Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 7/8 k. 3
  • Lapho Uphelelwa Umsebenzi Ungalindele!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Uphelelwa Umsebenzi Ungalindele!
  • I-Phaphama!—2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngaphambi Nangemva Kokufunda IZwi LikaNkulunkulu—Ukusebenza Kwalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Inhlupho Yokuntuleka Kwemisebenzi
    I-Phaphama!—1996
  • Qhubeka Ukhonza UJehova Ngenjabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Kungani Kunokuntuleka Kwemisebenzi?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 7/8 k. 3

Lapho Uphelelwa Umsebenzi Ungalindele!

“Lapho ngiphelelwa umsebenzi, ngazizwa sengathi othile wayengibhunyele ngamanzi abandayo. Ngaqala ukuzinyeza kakhulu.”—UTony, eJalimane.

“Ngazizwa sengathi ngithwele itshe elisindayo. Njengomzali ongayedwa, ngangikhathazeke ngokuthi ngizoyithathaphi imali yokondla izingane zami ezimbili neyokukhokha izikweletu.”—UMary, eNdiya.

“Ngadumala kakhulu lapho ngiphelelwa umsebenzi, futhi ngakhathazeka ngizibuza ukuthi ngizowuthola yini omunye.”—UJaime, eMexico.

EMHLABENI wonke, izigidi zabantu zibhekana nosizi olunjengolukaTony, uMary noJaime. Ngasekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, kwakulinganiselwa ukuthi abantu abangamaphesenti ayishumi obekufanele ngabe bayasebenza eYurophu nase-Asia Ephakathi—abantu abangaba yizigidi ezingu-23—babefuna umsebenzi. Emazweni athile asathuthuka, abantu abangaphezu kwengxenye eyodwa kwezine abasebenzi. I-New York Times ka-July 2003 ithi e-United States, “cishe bayizigidi ezingu-2,6 abantu abaye balahlekelwa umsebenzi kulezi zinyanga ezingu-28 ezidlule.”

Emazweni amaningi ukufuna umsebenzi kunezingqinamba ezinkulu. Ngokwesibonelo, unyaka ngamunye inqwaba yabantu abaphothula esikoleni esiphakeme nasekolishi ifuna umsebenzi. Ngaphezu kwalokho, ukuba neziqu noma ukuqeqeshelwa umsebenzi akusona isiqinisekiso sokuthi umuntu uzowuthola umsebenzi emkhakheni awukhethayo. Ngakho, sekuyinto evamile ukuba abantu bashintshe umsebenzi kaningana phakathi neminyaka yabo yokusebenza. Abanye kuze kudingeke bashintshe ngisho nomkhakha womsebenzi ngokuphelele.

Uma uzithola uphelelwe umsebenzi, yini ongayenza ukuze ube namathuba angcono okuthola umsebenzi? Futhi lapho usuwutholile, yini ongayenza ukuze uwulondoloze?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela