Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/06 k. 23-k. 25 isig. 4
  • Ngingabasiza Kanjani Abadinga Usizo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabasiza Kanjani Abadinga Usizo?
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Nawe Ungasiza
  • Wathulula Isifuba Sakhe KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • UHana Wathandazela Ukuthola Indodana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Wathululela Isifuba Sakhe KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indlela UHana Akuthola Ngayo Ukuthula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 8/06 k. 23-k. 25 isig. 4

Intsha Iyabuza . . .

Ngingabasiza Kanjani Abadinga Usizo?

“Ngifisa ukuthi lapho ngiqeda isikole ngithole umsebenzi wokulungisa ugesi. Ngifuna ukusiza ekwakheni amaHholo OMbuso.”—UTristan, oneminyaka engu-14.

“Nginikela ngama-dollar angu-20 [R120] emalini okuzothengwa ngayo umshini omusha wokunyathelisa izincwadi. Yimali engiyiphiwa abazali bami nyanga zonke, kodwa ngifuna ukuninika yona.”—U-Abby, oneminyaka engu-9.

ENKATHINI lapho iningi liphetha ngokuthi intsha inobugovu, intsha eningi—kuhlanganise nentsha ecashunwe ngenhla—izibonakalisa ihlukile. Phakathi koFakazi BakaJehova, izinsizwa nezintombi eziningi zisebenzisa isikhathi, amandla, kanye nezimali ukukhonza abanye. (IHubo 110:3) Ake ucabangele ezinye izibonelo.

Ngemva nje kokushona kukagogo wakhe, uJirah wase-Australia oneminyaka engu-7 wathola isipho semali engu-R225 kumkhulu wakhe. Wenzani uJirah ngaleyo mali? Wayifaka yonke ebhokisini lomnikelo emhlanganweni webandla owalandela. Kungani? UJirah wachazela unina: “Nginezinto zokudlala ezanele, kodwa nganginogogo oyedwa nje kuphela. Ngiyazi ukuthi ugogo ubeyothanda ukuba nginikele ngayo le mali, ngoba ubemthanda kakhulu uJehova.”

UHannah oneminyaka emihlanu wase-United States uyawathanda amahhashi. Wayefuna ukuthenga ihhashi lokudlala, elibiza u-R450. Bezama ukumfundisa ukubaluleka kokulondoloza imali, abazali bakaHannah ngezinye izikhathi babemupha imali ukuze ayifake esikoqokoqweni sakhe. Ngokushesha uHannah wayesenemali eningi ngaphezu kweyokuthenga ihhashi.

Nokho, cishe ngaleso sikhathi iSiphepho uKatrina sacekela phansi iGulf Coast. UHannah wayekhathazeke kakhulu ngabantu ababeyizisulu zalesi siphepho, ngakho wanquma ukunikela ngayo yonke imali ayeyilondolozile—imali engaphezu kuka-R610—ukuze abasize. UHannah wabhalela indlunkulu yoFakazi BakaJehova: “Ngifuna ukuninika le mali ngoba ngiyamthanda uJehova futhi ngifuna ukusiza.” Ingabe uJehova uyaziqaphela izenzo zokupha ezinjengalezi? IBhayibheli lithi: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.”—Hebheru 13:16.

Intombazanyana egama layo linguTiffany, nayo engeyase-United States, yaxhumana nendlunkulu yoFakazi BakaJehova ngemva kokuba iFlorida ishaywe yiziphepho ezimbili ngo-2004. Yabhala: “Mina nomfowethu uTimothy singathanda ukunikela ngama-dollar angu-110 [R670]. Indlu yakithi ayilimalanga kakhulu, kodwa sibonile ukuthi isiphepho senzeni kweminye imizi. Besifuna ukusiza, ngakho-ke saqala ukubeka imali yethu. UTimothy wathola ama-dollar ayishumi [R60] ngokusiza lapho kukhishwa amabhodi odongeni endlini, mina ngakwazi ukubeka ama-dollar ayikhulu [R610].” UTiffany uneminyaka engu-13 ubudala, kanti umfowabo uTimothy uneminyaka engu-7 nje kuphela! Kwenzekani lapho sibeka izithakazelo zabanye kuqala kunezethu? IzAga 11:25 zithi: “Nophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.”

Iqembu lentsha engoFakazi e-United States, eneminyaka emine kuya kwengu-15, lezwa ukuthi elikholwa nabo e-Afrika badinga amaHholo OMbuso. Ngakho lanquma ukwenza okuthile. “Sadayisa amakhekhe egcekeni, sathola ama-dollar angu-106,54 [R647,76]. Satshela abantu ukuthi le mali ingase isetshenziselwe ukwakha izindawo zemihlangano e-Afrika abantu abangafundela kuzo iBhayibheli. Abanye bakweseka lokho. Kwathatha amahora angu-9, kodwa kwakuwufanele umzamo ngoba sasikwenzela uJehova!”

Nawe Ungasiza

Intsha enokuhlangenwe nakho okubhalwe ngenhla ifunde iqiniso lamazwi kaJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Nawe ungayithola injabulo yokupha. Ngaziphi izindlela?

Ingabe uke wezwa ngemibiko yokuhlupheka kwalabo okanye nabo okholweni? Ngokwesibonelo, ingabe kuke kwaba nenhlekelele engokwemvelo? Zama ukucabanga ukuthi bekungaba njani ukulahlekelwa ikhaya, izimpahla zakho, ngisho nokushonelwa othandekayo wakho. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi amaKristu akufanele ‘akhathalele nje kuphela izindaba zawo siqu, kodwa futhi akhathalele nezabanye.’ (Filipi 2:4) Ngisho noma uhlala kude nalapho kwenzeke khona inhlekelele engokwemvelo, mhlawumbe ungenza umnikelo ongasiza emizamweni yokusiza eyenziwa oFakazi BakaJehova.a

Zikhona ezinye izindlela ongasiza ngazo abadinga usizo. Ngokwesibonelo, uma unguFakazi KaJehova, kungani ungaqalazi eHholo LoMbuso lakini? Ingabe bakhona asebekhulile noma abanye abadinga usizo? Ingabe ungabasiza ngemisebenzi ethile? Umphostoli uPawulu wabhalela abaseRoma: “Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Uma ubona ukuthi kunesidingo, thatha isinyathelo. Kulungele ukwenza ngisho nemisebenzi ewubala. Futhi khumbula ukuthi ukukhonza abanye kuhlobene ngokuseduze nokukhonza uNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.”—IzAga 19:17.

Kuyiqiniso, indlela engcono kunazo zonke ongasiza ngayo abanye ukubatshela lokho okwaziyo ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Manje kunanini ngaphambili, abantu kudingeka bezwe isigijimi seqiniso esisindisa ukuphila esivela eBhayibhelini. Ngakho-ke qhubeka uhlanganyela njalo nangentshiseko emsebenzini wokushumayela, unesiqiniseko sokuthi ‘umshikashika wakho awulona ize.’—1 Korinte 15:58.

Izihloko ezengeziwe ezithi “Intsha Iyabuza . . .” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ypa

[Umbhalo waphansi]

a Iminikelo yokusiza kokuthile ngokuqondile yamukelekile. Nokho, kutuswa ukuba iminikelo enjalo ifakwe eminikelweni yomsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova, njengoba izimali zithathwa kulesi sikhwama uma kuba nesidingo.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Ingabe ukhona othile omcabangayo odinga usizo?

◼ Yini ongayenza ukuze usize?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]

“Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.”—Hebheru 13:16

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 24, 25]

KUNGANI KUFANELE UFUNDE UKUPHA?

“Ukubona abazali bami besebenzisa isikhathi sabo namandla ekukhonzeni uJehova nomakhelwane babo kwangenza ngafuna ukuphila ngendlela efanayo. Ubaba wathi kimi: ‘Kungakhathaliseki ukuthi kuncane kangakanani, noma yini oyenzela uJehova ihlala njalo. UJehova uphila kuze kube phakade, futhi uyokukhumbula kuze kube phakade. Kodwa ukuziphilela wena kuyize. Uma ufa, lokho okwenzile kufa nawe.’”—UKentaro waseJapane, oneminyaka engu-24.

“Uma ngikhuluma iqiniso, ngangingafuni ukusiza asebekhulile ngemisebenzi yabo yasendlini ngoMgqibelo ntambama. Ngangifuna ukuzijabulisa nabangane bami. Nokho, ekugcineni lapho ngisiza asebekhulile, ngakujabulela kakhulu. Ngokwenza lokhu ngagcina sengibabheka njengabantu abafana nami, nabo ababeke baba basha. Lokhu kwangishukumisela ukuba ngibasize.”—UJohn waseNgilandi, oneminyaka engu-27.

“Lapho ngisemncane, ngangisiza ekuhlanzweni kweHholo LoMbuso nakwezinye izinto. Ngangikuthanda ukwenzela abanye umsebenzi odinga amandla ebandleni. Lapho usiza othile, uyayibona injabulo okumnikeza yona. Ngokwesibonelo, ngake ngahamba nabanye sayofaka iphepha lokuhlobisa udonga emzini kadade osekhulile. Yeka ukuthi wajabula kanjani! Lapho ujabulisa othile, nawe uyajabula.”—UHerman waseFrance, oneminyaka engu-23.

[Isithombe ekhasini 24]

Intsha eningi inikela ngemali ukuze isize izisulu zenhlekelele

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela