Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ingabe Usengozini Yogibe Lokuphuza? (October 8, 2005) Ngifunde izincwadi eziningi ezivela kubafundi balo magazini abathi: “Lesi sihloko sifike ngesikhathi.” Angikaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngizizwe ngale ndlela, kodwa ngizizwe kanjalo lapho ngifunda izihloko eziwuchungechunge zalo magazini. Sekuyisikhathi ngikhathazwa indlela engiphuza ngayo usuku nosuku, ngisho noma ngingakaze ngidakwe. Kwabe sekufika lolu chungechunge. Ngemva kokufunda ngezingozi, ngaba nomuzwa wokuthi kwase kuyisikhathi sokuzikhulula kule nkinga.
K. W., Germany
Lolu chungechunge lwachaza okuhlangenwe nakho kukaHilario, owayeseneminyaka engu-30 ephuza futhi ‘owayesehluleke kaningi’ ukuyeka utshwala. Wathi labo ahlanganyela nabo ebandleni ‘babemsekela njalo futhi bemkhuthaza.’ Kodwa ingabe kwakungafanele asolwe noma asuswe ebandleni lamaKristu?
R. L., United States
“I-Phaphama!” iyaphendula: Ukulandisa okufushane kukaHilario akusho ukuthi waba nini umKristu obhapathiziwe phakathi nale minyaka engu-30 enenkinga yotshwala. Futhi akuvezi ukuthi abadala bebandla bake bamsola yini. Lesi sihloko siyasho ukuthi uHilario wanikwa “iseluleko seBhayibheli uma kufanele,” ngezikhathi ezithile esinikezwa ikomiti yokwahlulela. Ngezinye izikhathi umuntu uyahluleka uma elwa nokuphuza kakhulu, njengoba kwakunjalo ngoHilario. Ukuthi zisingathwa kanjani izindaba ezinjena eziphathelene namaKristu abhapathiziwe, sicela ubheke “INqabayokulinda” (yesiNgisi) ka-May 1, 1983, amakhasi 8-11 (ngesiZulu, INqabayokulinda ka-September 15, 1983, amakhasi 7-11).
Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngithambekele Kubantu Abangalungile? (August 8, 2005) Lesi sihloko sangisiza ngabona ukuthi angikwazi ukuba mbaxa-mbili emigomweni yami. Sangikhuthaza ukuba ngizimisele ngempela ukuzihlukanisa nabantu abangalungile. Manje sengakhe ubuhlobo obuhle nabaningi ebandleni, abancane nabadala, okungenze ngazizwa ngithandwa yilabo abathanda uJehova futhi abangikhuthaza ukuba ngiqhubeke endleleni eya ekuphileni.
M. D., Mexico
Ngangizimisele Ukufinyelela Umgomo Wami (July 8, 2005) Kwehla izinyembezi lapho ngifunda okuhlangenwe nakho kukaMartha. Nami ngiye ngahlushwa isithuthwane. Sekuyiminyaka eyishumi ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele, futhi ngezinye izikhathi kunzima—ikakhulukazi uma singibamba. Indaba kaMartha iye yaqinisa ukuzimisela kwami futhi yangenza ukuba ngingalilahli ithemba. Ingikhuthaze kakhulu.
J. S., Poland
Ngilwa nenkinga efanayo nekaMartha. Ngemva kokufunda indaba yakhe, ngiye ngaqala ukukuqaphela lokho engikudlayo. Kwaphela iminyaka engaphezu kweyishumi ngivumele isithuthwane ukuba singivimbele ukukhonza uJehova ngokugcwele. Kodwa cishe eminyakeni emithathu edlule, nganquma ukuba umshumayeli wesikhathi esigcwele, futhi angizisoli. Kwangathi uJehova anganibusisa ngokunyathelisa okuhlangenwe nakho okukhuthaza kangaka!
B.C.C, Brazil
Okwangikhuthaza kakhulu ngalesi sihloko ukuthi uMartha akazange adikibale. Kwangiduduza ukuthi nakuba ake waphazamiseka enkonzweni yakhe, waba nombono olinganiselayo futhi wayeqiniseka ngokuthi uJehova uyayazisa inkonzo yakhe yomphefumulo wonke.
S. H., Japan
Ngiye ngabhekana nesimo esifana nse nesikaMartha, futhi kufanele ngazi ukuthi amandla ami agcina kuphi. NjengoMartha, ngiye ngakwazi ukukhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Ngakho-ke indaba yakhe yangikhuthaza.
F. G., Switzerland