Intsha Iyabuza . . .
Ngingakugwema Kanjani Ukujwayelana Nabantu Abangalungile?
“Ngaqala ukujwayelana nentombazane ethile esikoleni. . . . Yayingazidli izidakamizwa, ingayi emibuthanweni exokozelayo futhi ingaziphathi ngo-kuxekethile. Yayingenayo ngisho nenhlamba, iphumelela ngamalengiso esikoleni. Kodwa ngokuqinisekile yayingumngane ongalungile.”—UBeverly.a
KUNGANI uBeverly afinyelela isinqumo esivezwe ngenhla? Uyabona manje ukuthi le ntombazane yamthonya ukuba ahileleke emikhubeni engalungile. UBeverly uyachaza: “Njengoba ngangiqhubeka ngiba nobungane nayo, nami ngaqala ukufunda izincwadi zemimoya ngaze ngabhala nendaba ephathelene nemimoya.”
Osemusha ogama lakhe linguMelanie naye waholelwa ekuziphatheni okungalungile—kodwa yena kwaba othile owayethi ungumKristu! Ungazi kanjani ukuthi mhlawumbe othile angaba umngane olungile? Ingabe kuyingozi njalo ukuba nobudlelwano obuseduze nabangakholwa? Ingabe ubuhlobo obakhiwa namanye amaKristu buhlale bungenangozi?
Kuthiwani ikakhulukazi ngobuhlobo nabobulili obuhlukile? Uma ubheka othile njengongase abe umngane womshado, ungathola kanjani ukuthi ubuhlobo benu bungaba obakhayo yini ngokomoya? Ake sibone ukuthi izimiso zeBhayibheli zingasisiza kanjani ukuphendula imibuzo efana nale.
Abangane Abanjani Abalungile?
Ingabe iqiniso lokuthi intombazane uBeverly ayefunda nayo esikoleni yayingeyena umkhulekeli kaNkulunkulu kwakufanele limenze angabaze ukuhlakulela ubuhlobo nayo? Yiqiniso, amaKristu eqiniso awamane acabange ukuthi umuntu akalungile noma uziphatha kabi ngenxa nje yokuthi akayena umkhulekeli okanye nawo. Kodwa uma kuziwa endabeni yokwakha ubuhlobo obuseduze, kunesizathu sokuqapha. Umphostoli uPawulu waxwayisa labo ababesebandleni laseKorinte lekhulu lokuqala: “Abangane ababi bonakalisa isimilo.” (1 Korinte 15:33, The Bible—An American Translation) Wayechaza ukuthini?
Kungenzeka ukuthi amanye amaKristu aseKorinte ayenobudlelwano nama-Epikhuru, abalandeli baka-Epicurus, isazi sefilosofi esingumGreki. Manje, u-Epicurus wafundisa abalandeli bakhe ukuba baphile ngendlela enengqondo, nesibindi, enokuzithiba kanye nobulungisa. Wayebakhuthaza ukuba bangenzi ububi ekusithekeni. Ngakho kungani uPawulu athi ama-Epikhuru, kanye nabanye abasebandleni ababenemibono efana neyawo, ‘bangabangane ababi’?
Ama-Epikhuru ayengebona abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso. Njengoba ayengakholelwa ovukweni lwabafileyo, umgomo wawo kwakuwukujabulela ngokugcwele ukuphila ngaleso sikhathi. (IzEnzo 17:18, 19, 32) Akumangalisi-ke nokho, ukuthi ngenxa yokuba nobuhlobo nabanjalo, abanye ebandleni laseKorinte baqala ukuphelelwa ukholo ovukweni. Yingakho eyoku-1 Korinte isahluko 15—uPawulu axwayisa kuyo ngabangane ababi—igcwele izizathu ezazihloselwe ukukhumbuza amaKristu okuqala ukuthi uvuko lungokoqobo.
Yiliphi iphuzu okumelwe silifunde kulokhu? Ngisho abantu abangamhloniphi uNkulunkulu bangazibonisa izimfanelo ezinhle. Kodwa uma ukhetha bona njengabangane bakho abaseduze, ukucabanga kwakho, ukholo kanye nokuziphatha kwakho kuyothinteka. Ngakho, encwadini yesibili ayibhalela abaseKorinte, uPawulu wathi: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa.”—2 Korinte 6:14-18.
UFred, oneminyaka engu-16, wakufunda ukuhlakanipha kwamazwi kaPawulu. Wayekade evumile ukuthi uzohlanganyela emzamweni wesikole wezifundo zokwenezela, lokhu kwakuhlanganisa ukuya emazweni asathuthuka ukuze kusizwe ekufundiseni izingane lapho. Kodwa, njengoba yena kanye nabanye abafundi babenza amalungiselelo ndawonye, uFred washintsha umqondo. Wathi: “Ngangibona ukuthi ukuchitha isikhathi esiningi nabo kwakuzoba ingozi kimi ngokomoya.” Ngenxa yalesi sizathu uFred wakhetha ukuhoxa kulolu hlelo wakhetha ukusiza abahluphekayo ngezinye izindlela.
Ubungane Namanye AmaKristu
Kuthiwani-ke ngobungane phakathi ebandleni lobuKristu? Lapho ebhalela insizwa enguThimothewu, uPawulu waxwayisa: “Endlini enkulu akutholakali izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa futhi nezokhuni nezobumba, ezinye ezenjongo enodumo kodwa ezinye ezenjongo engenalo udumo. Ngakho-ke, uma umuntu ezigcina ekude nalezi ezingenalo udumo, kumnikazi wakhe uyoba isitsha senjongo enodumo, esingcwelisiwe, esiwusizo, esilungiselelwe yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 2:20, 21) Ngakho, uPawulu akazange akushalazele ukuthi ngisho naphakathi kwamaKristu, kungenzeka kube khona abangaziphathi ngendlela ehloniphekile. Futhi wamtshela ngokuqondile noThimothewu ukuba abagweme abanjalo.
Ingabe lokhu kusho ukuthi kufanele uwasole amanye amaKristu? Cha. Futhi akusho ukuthi kumelwe ulindele ukuba abangane bakho bangawenzi amaphutha. (UmShumayeli 7:16-18) Kodwa, ukuthi othile osemusha uba khona emihlanganweni yobuKristu noma abazali bakhe bayashiseka ebandleni akusho ukuthi ungumuntu omuhle ukuba abe umngane oseduze.
“Ngisho nangemikhuba yakhe umfana [noma intombazane] uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini,” kusho izAga 20:11. Ngakho-ke, uhlakaniphile uma uzibuza: Ingabe ubuhlobo noJehova buyinto ebaluleke kakhulu kunazo zonke ekuphileni kwalo muntu? Noma, ingabe kunobufakazi bendlela yokucabanga nesimo sengqondo esibonisa “umoya wezwe”? (1 Korinte 2:12; Efesu 2:2) Ingabe ukuba ndawonye naye kwakha isifiso sokukhulekela uJehova kuwe?
Uma ukhetha abangane abanothando oluqinile ngoJehova kanye nezinto ezingokomoya, ngeke ugweme izinkinga nje kuphela kodwa uyothola amandla engeziwe okukhonza uNkulunkulu. UPawulu wathi kuThimothewu: “Phishekela ukulunga, ukholo, uthando, ukuthula, kanye nalabo ababiza iNkosi ngenhliziyo ehlanzekile.”—2 Thimothewu 2:22.
Ubungane Nabobulili Obuhlukile
Uma usukhule ngokwanele futhi usufuna ukushada, ingabe usuke wacabanga ngokucophelela ukuthi lezi zimiso ezifanayo kufanele zikuthonye kanjani lapho ukhetha umngane womshado? Ziningi izinto ezingakukhanga kumuntu ongase abe umngane womshado, kodwa ayikho ebaluleke ukudlula isimo esingokomoya salowo muntu.
Ngakho iBhayibheli lixwayisa ngokuphindiwe ngokushada nomuntu ongekho “eNkosini.” (1 Korinte 7:39; Duteronomi 7:3, 4; Nehemiya 13:25) Kuyiqiniso, abantu abangewona amakholwa kanye nathi bangaba nokwethenjelwa, bahlonipheke futhi babe nomusa. Kodwa, ngokungafani nawe, akukho okubakhuthaza ukuba bahlakulele lezi zimfanelo futhi baqhubeke bebekezela emshadweni njengoba isikhathi siqhubeka.
Ngakolunye uhlangothi, umuntu ozinikezele kuJehova futhi othembekile kuye, wenza umzamo wokuhlakulela izimfanelo zobuKristu futhi azivikele, kumnyama kubomvu. Uyaqaphela ukuthi iBhayibheli lihlanganisa ukuthanda umngane womshado nokuba nobuhlobo obuhle noJehova. (Efesu 5:28, 33; 1 Petru 3:7) Ngakho-ke, lapho bobabili abashadile bethanda uJehova, lokhu kuba isikhuthazo esiqine kakhulu sokuqhubeka bethembekile komunye nomunye.
Ingabe lokhu kusho ukuthi imishado ephakathi kwabahlanganyela ukholo iyophumelela nakanjani? Cha. Ngokwesibonelo, uma ubungashada nomuntu ongenandaba kangako nezinto ezingokomoya, yini engenzeka? Njengoba engakuhlomele ukumelana nokucindezela kwalesi simiso, umuntu obuthakathaka ngokomoya usengcupheni yokuqhela kancane kancane ebandleni lobuKristu. (Filipi 3:18; 1 Johane 2:19) Cabanga ngobuhlungu benhliziyo kanye nezingxabano emshadweni ongabhekana nazo uma umngane wakho womshado engahileleka “ekungcoleni kwezwe.”—2 Petru 2:20.
Ngaphambi kokuqala ubuhlobo obungase buholele emshadweni, cabangela lokhu: Ingabe lo muntu unikeza ubufakazi bokuthi ungumuntu ongokomoya? Ingabe ubeka isibonelo esihle sokuziphatha kobuKristu? Ingabe lo muntu ugxilile eqinisweni leBhayibheli, noma ingabe udinga isikhathi esengeziwe sokukhula ngokomoya? Ingabe uyaqiniseka ukuthi uthando ngoJehova luyinto ehamba phambili ekuphileni kwakhe? Ukwazi ukuthi lowo muntu unedumela elihle kuyasiza. Kodwa, ekugcineni, kumelwe uqiniseke ukuthi lowo muntu onesithakazelo kuye uzinikele kuJehova nokuthi angaba yini umngane womshado omuhle.
Khumbula futhi ukuthi abathile abathambekele “kubantu abangalungile” baqale bakhangwe yizinto ezingalungile—njengendlela ethile engalungile yokuzijabulisa noma yokuziphatha. Intsha eyisibonelo ebandleni lobuKristu ngeke ihlanganyele nawe ezintweni ezinjalo. Ngakho-ke hlola inhliziyo yakho.
Uma uthola ukuthi inhliziyo yakho idinga isiyalo, ungaphelelwa yithemba. Inhliziyo ingayalwa. (IzAga 23:12) Iphuzu elibaluleke kakhulu ukuthi: Yini oyifuna ngempela? Ufuna ukuthambekela kokuhle nakulabo abakwenzayo? Ngosizo lukaJehova, ungayihlakulela inhliziyo enjalo. (IHubo 97:10) Futhi ngokuqeqesha amandla akho okuhlukanisa okulungile nokungalungile, uyokuthola kulula ukubona ukuthi obani abayoba abangane abalungile futhi abakhayo.—Hebheru 5:14.
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 14]
Abangane abalungile bayithonya elihle ngokomoya