Ungaphila Isikhathi Eside Kangakanani?
“Inyama yakhe mayibe ntsha kunasebusheni; makabuyele ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakhe.”—JOBE 33:25.
LAPHO inja ifa ngemva kokuphila iminyaka eyishumi noma engu-20, ngokuvamile isuke isikwenze konke okwenziwa izinja. Kungenzeka isuke isikhulise imidlwane, yajaha amakati, yagqiba amathambo yavikela nomfuyi wayo. Kodwa lapho umuntu eshona ngemva kokuphila iminyaka engu-70 noma engu-80, usuke esafinyelele ingxenye encane kakhulu yamakhono akhe. Uma ayethanda ezemidlalo, kungenzeka ukuthi wayesengumpetha emdlalweni owodwa noma emibili kuphela. Uma ayethanda umculo, mhlawumbe wayesenekhono lokudlala insimbi yomculo eyodwa noma ezimbili. Uma ayethanda ukukhuluma nabantu ngolimi lwabo, kungenzeka yizilimi ezimbili noma ezintathu kuphela ayesezikhuluma kahle. Wayengajabulela okuningi kakhulu kunalokho—ukwazana nabantu, ukuthola izinto ezintsha ngendalo nokusondela kuNkulunkulu—ukube nje wayephile isikhathi esijana.
Ungase uzibuze: ‘UNkulunkulu ubengamdalelani nje umuntu enengqondo ekwazi ukujabulela izinto eziningi kangaka abese emkhungathekisa ngokuba aphile isikhathi esifushane, okwenza ukuba ajabulele izinto ezincane kangaka?’ Ukuphila komuntu isikhathi esifushane akubonakali kuhambisana nenjongo ayedalelwe yona, okuyinto ephawuleka kangaka endalweni. Ungase uzibuze futhi: ‘UNkulunkulu ubengamdalelani umuntu enezimfanelo eziyingqayizivele njengobulungisa nesihawu kodwa ngesikhathi esifanayo amenze athambekele ekwenzeni okubi?’
Uma ubona imoto enhle kodwa enesifaca esibi, ingabe uye uphethe ngokuthi iklanywe ngaleyo ndlela? Phinde! Akungabazeki ukuthi uye uphethe ngelithi: ‘Akufanele imoto ibukeke ngale ndlela. Kumelwe ukuba yayakhiwe kahle, kodwa othile wayona ngokuyishayisa.’ Ngokufanayo, uma sicabanga ngefa lethu lokuphila elimangalisayo, singaphetha ngokuthi ukuphila kwethu kwamanje akukona lokho okwakuhloselwe ukuba kube yikho. Isikhathi sethu esifushane sokuphila kanye nokuthambekela kwethu ekwenzeni okubi kufana nalezo zifaca ezimbi. Kusobala ukuthi kukhona owonakalisa ifa lesintu. Ubani-ke lowo? Ubufakazi beBhayibheli bukhomba kumuntu oyedwa nje kuphela.
Uma isintu sadalwa sinekhono lokuphila phakade kusukela ekuqaleni, ubani-ke kamuva owonakalisa leli fa lesintu sonke? Akekho omunye ngaphandle kukakhokho wokuqala wabo bonke abantu, sonke esivela kuye. Noma ngubani omunye ubengase onakalise izakhi zofuzo zengxenye encane kakhulu yesintu—okuwukuthi, inzalo yakhe. Ngakho iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, livumelana namaqiniso asobala lapho lithi: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu, umuntu wokuqala] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke.” (Roma 5:12) Ngakho imiBhalo ilahla u-Adamu ngecala lokonakalisa ifa lethu. Lapho umuntu edalwa ekuqaleni, wayeklanyelwe ukuba aphile kanjani?
Ukuqonda Injongo Yasekuqaleni
Lapho iBhayibheli lithi ukufa ‘kwangena ezweni,’ lisuke libonisa ukuthi ekuqaleni isintu sasingadalwanga ngenjongo yokuba sife. Maqondana nesintu, ukufa nokuguga kuyimiphumela yokuhlubuka komuntu wokuqala kuNkulunkulu. Kodwa izilwane zazingadalwanga ngenjongo yokuba ziphile phakade.—Genesise 3:21; 4:4; 9:3, 4.
Abantu badalwa bahluka ezilwaneni. Thina siyizidalwa eziphakeme kunezilwane, njengoba nje nezingelosi ziyizidalwa eziphakeme kunabantu. (Hebheru 2:7) Ngokungafani nezilwane, umuntu wenziwa “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Genesise 1:27) Ngaphezu kwalokho, ngokungafani nezilwane, iBhayibheli libiza u-Adamu ngokuthi “indodana kaNkulunkulu.” (Luka 3:38) Ngakho sinesizathu esizwakalayo sokukholelwa ukuthi umuntu wayengadalwanga ngenjongo yokuba aguge futhi afe. UNkulunkulu akafi, ngakho namadodana akhe akazange awadalele ukuba afe.—Habakuki 1:12; Roma 8:20, 21.
Umlando wezizukulwane zokuqala zesintu wenza siyiqonde nakangcono injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngokuphila kwesintu. Emuva ngaleso sikhathi, abantu babephila amakhulu eminyaka ngaphambi kokuba baguge. U-Adamu waphila iminyaka engu-930. Ngemva kwezizukulwane ezimbalwa, indodana kaNowa uShemi yaphila iminyaka engu-600 nje kuphela, kanti umzukulu kaNowa u-Arpakishade waphila iminyaka engu-438.a (Genesise 5:5; 11:10-13) Kamuva, u-Abrahama waphila iminyaka engu-175. (Genesise 25:7) Kubonakala sengathi ithonya lesono ebudeni bokuphila liye laqhubeka, okuye kwabangela ukuba isikhathi sabantu sokuphila sinciphe kancane kancane njengoba beya beqhela endalweni yokuqala ephelele. Kodwa ekuqaleni umuntu wayedalelwe ukuba aphile phakade. Ngakho kuyafaneleka ukuba sizibuze: ‘Ingabe uNkulunkulu usafuna ukuba abantu bajabulele ukuphila okungenasiphelo emhlabeni?’
Ukukhululeka Ekugugeni
Njengoba uJehova uNkulunkulu athi wonke umuntu ongamlaleli uyokhokha inhlawulo yesono sakhe ngokufa, kubonakala sengathi inzalo ka-Adamu yayisesimweni esingenathemba. (Genesise 2:17) Nakuba kunjalo, imiBhalo ephefumulelwe inikeza ithemba lokuthi kukhona umuntu owayeyokhokha inhlawulo ukuze isintu sikhululeke ekugugeni. Siyafunda: “Mkhulule ukuze angehleli egodini! Ngitholé isihlengo! Inyama yakhe mayibe ntsha kunasebusheni; makabuyele ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakhe.” (Jobe 33:24, 25; Isaya 53:4, 12) IBhayibheli lapha liveza ithemba elihle—lokuthi kukhona umuntu oyokhokha isihlengo esiyosikhulula ekugugeni!
Ubani owayengakhokha lesi sihlengo? Akekho owayengaba nemali eyanele yokukhokha. Libhekisela esimweni sabantu sokungapheleli, iBhayibheli lithi: “Akukho namunye kubo ongahlenga ngisho nomfowabo nganoma iyiphi indlela, noma anike uNkulunkulu isihlengo sakhe . . . ukuba aqhubeke ephila phakade.” (IHubo 49:7-9) Nokho, uJesu Kristu wayenokuthile okunenani elikhulu kunemali. Lapho esemhlabeni, wayephila njengomuntu ophelele ngoba njengeNdodana kaNkulunkulu, wavikelwa ekuzuzeni isono sika-Adamu njengefa. UJesu wathi weza emhlabeni ngenjongo ‘yokunikela umphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’ Ngesinye isikhathi wathi: “Ngizele ukuba zibe nokuphila futhi zibe nakho ngokuchichimayo.”—Mathewu 20:28; Johane 10:10.
Ithemba lokuphila okungenasiphelo laliyisigijimi esiyinhloko uJesu ayeshumayela ngaso. UPetru, umlandeli wakhe othembekile, wake wathi kuye: “Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.” (Johane 6:68) Lisho ukuthini iBhayibheli uma likhuluma ngokuphila okuphakade?
Ukuphila Okungenasiphelo
Abaphostoli bakaJesu babelangazela ukuthola ukuphila okungenasiphelo ezulwini njengengxenye kahulumeni woMbuso kaJesu. (Luka 22:29; Johane 14:3) Noma kunjalo, uJesu wayevame ukukhuluma ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba. (Mathewu 5:5; 6:10; Luka 23:43) Khona-ke, izimangaliso nezimfundiso zikaJesu ngokuphila okuphakade zifakazela ukuba yiqiniso kwezithembiso uNkulunkulu azisho emandulo ngomprofethi u-Isaya, owabhala: “Empeleni uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.” (Isaya 25:8) Ukuphila kwesintu ngeke kusaba iminyaka embalwa nje yobusha edlula ngokushesha bese ilandelwa iminyaka yokuwohloka nokuguga.
Ezweni elisha likaNkulunkulu, lapho abantu abathembekile befinyelela ukuphelela, bayokhululeka ekugugeni. IBhayibheli lithi: “Indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:21) Ake ucabange nje! Abantu bayoqhubeka bethola ulwazi nokuhlakanipha okwengeziwe. Kodwa njengoba amakhulu eminyaka edlula, amandla abo obungqabavu bobusha ngeke aphele. Uyoba khona yini ukuze uzibonele ngawakho lapho lokhu kugcwaliseka?
Uyophila Isikhathi Eside Kangakanani?
NgokukaJesu, abantu bayoncipha kakhulu emhlabeni ngenxa yosuku lukaNkulunkulu lwesahlulelo. (Mathewu 24:21, 22) UJesu wathi: “Ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.”—Mathewu 7:13, 14.
Ukuze ube phakathi kwalabo abayojabulela ukuphila okungenasiphelo, kudingeka ufune umusa kaNkulunkulu. Into yokuqala okumelwe uyenze, ukwazi uNkulunkulu. UJesu wachaza: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.” (Johane 17:3) Yiqiniso, kudingeka wenze umzamo ukuze umazi kahle uNkulunkulu; kodwa kuyafaneleka ngempela ukuba uzikhandle. Ngokufanayo, kudingeka wenze umzamo ukuze uthole imali yokudla usuku nosuku. Efanisa ukudla nolwazi ngoNkulunkulu, uJesu wanxusa: “Ningasebenzeli ukudla okushabalalayo, kodwa ukudla okuhlalayo kube ukuphila okuphakade.” (Johane 6:27) Ingabe akufanele yini wenze yonke imizamo esemandleni akho ukuze uzuze ukuphila okungenasiphelo?—Mathewu 16:26.
UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Khona-ke, ukuthi uyophila isikhathi eside kangakanani kuxhomeke endleleni osabela ngayo othandweni lukaNkulunkulu.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye bagomela ngokuthi empeleni iminyaka yobudala okukhulunywa ngayo kulokhu kulandisa kweBhayibheli, iyizinyanga. Kodwa, umbhalo uthi u-Arpakishade wazala uShela eneminyaka engu-35 ubudala. Uma lokho kumelwe kuthathwe ngokuthi kuyizinyanga ezingu-35, kusho ukuthi u-Arpakishade waba ngubaba ngaphambi kokuba abe neminyaka emithathu ubudala—ngokusobala okuyinto engenakwenzeka. Ngaphezu kwalokho, izahluko zokuqala zencwadi kaGenesise ziveza umehluko phakathi kobude beminyaka nobude bezinyanga.—Genesise 1:14-16; 7:11.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
Ngemva kweminyaka engu-80, umuntu usuke esafinyelele ingxenye encane kakhulu yamakhono akhe
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
Abantu bayizidalwa eziphakeme kunezilwane
[Isithombe ekhasini 7]
Ingabe le moto yayinesifaca lapho yakhiwa?
[Isithombe ekhasini 8, 9]
IZwi likaNkulunkulu lithi abantu bayobuyela ‘ezinsukwini zobungqabavu bobusha babo’