Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 10/8 k. 29
  • Ukunikeza Ubufakazi Obuhle Esikoleni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunikeza Ubufakazi Obuhle Esikoleni
  • I-Phaphama!—2005
I-Phaphama!—2005
g05 10/8 k. 29

Ukunikeza Ubufakazi Obuhle Esikoleni

Ngumlobeli we-Phaphama! eMexico

LAPHO osemusha oneminyaka engu-17, uDaniel, eqala unyaka omusha esikoleni, wayezimisele ukuzenza aziwe yilabo afunda nabo ekilasini ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ithuba lavela lapho uthisha wakhe wesiNgisi ecela ukuba abafundi baxoxe nabathile abakhuluma isiNgisi abadabuka kwamanye amazwe. Icebo laliwukuthi kuyiwe ezindaweni ezivame ukuhanjelwa abantu bakwamanye amazwe abavakashele eMexico City, baxoxe nabo, bese beqopha leyo ngxoxo ukuze ilalelwe ikilasi.

UDaniel wakhetha ukuxoxa nesithunywa sevangeli esikhuluma isiNgisi esasisebenza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico, futhi ngesikhathi esifanayo waqopha i-video ngesiNgisi ebonisa ihhovisi legatsha nalokho okwenziwa kulo. Ngaphezu kwalokho walungiselela nombukiso wezincwajana ezihlukahlukene ngezilimi zomdabu zaseMexico kanye ne-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ngezinye izilimi ezihlukahlukene. Khona-ke uDaniel wabe esecela imvume kuthisha wakhe wesiNgisi yokuba ethule i-video nombukiso ekilasini.

Uthisha nabafundi bamangala lapho bebona umsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova eMexico. Izilaleli zikaDaniel zahlatshwa umxhwele kakhulu yimizamo yoFakazi yokufinyelela abantu bomdabu baseMexico.

Ngemva kwenkulumo eyimizuzu engu-25, uDaniel athola ngayo amamaki aphakeme kunawabanye ekilasini, wabe esebanikeza bonke INqabayokulinda ne-Phaphama!, kanye nencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Iningi lazamukela izincwadi, futhi lokhu sekuvule ithuba lezingxoxo zeBhayibheli ezengeziwe. UDaniel uthi: “Ngiyambonga uJehova ngokuthi ngakwazi ukuletha udumo egameni lakhe ngomsebenzi wesikole nje ovamile.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela