Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Iseluleko Esiya KuMarta, Nokufundisa Ngomthandazo
PHAKATHI nesikhathi senkonzo kaJesu yaseJudiya, ungena emzaneni waseBethaniya. Lapha kulapho uMarta, uMariya, nomfowabo uLazaru behlala khona. Mhlawumbe uJesu wahlangana nalaba abathathu ngaphambili enkonzweni yakhe ngakho kakade usewumngane wabo omkhulu. Nokho, manje uJesu uya ekhaya likaMarta futhi uyamamukela.
UMarta unesifiso sokuhlinzeka uJesu ngokungcono kakhulu anakho. Ngempela, kuyilungelo elikhulu ukuba uMesiya othenjisiwe avakashele ikhaya lomuntu! Ngakho uMarta uba matasa ekulungiseni izibiliboco nokunakekela eminye imininingwane eminingi eyenzelwe ukwenza ukuvakasha kukaJesu kujabulise ngokwengeziwe futhi anethezeke.
Ngakolunye uhlangothi, udadewabo kaMarta uMariya uhlala phansi ezinyaweni zikaJesu abese emlalela. Ngemva kwesikhashana, uMarta uyasondela futhi uthi kuJesu: “Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile, ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.”
Kodwa uJesu uyenqaba ukusho noma yini kuMariya. Kunalokho, weluleka uMarta ngokukhathazeka ngokweqile ngezinto ezibonakalayo. “Marta, Marta,” esola ngomusa, “unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi. Kodwa inye into edingekile.” UJesu usho ukuthi akudingekile ukuchitha isikhathi esiningi elungisa izinhlobo eziningi zokudla. Izinhlobo ezimbalwa nje kuphela noma ngisho uhlobo olulodwa lokudla lwanele.
Izinhloso zikaMarta zinhle; ufuna ukuba umnakekeli omuhle wezivakashi. Nokho, ngokugxila kwakhe kakhulu emalungiselelweni ezinto ezibonakalayo, uphuthelwa ithuba lokufundiswa komuntu siqu okuvela eNdodaneni kaNkulunkulu! Ngakho uJesu uyaphetha: “UMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”
Kamuva, ngesinye isikhathi, omunye umfundi ubuza uJesu: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.” Ngokunokwenzeka lomfundi wayengekho cishe unyaka nengxenye ngaphambili lapho uJesu enikeza umthandazo oyisibonelo eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. Ngakho uJesu uphinda iziyalezo zakhe kodwa abeseqhubeka enikeza umfanekiso ukuze agcizelele isidingo sokuphikelela emthandazweni.
“Ngumuphi kini oyakuba-nomhlobo,” uJesu uyaqala, “aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe-zintathu, ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe; yena-ke ophakathi aphendule athi: Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike, na? Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa [yokuphikelela, NW] kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.”
Ngalokhu kuqhathanisa uJesu akaqondile ukusho ukuthi uJehova uNkulunkulu akazimisele ukusabela ezicelweni zethu, njengoba wayenjalo umhlobo endabeni yakhe. Cha, kodwa ubonisa ukuthi uma umhlobo ongathandi eyosabela ezicelweni eziphikelelayo, uyokwenza kanjalo kakhulu kangakanani uBaba wethu onothando osezulwini! Ngakho uJesu uyaqhubeka: “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.”
Khona-ke uJesu ubhekisela kobaba abangabantu abangaphelele, abanesono, ethi: “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” Ngempela, yeka isikhuthazo esishukumisayo esinikezwa uJesu sokuphikelela emthandazweni. Luka 10:38–11:13.
◆ Kungani uMarta emlungiselela kakhulu kangaka uJesu?
◆ UMariya wenzani, futhi kungani uJesu etusa yena kunoMarta?
◆ Yini eyabangela uJesu ukuba aphinde iziyalezo zakhe ngomthandazo?
◆ UJesu wasifanekisela kanjani isidingo sokuphikelela emthandazweni?