Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/06 k. 20
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kuyanda Ukuphathwa Kwabefundisi Ngobudlova?
  • Ukuhlukahluka Okumangazayo Kwezinto Eziphilayo
  • Kuyanda Ukuthandwa Kwenkolelo-ze
  • Izinguzunga Zeqhwa Zase-Antarctic Ziyancipha
  • Umfelandawonye Obulalayo
    I-Phaphama!—1998
  • Ikhambi Elisha Lokumelana Nesifo Sofuba
    I-Phaphama!—1999
  • Ukunqoba Kanye Nenhlekelele
    I-Phaphama!—1997
  • Isifo Sofuba Siyagadla Futhi!
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 1/06 k. 20

Ukubuka Okwezwe

◼ Ngo-2000, abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-8,3 emhlabeni kabanzi baba nesifo sofuba, kanti abacishe babe izigidi ezimbili babulawa yiso lesi sifo—cishe bonke laba bantu babevela emazweni aholela imali encane.—I-MEDICAL JOURNAL OF AUSTRALIA

◼ “Njengamanje, intsha eyizigidi eziyishumi inegciwane lesandulela-ngculaza, futhi unyaka ngamunye abantu abangaphezu kwesigamu sezigidi ezingu-4,9 abasanda kuba naleli gciwane emhlabeni wonke baphakathi kweminyaka engu-15 nengu-24 ubudala.”—I-UNITED NATIONS POPULATION FUND

◼ Kuye kwasetshenziswa iziphuphutheki ukuze kuqoshwe amabanga andizwa ama-albatross njengoba ejikeleza umhlaba wonke. Lawo ashesha kunawo wonke ájikeleza imbulunga yonke ngezinsuku ezingu-46 nje kuphela.—UMAGAZINI I-SCIENCE, E-U.S.A.

◼ “Ihora ngalinye ngosuku, umphathi womhlaba uchitha ama-dollar angaphezu kwezigidi eziyikhulu [amaRandi angaphezu kwezigidi ezingu-635] ekunakekeleni amasosha nasekuthengeni izikhali nezinhlamvu.”—I-VITAL SIGNS 2005, YE-WORLDWATCH INSTITUTE

Ingabe Kuyanda Ukuphathwa Kwabefundisi Ngobudlova?

“Ukuba umpristi kungeminye yemisebenzi eyingozi kakhulu [eBrithani],” kubika i-Daily Telegraph yaseLondon ngo-2005. Ukuhlola okwenziwa uhulumeni ngo-2001 kwembula ukuthi abefundisi abangaba izingxenye ezintathu kwezine okwaxoxwa nabo babeke baxhashazwa noma bahlaselwa ngandlela-thile eminyakeni emibili eyandulelayo. Okungenani, kusukela ngo-1996 sekubulawe abefundisi abangaba ngu-7. Kwenye indawo eyidolobha, eMerseyside, ‘ngokwesilinganiso, kuye kwahlaselwa, kwaphangwa noma kwashiswa indawo yokukhulekela eyodwa kwezingu-1 400 nsuku zonke.’

Ukuhlukahluka Okumangazayo Kwezinto Eziphilayo

Naphezu kokucekelwa phansi kwamahlathi emvula, “isiqhingi saseBorneo sisenenani elimangazayo lezinto eziphilayo ezihlukahlukene,” kusho i-New York Times. Ngokwe-World Wildlife Fund, phakathi no-1994 no-2004, izazi zezinto eziphilayo ziye zathola izinhlobo ezintsha ezingu-361 zezitshalo nezilwane kuleso siqhingi, esihlanganyelwa iBrunei, i-Indonesia neMalaysia. Lezi zinto zihlanganisa nezinhlobo ezisanda kutholwa zezinambuzane ezingu-260, izitshalo ezingu-50, izinhlanzi ezingu-30, amaxoxo angu-7, izibankwa eziyisithupha, izinkalankala ezinhlanu, izinyoka ezimbili kanye nedwi elilodwa. Nokho, amahlathi emvula akulesi siqhingi kungenzeka abe sengozini ngenxa yokuqothulwa kwamahlathi, okubangelwa isidingo esikhulu sokhuni oluqinile lwasezindaweni ezishisayo, injoloba kanye namafutha esundu.

Kuyanda Ukuthandwa Kwenkolelo-ze

“Ngisho nasesikhathini sentuthuko kwezobuchwepheshe nesayensi, inkolelo-ze isenethonya elinamandla kakhulu,” kubika inhlangano yaseJalimane ehlola uvo lwabantu okuthiwa yi-Allensbach. Okunye ukuhlola osekunesikhathi eside kuye kwabonisa ukuthi “abantu basaqhubeka nezinkolelo zabo ezingenangqondo eziphathelene namabika okuhle nokubi, futhi empeleni, lezi zinkolelo zithandwa kakhulu kunaseminyakeni engu-25 edlule.” Ngawo-1970, abantu abangamaphesenti angu-22 babebheka izinkanyezi ezitshuzayo njengezibalulekile ekuphileni kwabo. Manje sebengamaphesenti angu-40. Namuhla ngumuntu omdala oyedwa kwabathathu ozenqaba ngokuphelele zonke izinhlobo zezinkolelo-ze. Okunye ukuhlola okwenziwa kubafundi abayizinkulungwane kwenye iyunivesithi yaseJalimane kwembula ukuthi abafundi abayizingxenye ezintathu kubona bathembela ezintelezini zenhlanhla ezilengiswa ezimotweni noma ezintweni zokulengisa izihluthulelo.

Izinguzunga Zeqhwa Zase-Antarctic Ziyancipha

“Eminyakeni engu-50 edlule, amaphesenti angu-87 ezinguzunga zeqhwa ezingu-244 enhlonhlweni lase-Antarctic aye ancipha,” futhi ancipha ngezinga elishesha kakhulu kunelalicatshangwa yizazi ngaphambili, kubika iphephandaba laseBuenos Aires i-Clarin. Ukuhlaziywa okubanzi kwezinguzunga zeqhwa okwakungokokuqala ngqá kule ndawo kwabuye kwembula ukuthi izinga lokushisa komoya liye lakhuphuka lafinyelela ku-2,5° C. eminyakeni engu-50 edlule. UDavid Vaughan we-British Antarctic Survey waphawula ukuthi ngokuyinhloko, lokhu kuncipha kwezinguzunga zeqhwa okuvamile kuye kwabangelwa ukushintsha kwesimo sezulu. “Ingabe abantu banomthelela kulokhu?” ebuza. “Ngeke sigomele kulokhu, kodwa sekusele kancane nje ukuba sikwazi ukuwuphendula lo mbuzo obalulekile.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela