“Sondelani Kunkulunkulu, Naye Uyosondela Kini”
Ngaphambi Nangemva Kokufunda IZwi LikaNkulunkulu—Ukusebenza Kwalo
UKUBE wawuhlangane noTony eseyibhobhodlana, wawuyobona umfana ochwensayo noyisidlova ovame ukutholakala ezindaweni eziwohlokile zaseSydney, e-Australia. Abanye babangane bakhe kwakungamalungu amaqembu ezigilamkhuba. Babevame ukugqekeza, balwe namanye amaqembu, badubulane nasemigwaqweni.
UTony waqala ukubhema eneminyaka engu-9. Lapho eseneminyaka engu-14, wayesebhema insangu futhi eziphethe kabi. Eseneminyaka engu-16, wayesengumhuqa we-heroin, lokhu kwaholela ekusebenziseni i-cocaine, i-LSD—“eqinisweni, noma yini eyayingangidaka,” ngokusho kukaTony. Wabe esevula umzila wokuthengisa izidakamizwa emaqenjini amabili amabi ezigebengu. Kungakabiphi uTony wayesaziwa ogwini olusempumalanga ye-Australia njengomunye wabathengisi bezidakamizwa ezazitholakala kuye nakanjani.
UTony wayechitha kusukela ku-$160 (U.S.) kuya ku-$320 (U.S.) ngelanga emkhubeni wakhe wokubhema i-heroin nensangu. Kodwa umkhaya wakhe wawukhokha ngaphezulu kakhulu kwalokho. Uthi: “Kwaba kaningi mina nomkami sikhonjwa ngezibhamu nangemimese yizigebengu ezazifuna izidakamizwa nemali esasinayo.” Ngemva kokuboshwa izikhathi ezintathu, uTony wazizwa ephoqelekile ukuba ahlole ukuthi ukuphila kwakhe kwakuphokophelephi.
Nakuba ayevamile ukuya esontweni, uTony wayezizwa eqhelelene noNkulunkulu okwakuthiwa ujezisa izoni ngokuzishisa phakade esihogweni. Nokho, lapho evakashelwa oFakazi BakaJehova ababili, kwammangaza ukuzwa ukuthi uNkulunkulu akanjalo. UTony wajabula nangokuthi ngempela wayengakulungisa ukuphila kwakhe futhi athole izibusiso kuNkulunkulu. Amshukumisa amazwi kaJesu Kristu athi: “Zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.” (Marku 10:27) UTony wathintwa nakakhulu yila mazwi akhuthazayo: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.
Manje uTony wayesebhekene nenselele yokuvumelanisa ukuphila kwakhe nezindinganiso zeBhayibheli. Uthi: “Into yokuqala engayiyeka ukubhema, into engangingakaze ngikwazi ukuyenza ngaphambili, nakuba ngase ngizame kaningi. Ngamandla kaJehova, ngakwazi ukuyeka i-heroin nensangu, umkhuba wokusebenzisa izidakamizwa owase ungibambe iminyaka engu-15 edlule. Ngangingacabangi ukuthi kungenzeka ukuyiyeka le mikhuba.”
Kunokuba besabe uNkulunkulu ohlupha abantu phakade esihogweni—okuyimfundiso engatholakali ndawo eBhayibhelini—uTony nomkakhe baba nethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:10, 11; IzAga 2:21) “Kwangithatha isikhathi eside futhi kungelula ukuvumelanisa ukuphila kwami nezindinganiso zikaNkulunkulu,” kuvuma uTony, “kodwa ngesibusiso sikaJehova ngiye ngaphumelela.”
Yebo, lona owayengumlutha wezidakamizwa waba umKristu. Besebenzisa isikhathi sabo nezinto zabo, yena nomkakhe baye basebenza izinkulungwane zamahora befundisa ngeBhayibheli. Futhi bamatasa bakhulisa izingane ezimbili ezesaba uNkulunkulu. Lolu shintsho olukhulu kangaka lwenzeka ngamandla angenakuvinjelwa eZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngempela, njengoba umphostoli uPawulu esho, “izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.”—Hebheru 4:12.
Naphezu kwezibonelo ezinhle kanje, abanye baphikisa ngamanga bathi umsebenzi wokufundisa woFakazi BakaJehova osekelwe eBhayibhelini ubhidliza imikhaya futhi uqeda isimilo kubantu abasha. Indaba kaTony ikuphikisa kakhulu lokho.
NjengoTony abaningi baye bafunda ukuthi kunganqotshwa ukuba umlutha wezidakamizwa okubulalayo. Kanjani? Ngokholo kuNkulunkulu nangokuthembela kuye naseZwini lakhe, kanye nokusekelwa abangane abangamaKristu abakhathalelayo nabanothando. UTony uphetha ngenjabulo athi: “Ngiyibonile indlela izimiso zeBhayibheli ezizivikele ngayo izingane zami. Izimfundiso zeBhayibheli ziwusindisile umshado wami. Futhi omakhelwane bami sebelala nobuthongo ngoba angiselona usongo kubo.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
‘Ngamandla kaJehova, ngakwazi ukuyeka umkhuba wokusebenzisa izidakamizwa owase ungibambe iminyaka engu-15’
[Ibhokisi ekhasini 9]
Izimiso ZeBhayibheli Ezisebenzayo
Izimiso zeBhayibheli ezihlukahlukene ziye zasiza imilutha eminingi yezidakamizwa ukuba zihlukane nalo mkhuba okhubazayo. Ezinye zalezi zimiso yilezi ezilandelayo:
“Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Ukusebenzisa izidakamizwa kuphambene nomthetho kaNkulunkulu.
“Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, futhi ukuqonda kungukuba nolwazi ngoNgcwelengcwele.” (IzAga 9:10) Ukwesaba uJehova okusekelwe olwazini olunembile ngaye nangezindlela zakhe kusize abaningi bahlukana nethonya lezidakamizwa.
“Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” (IzAga 3:5, 6) Imikhuba ewohlozayo ingayekwa ngokuthembela kuNkulunkulu ngobuqotho nangokuncika kuye ngokuphelele.