Ukubuka Okwezwe
◼ Uhulumeni waseSpain unikeza izinhlangano zabasweleyo noma zamaKatolika amaphesenti angu-0,5 entela, kuye ngomuntu nomuntu okhokha intela. Nakuba amaphesenti angu-80 abantu baseSpain ethi angamaKatolika, amaphesenti angu-20 kuphela akhetha ukuba imali inikezwe isonto.—I-PAÍS, ESPAIN.
◼ “Ukuba yimbemi kagwayi usuneminyaka engu-30 kunciphisa ukuphila kowesilisa ngeminyaka emihlanu nengxenye, kanti owesifazane ngeminyaka eyisithupha nengxenye,” ngokwezibalo ezikhishwa yi-Institute of Actuaries. Nokho, ukuyeka ukubhema lapho usuneminyaka engu-30 kuyinciphisa kakhulu ingozi yokubulawa yizifo ezibangela ugwayi.—I-TIMES, ENGILANDI.
◼ Phakathi no-2004, ukusetshenziswa kukawoyela emhlabeni wonke kwakhuphuka ngamaphesenti angu-3,4 kwaya emiphongolweni eyizigidi ezingu-82,4 ngosuku. I-United States neChina yiwona mazwe asebenzisa cishe ingxenye yaleli nani eliphakeme futhi manje i-United States isebenzisa imiphongolo eyizigidi ezingu-20,5 kanti iChina eyizigidi ezingu-6,6 ngosuku.—I-VITAL SIGNS 2005, YE-WORLDWATCH INSTITUTE
“Yiba Nokwazisa Ngomama Wakho”
Abacwaningi bezomsebenzi balinganisela ukuthi uma umama waseCanada ohlala ekhaya onezingane ezimbili ezifunda isikole ubengase akhokhelwe imali yawo wonke umsebenzi awenzayo, umholo wakhe wonyaka, kuhlanganise nemali yokusebenza isikhathi esengeziwe, ubungaba amaRandi angu-883 162. Leli nani lisekelwe esilinganisweni semiholo samanje kanye “nomsebenzi wesonto ngalinye ongamahora ayikhulu, owakhiwa izinsuku eziyisithupha ezinamahora angu-15 okusebenza kanye nosuku olulodwa olunamahora ayishumi okusebenza,” kusho iphephandaba i-Vancouver Sun. Phakathi kwemisebenzi kamama ohlala ekhaya kuba umsebenzi wosuku wokunakekela izingane, ukufundisa, ukushayela, ukuhlanza indlu, ukupheka, ukuncelisa kanye nemisebenzi evamile yokunakekela ikhaya. Leli phephandaba linikeza iseluleko esilandelayo: “Mazise umama wakho: Kungenzeka ukuthi ukhokhelwa kancane.”
Ukudideka Kwentsha Ezimisweni Zokuziphatha
Intsha yaseFinland iya ngokuya “izibekela izindinganiso zayo zokuziphatha,” kusho umbiko we-University of Jyväskylä, yaseFinland. Lo mbiko uthi ngokuvamile namuhla, “abantu basekela izinto abazikholelwayo ezintweni ezihlukahlukene, njengokungathi bayathenga esitolo.” Ngezinye izikhathi imiphumela iyashayisana. Ngokwesibonelo, intsha ikholelwa ukuthi kubalulekile ukwabelana umcebo nokuchuma ngobuqotho; kodwa, ngesikhathi esifanayo, “isiqale ukukholelwa ekuhlaselaneni nasekuncintisaneni okubi.”
Ingozi Yokumpontshelwa Ama-prion
Embikweni wamuva okhishwe abezindaba, i-French Health and Safety Agency for Medical Products ishintshe umbono wayo yathi ukumpontshelwa igazi kungadlulisela ama-prion kanti ekuqaleni yayithe mhlawumbe kuyinto engenzeka. Ama-prion awujengezi olungamaprotheni okucatshangwa ukuthi yilona olubangela isifo esibizwa ngokuthi i-Creutzfeldt-Jakob (vCJD) kubantu. Lesi sifo esibulala ama-neuron, futhi okungekho khambi lokuselapha, siwuhlobo lwesifo sokuhlanya kwezinkomo oluhlasela abantu, olwaziwa kakhulu ngokuthi i-mad-cow disease. Ukumenyezelwa kokuthi izinga lokuthola lesi sifo likhulu kunalokho okwakucatshangwa kulandela ukutholakala kwabantu ababili eBrithani abathole i-vCJD ngokumpontshelwa igazi. Ayikho indlela eqinisekile yokuhlonza lesi sifo ngaphambi kokuba kubonakale izimpawu zaso.
Ukulangazelela Umzimba Omncane
Ukucwaninga kuye kwathola ukuthi “ngisho namantombazane amancane aneminyaka emihlanu awanelisekile ngemizimba yawo futhi afisa ukuba nemizimba emincane,” kubika i-Sydney Morning Herald. Lo mbiko ubhekisela ekuhloleni okwenziwa emantombazaneni ase-Australia aneminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-8. Cishe ingxenye yala mantombazane yayifuna ukuba nemizimba emincane, kuyilapho inani elifanayo lathi “linganciphisa ukudla uma liqala ukukhuluphala.” Omunye umcwaningi wasikisela ukuthi umbono ongemuhle ngokuphathelene nokuma komzimba “ungaholela ekuzenyezeni, ukucindezeleka kanye nezinkinga zokudla ngokuhamba kwesikhathi ekuphileni.”