Umbuzo Onzima Kakhulu
“KUNGANI?” Kudabukisa kakhulu ukubona ukuthi lelo gama nje elilula lingaveza usizi nobuhlungu obukhulu kangakanani. Abantu bavame ukubuza lowo mbuzo ngemva kokugadla kwenhlekelele: Kuhlasela isiphepho endaweni, sishiye umonakalo omkhulu nenqwaba yabantu abafile. Ukuzamazama komhlaba kucekela phansi lonke idolobha. Ngenxa yokuhlasela kwamaphekula, usuku oluthule futhi oluvamile luphenduka isiyaluyalu sokwesaba nobudlova. Noma othandekayo wehlelwa yingozi alimale noma afe.
Ngokuvamile izisulu zihlanganisa abantu abangenacala nabangenamandla okuzivikela. Ezikhathini zamuva nje kuye kwaba nezinhlekelele ezinjalo eziningi, okuye kwenza abaningi babuza uNkulunkulu umbuzo othi, “Kungani?” Cabangela izibonelo ezithile:
◼ “Nkulunkulu, ukwenzeleni lokhu kithi? Senzeni le ekucasule kangaka?” Ingosi yezindaba i-Reuters yabika ukuthi isalukazi esithile eNdiya sabuza leyo mibuzo ngemva kokuba i-tsunami ibhubhise idolobhana lakubo.
◼ “Ubekuphi uNkulunkulu? Futhi uma uNkulunkulu enamandla okulawula zonke izinto, kungani evumele lokhu ukuba kwenzeke?” Le mibuzo yabuzwa iphephandaba elithile eTexas, e-U.S.A., ngemva kokuba kungene umuntu esontweni wadubula, kwalimala futhi kwafa abakhulekeli abaningana.
◼ “UNkulunkulu uvumeleni ukuba afe?” Owesifazane othile wabuza lo mbuzo ngemva kokuba umngane wakhe ebulawe umdlavuza, washiya umfelwa enomthwalo wokunakelela izingane zabo ezinhlanu.
Akubona laba bantu kuphela abacabanga ukuthi nguNkulunkulu obangela lezi zinkinga ngandlela-thile. Ngokwesibonelo, uma kuziwa ezinhlekeleleni zemvelo, cishe ingxenye yabantu ababe nengxenye kuyinhlolo-vo yamuva nje kuyi-Internet yayinomuzwa wokuthi izinhlekelele ezinjengeziphepho zivela kuNkulunkulu. Kungani abaningi kangaka bezizwa ngaleyo ndlela?
Ukudideka Okubangelwa Yinkolo
Kunokuba banikeze izimpendulo ezanelisayo, abaholi benkolo bavame ukunezela ekudidekeni. Ake sihlole ezintathu nje zezimpendulo abavame ukuzinikeza.
Okokuqala, abaholi abaningi benkolo bashumayela ukuthi uNkulunkulu uletha izinhlekelele ukuze ajezise abantu abaphambukile. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba idolobha laseNew Orleans, eLouisiana, e-United States, licekelwe phansi iSiphepho uKatrina, abanye abefundisi bathi uNkulunkulu wayejezisa leli dolobha. Bakhomba ukwanda kwenkohlakalo, ukugembula nokuziphatha okubi. Abanye baze bakhomba iBhayibheli njengobufakazi, bephawula izenzakalo lapho uNkulunkulu abhubhisa khona ababi ngesikhukhula noma ngomlilo. Nokho, amazwi anjalo alimelela kabi iBhayibheli.—Bheka ibhokisi elithi “Ingabe Yizenzo ZikaNkulunkulu?”
Okwesibili, abanye abefundisi bagomela ngokuthi uNkulunkulu unezizathu zokuletha izinhlekelele ezehlela abantu kodwa asinakuziqonda lezi zizathu. Abantu abaningi awubanelisi umbono onjalo. Bayazibuza, ‘Ingabe uNkulunkulu onothando ubengabenza ngempela lobu bubi kodwa enqabe ukucacisela labo abalangazelela induduzo futhi ababuza ngokunxusa umbuzo othi, “Kungani?”’ Khumbula ukuthi iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uluthando.”—1 Johane 4:8.
Okwesithathu, abanye abaholi benkolo banomuzwa wokuthi mhlawumbe uNkulunkulu akanawo onke amandla futhi akanalo uthando. Nalapha futhi, incazelo enjalo iphakamisa imibuzo enzima. Ingabe Lowo ‘owadala zonke izinto’—kuhlanganise nendawo yonke esingenakuyiqonda—akanamandla okuvimbela ukuhlupheka kule planethi eyodwa vó? (IsAmbulo 4:11) Kungenzeka kanjani ukuba Lowo osinike ikhono lokuthanda, oZwi lakhe limchaza ngokuthi uluthando uqobo lwalo, angathinteki lapho abantu behlupheka?—Genesise 1:27; 1 Johane 4:8.
Kuyiqiniso ukuthi amaphuzu amathathu asanda kushiwo angezinye nje zezindlela abantu abazama ngazo ukuchaza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka—umbuzo osekungamakhulu eminyaka uxaka abantu abacabangayo. Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela ukuthi iBhayibheli lifundisani ngale ndaba ebalukile nesezingqondweni zabantu kumanje. Njengoba uzobona, incazelo yeBhayibheli enengqondo nezwakalayo isusa konke ukudideka. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli libanikeza induduzo enkulu bonke abaye babhekana nezinhlekelele ekuphileni.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4]
Ingabe Yizenzo ZikaNkulunkulu?
Ingabe iBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu ubangela izinhlekelele zemvelo esizibona namuhla? Lutho neze! Izahlulelo zikaNkulunkulu ezichazwe eBhayibhelini zihluke ngokuphelele ezinhlekeleleni zemvelo. Ngokwesibonelo, isahlulelo sikaNkulunkulu siyakhetha; ufunda izinhliziyo zabantu ngabanye bese ebhubhisa kuphela labo ababona bebabi. (Genesise 18:23-32) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu ukhipha izixwayiso kuqala, kanjalo anike abalungile ithuba lokusinda.
Ngakolunye uhlangothi, izinhlekelele zemvelo zigadla ngaphandle kwesixwayiso, futhi zibulala noma zigoge abantu ngokungakhethi. Ngandlela-thile, abantu baye bazenza zaba zimbi nakakhulu lezi zinhlekelele ngokulimaza imvelo nangokwakha ezindaweni ezithandwa ukuzamazama komhlaba, izikhukhula nesimo sezulu esibi.
[Umthombo]
SENA VIDANAGAMA/AFP/Getty Images
[Isithombe ekhasini 4]
Abaholi benkolo baye banikeza izimpendulo ezihlukahlukene ezididayo