ucabange ngako, Kungani uJesu azalwa njengomuntu? Empeleni, wayengubani?
I-Encarta Yearbook ka-1996 yabuza: “Ingabe uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu, uMesiya othenjiswe eBhayibhelini lesiHebheru? Noma wayemane nje engumuntu, mhlawumbe onamandla angalé kwavamile, kodwa noma kunjalo engumuntu?” Imibuzo enjalo idinga ukucatshangisiswa. Ngani? Ngoba khona kanye ukuphila nenjabulo yethu kuxhomeke endleleni esibheka ngayo uJesu nasekuziphatheni kwethu ngakuye. IBhayibheli lithi: “Obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongayilaleli iNdodana ngeke akubone ukuphila.”—Johane 3:36.
Wayengeyena Umuntu Ovamile
Ngemva kokuchaza lokho uJesu akwenza ethempelini laseJerusalema ngesikhathi eneminyaka engu-12 ubudala, iBhayibheli lithi wabuyela ekhaya noMariya nomyeni wakhe, uJosefa, futhi “[uJesu] waqhubeka ezithoba kubo.” (Luka 2:51, 52) Kodwa lapho uJesu esekhulile, kwacaca ukuthi wayengeyena umuntu ovamile.
Lapho uJesu ethulisa ulwandle olwalugubha ngamandla ngenxa yesiphepho, umngane wakhe owayegajwe ukwesaba wathi: “Ungubani ngempela lo?” (Marku 4:41) Ekugcineni, uJesu wanikelwa kumbusi wamaRoma uPontiyu Pilatu ebhecwa ngamacala ayengawenzanga. Eqiniseka ngobumsulwa bukaJesu futhi eshukunyiswa isithunzi sakhe naphezu kokuphathwa ngonya nangendlela engenabulungisa, uPilatu wamethula esixukwini ehlabeke umxhwele, ethi: “Bhekani! Indoda!” Kodwa amaJuda aphendula: “Sinomthetho thina, futhi ngokwalo mthetho kufanele afe, ngoba uzenze indodana kaNkulunkulu.”—Johane 19:4-7.
Lapho ezwa ukuthi uJesu ubizwa ngokuthi “indodana kaNkulunkulu,” uPilatu wesaba kakhulu. Ngaphambidlana umkakhe wayethumele emtshela ngalokho ayekuphuphile ngoJesu, ambiza ngokuthi ‘yilowo muntu olungileyo.’ (Mathewu 27:19) Ngakho uPilatu wazibuza ukuthi wayengubani ngempela uJesu! Nakuba ayazi ukuthi uJesu ungowaseGalile, wabuza: “Ungowaphi wena?” Lapho uJesu enqaba ukumphendula, ingxoxo yaphela ngokushesha.—Johane 19:9, 10.
Kusobala-ke ukuthi uJesu wayengumuntu, kodwa wayengafani nabanye abantu ngoba ngaphambili wayengumuntu womoya, owayaziwa ezulwini ngokuthi uLizwi. UNkulunkulu wabe esedlulisela ukuphila kwakhe ngokuyisimangaliso esibelethweni sikaMariya. Umphostoli uJohane wakufakazela lokhu: “ULizwi waba yinyama wahlala phakathi kwethu.”—Johane 1:1, 2, 14, 18; IsAmbulo 3:14.
Okwenza Kudingeke Umuntu Ovela Ezulwini
Ngaphambi kokuba umuntu wokuqala, u-Adamu, abe nabantwana, wawela esonweni. Ingelosi eyisihlubuki, eyabizwa ngokuthi uDeveli noSathane, yaphumelela ekumyengeni ukuba angalaleli uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, u-Adamu walahlekelwa ubuhlobo bakhe bokuba yiNdodana kaNkulunkulu, njengoba nje uNkulunkulu ayethe kuyokwenzeka uma engalaleli. Ngakho u-Adamu wabhekana nemiphumela. Waba umuntu ongaphelele, waguga, futhi ekugcineni wafa.—Genesise 2:15-17; 3:17-19; IsAmbulo 12:9.
Lichaza ngemiphumela yokungalaleli kuka-Adamu kithi sonke, inzalo yakhe, iBhayibheli lithi: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Kuyadabukisa ukuthi sonke sazuza ifa lesono kukhokho wethu u-Adamu kanye nemiphumela yaso esabekayo, ewukuguga nokufa.—Jobe 14:4; Roma 3:23.
Ukukhululeka emiphumeleni enjalo kwakungatholakala kuphela ngokuba nobaba ophelele, owayengazange azuze ifa lesono nemiphumela yaso esabekayo. Ake ucabangele indlela alungiselelwa ngayo lowo baba omusha, ofana no-Adamu ophelele.
Kulungiselelwa Umuntu Odingekayo
Cishe uyakhumbula ukuthi “iNkosana Yokuthula” ethenjisiwe ibizwa nangokuthi “uBaba Ongunaphakade.” (NIV) Ukuzalwa kwayo njengomuntu kwabikezelwa ngale ndlela: “Intombi empeleni iyokhulelwa, ibelethe indodana.” (Isaya 7:14; Mathewu 1:20-23) UJesu akazange abe nobaba ongumuntu, njengoba nje kwakunjalo ngo-Adamu, umuntu wokuqala. Lapho silanda ngohlu lozalo lukaJesu kuze kuyofika ekuqaleni komlando wesintu, isazi-mlando seBhayibheli, uLuka, sibonisa ukuthi ngesikhathi u-Adamu edalwa waba “indodana kaNkulunkulu.” (Luka 3:38) Kodwa njengoba sesifundile, u-Adamu walahlekelwa yilobo buhlobo bokuba yindodana kaNkulunkulu—balahlekela yena ngokwakhe kanye nayo yonke inzalo yakhe. Ngakho kunjengokungathi sonke sidinga ubaba omusha ophelele—ofana no-Adamu ngesikhathi edalwa.
UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe isuka ezulwini ukuze izoba yilowo Adamu omusha othatha isikhundla sowokuqala. IBhayibheli lithi: “‘Umuntu wokuqala u-Adamu waba umphefumulo ophilayo.’ U-Adamu wokugcina waba umoya onika ukuphila. Umuntu wokuqala uvela emhlabeni futhi wenziwe ngothuli; umuntu wesibili uvela ezulwini.” (1 Korinte 15:45, 47) UJesu, “u-Adamu wokugcina,” ufana “nomuntu wokuqala u-Adamu” ngoba wayengumuntu ophelele, onamandla okuba nabantwana abaphelele, ababengaphila phakade njengabantu abaphelele emhlabeni.—IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4.
UJesu, ongazange abe nabantwana, wahlala ethembekile kuNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe, naphezu kwakho konke ukuhlasela kukaSathane. Ukuphila komuntu ophelele nokobuqotho uJesu anikela ngako njengomhlatshelo, noma akudela, kubizwa ngokuthi isihlengo. IBhayibheli liyachaza: “Sitholé ukukhululwa [esonweni nasekufeni esakuzuza njengefa ku-Adamu] ngesihlengo esingegazi [likaJesu].” Lithi futhi: “Njengoba nje ngokungalaleli [kuka-Adamu] abaningi baba yizoni, ngokufanayo futhi ngokulalela [kukaJesu] abaningi bayoba ngabalungileyo.”—Efesu 1:7; Roma 5:18, 19; Mathewu 20:28.
Uma sibonisa ukholo kuJesu, uyoba ‘nguBaba wethu Ongunaphakade’ “noMsindisi.” Uyosebenzisa amandla akhe okubusa ngendlela emangalisayo njengoba ekhonza njengoMbusi woMbuso kaYise. Ake sihlole ukuthi kuyoba njani ukuphila ngaphansi kwalokho kubusa, sicabangele nokuthi singase sikulindele nini ukugcwaliseka kwalezi zibusiso ezinhle kangaka.—Luka 2:8-11.
[Izithombe ekhasini 5]
Umbheka kanjani uJesu namuhla?
[Isithombe ekhasini 6]
Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “u-Adamu wokugcina”?