Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/06 k. 5
  • Ikusasa Eliqhakazile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikusasa Eliqhakazile?
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Aqiniseke Kangakanani Amathemba Akho Ngekusasa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Umhlaba Uphelelwa Isikhathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukholo Nekusasa Lakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 1/06 k. 5

Ikusasa Eliqhakazile?

Ikusasa liyindaba ethakazelisa kakhulu. Ukhona yini kithi obengeke athande ukwazi ukuthi siyobe senzani ngenyanga ezayo, ngonyaka ozayo ngisho naseminyakeni eyishumi ezayo? Uma sicabangisisa kahle, liyobe linjani leli zwe eminyakeni eyishumi, engu-20, noma engu-30 ezayo?

INGABE unombono omuhle ngekusasa? Izigidi zabantu zinawo, futhi zingahlukaniswa ngamaqembu amabili: elabathi banezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi izinto zizoba ngcono, kanye nelabazigcina benombono omuhle ngekusasa ngenxa nje yokuthi ukucabanga ngenye indlela kwenza ikusasa libonakale limfiliba.

Yiqiniso, abanye abantu abanawo umbono wekusasa eliqhakazile. Phakathi kwabo kukhona ababikezeli benhlekelele ababonakala bekujabulela ukumemezela ukuqothulwa kweplanethi ewuMhlaba. Ngokombono wabo ngekusasa, kuyosinda abantu abambalwa kakhulu, uma beyoba khona.

Yimuphi umbono onawo wena ngekusasa? Ingabe ulibona lifiphele futhi liyinhlekelele noma ulibona linokuthula nokulondeka? Uma ulindele ukuthula nokulondeka, lisekelwephi ithemba lakho—esifisweni nje noma ebufakazini obuqinile?

Ngokungafani nababikezeli benhlekelele, abanyathelisi be-Phaphama! abakholelwa ukuthi isintu siphokophele ekuqothulweni ngokuphelele. Ngokuphambene, iBhayibheli linikeza isizathu esiqinile sokukholelwa ukuthi kuseza izikhathi ezijabulisayo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]

U.S. Department of Energy photograph

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela