Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 9/8 k. 32
  • Ingabe UNkulunkulu Uyakhathalela Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Uyakhathalela Ngempela?
  • I-Phaphama!—2005
I-Phaphama!—2005
g05 9/8 k. 32

Ingabe UNkulunkulu Uyakhathalela Ngempela?

◼ Abaningi bathi uma ekhona uNkulunkulu, ubengeke avumele ukuba abantu bahlupheke kangaka. Umbuzo ovamile abanye abawubuzayo uthi, “Wayekuphi uNkulunkulu lapho simdinga?” Kuwo wonke umlando wesintu izigidi zabantu ziye zabhekana nosizi olwesabekayo, ngisho nokufa ngenxa yokuhlushwa.

Ngesikhathi esifanayo, izinto eziphilayo eziklanywe ngokumangalisayo nezihlelekile zinika ubufakazi obucacile bokuthi ukhona uMdali okhathalelayo. Kungani uNkulunkulu okhathalelayo engavumela ukuhlupheka okukhulu kangaka? Ukuze sikhulekele uNkulunkulu ngendlela efanele, kumelwe sithole impendulo eyanelisayo yalo mbuzo obalulekile. Singayithola kuphi?

Sikumema ukuba uthole ikhophi yencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Sinomuzwa wokuthi ukuhlolisisa kahle isihloko esithi “Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Ukuhlupheka” nesithi “Uye Waba Yini Umphumela Wokuhlubuka?” kuyokunikeza izimpendulo ezanelisayo.

Ukuze ucele ikhophi, gcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela