Ngangizimisele Ukufinyelela Umgomo Wami
NJENGOBA ILANDISWA NGUMARTHA CHÁVEZ SERNA
Ngolunye usuku lapho ngiseneminyaka engu-16 ubudala, ngawa ngaquleka lapho ngisebenza ekhaya. Ngaphaphama sengisembhedeni. Ngididekile, futhi ngiphethwe yikhanda elibuhlungu, kwaphela imizuzwana ngingaboni futhi ngingezwa. Ngangethukile. Kwakwenzekeni kimi?
ABAZALI bami abakhathazekile bangiyisa kudokotela, owanginikeza amavithamini. Wathi into ebangele ukuba ngiquleke ukuthi ngilala ebusuku kakhulu. Ngemva kwezinyangana ngaphinde ngaquleka, futhi kamuva ngaquleka okwesithathu. Saphinde saya komunye udokotela, yena wathi ucabanga ukuthi nginenkinga yokwehluleka kwemizwa, wabe esenginika amaphilisi alalisayo.
Kodwa, ukuquleka kwaqala ukuba insakavukela. Ngangiquleka ngiwe futhi ngilimale. Ngezinye izikhathi ngangiziluma ulimi nengaphakathi lomlomo. Lapho ngiphaphama, nganginkenkethelwa ikhanda ngibe nesicanucanu. Umzimba wonke wawuqaqamba, futhi ngokuvamile ngangingakhumbuli ukuthi kwenzekeni ngaphambi kokuba ngiquleke. Ukuze ngilulame, ngokuvamile kwakudingeka ukuba ngilale usuku olulodwa noma ezimbili. Yize kunjalo, ngangizitshela ukuthi yinkinga yesikhashana nje lena—ngizolulama ngokushesha.
Indlela Okwayithinta Ngayo Imigomo Yami
Lapho ngisemncane, umkhaya wakithi waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Sasifundelwa amaphayona amabili akhethekile, noma abashumayeli besikhathi esigcwele, ababechitha amahora amaningi inyanga ngayinye befundisa abantu amaqiniso eBhayibheli. Ngangibona ukuthi inkonzo yalawo maphayona yayiwajabulisa. Njengoba ngangixoxa nothisha kanye nabanye abafundi esikoleni ngezithembiso zeBhayibheli, ngaqala ukuyizwa le njabulo nami.
Ngokushesha, iningi emkhayeni wakithi laba ngoFakazi BakaJehova. Yeka ukuthi ngangikujabulela kanjani ukushumayela izindaba ezinhle! Lapho ngineminyaka engu-7, kakade ngase ngizibekele umgomo wokuba iphayona elikhethekile. Lapho ngineminyaka engu 16, ngathatha igxathu eliya emgomweni wami ngokubhapathizwa. Yilapho ngaqala khona ukuquleka.
Inkonzo Yobuphayona
Naphezu kwezinkinga zempilo, ngangisenomuzwa wokuthi ngingaba isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Kodwa njengoba ngangiquleka cishe kabili ngesonto, abanye ebandleni baba nomuzwa wokuthi akumelwe ngamukele umthwalo osinda kangaka. Ngazizwa ngidumele futhi ngilusizi. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, ebandleni lethu kwafika umbhangqwana okhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico. Wezwa ngesifiso sami sokuba iphayona futhi wangikhuthaza kakhulu. Wangenza ngabona ukuthi akumelwe ukugula kwami kungivimbele ukuba ngiphayone.
Ngakho-ke, ngo-September 1, 1988, ngamiswa njengephayona elivamile edolobheni lakithi iSan Andrés Chiautla, eMexico. Ngachitha amahora amaningi inyanga ngayinye ngishumayela izindaba ezinhle. Lapho ngingakwazi ukushumayela obala ngenxa yokuquleka, ngangibhalela abantu bendawo izincwadi ngezihloko ezingokomBhalo futhi ngaleyo ndlela ngibakhuthaza ukuba bafunde iBhayibheli.
Ukuhlonzwa Kwesifo Esingiphethe
Manje abazali bami bangiyisa kudokotela oyisazi sezinzwa ngezindleko ezinkulu. Lo dokotela wathi ngiphethwe yisithuthwane. Ngenxa yokwelashwa engakuthola, isifo sami sathi ukudamba cishe iminyaka emine. Ngaleso sikhathi, ngakwazi ukuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona, lapho ngathola khona isikhuthazo esakhulisa isifiso sami sokuyokhonza lapho kunendingeko yabavangeli enkulu khona.
Abazali bami babazi ukuthi ngifuna kangakanani ukwandisa inkonzo yami. Njengoba isifo sami sase singcono, bangivumela ukuba ngiye eZitácuaro, eMichoacán State, eqhele ekhaya ngamakholomitha angaba ngu-200. Ukuzihlanganisa namanye amaphayona kuleso sabelo kwangisiza ngayazisa ngokwengeziwe inkonzo yesikhathi esigcwele.
Nokho, ngemva kweminyaka emibili ngiseZitácuaro, ukuquleka kwaqala phansi. Ngabuyela ekhaya, ngicindezelekile futhi ngidumele ngidinga ukwelashwa. Ngaya kudokotela wezinzwa owathola ukuthi imithi engangiyisebenzisa ngaleso sikhathi yayingilimaza isibindi. Ngaqala ukufuna ezinye izindlela zokwelashwa, ngoba sasingasakwazi ukukhokhela izindleko zokubonana nodokotela onguchwepheshe. Isimo sami saya ngokuya siba ncikinciki, kwadingeka ukuba ngiyeke ukuphayona. Njalo lapho ngiquleka kwakuba kubi kunangaphambili. Kodwa lapho ngifunda amaHubo futhi ngiphendukela kuJehova ngomthandazo, ngayizwa induduzo namandla akhe.—IHubo 94:17-19.
Ngawufinyelela Umgomo Wami
Phakathi nesiwombe esibi kakhulu sokugula kwami, ngangiquleka kabili ngosuku. Kodwa izinto zashintsha. Udokotela wanginika umuthi othile wokwelapha isithuthwane, futhi ngaqala ukuzizwa ngiba ngcono isikhathi esijana. Ngakho-ke ngo-September 1, 1995, ngathatha inkonzo yobuphayona futhi. Impilo yami yaqhubeka iba ngcono, ngakho ngemva kweminyaka emibili ngaphandle kokuquleka ngisho nakanye, ngafaka isicelo sokuba iphayona elikhethekile. Lokhu kwakuzosho ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni, nokuyokhonza noma kuphi lapho ngidingeka khona. Cabanga ukuthi ngazizwa kanjani lapho ngimiswa njengephayona elikhethekile! Ngafinyelela umgomo engangizibekele wona ngisemncane.
Ngo-April 1, 2001, ngaqala isabelo sami esisha endaweni esokhahlambeni lwaseHidalgo State. Manje ngikhonza edolobheni elincane eGuanajuato State. Kumelwe ngiqikelele ukuthi ngiphuza imithi yami futhi ngiphumula ngokwanele. Ngiyacophelela ezintweni engizidlayo, ikakhulukazi uma kuziwa emafutheni, i-caffeine, kanye nokudla okusemathinini. Ngiyazama ukugwema ukuzwela ngokweqile, njengokucasuka noma ukukhathazeka ngokweqile. Kodwa ukuziphatha ngesandla esiqinile kulokhu kuye kwangilethela izinzuzo. Phakathi nenkonzo yami njengephayona elikhethekile, ngisaquleke kanye nje kuphela.
Njengoba ngingashadile futhi ngingenawo umthwalo wokunakekela umkhaya, ngiyakujabulela ukuqhubeka ngikhonza njengephayona elikhethekile. Ngithola induduzo ngokwazi ukuthi ‘uJehova akayena ongalungile ukuba akhohlwe imisebenzi yethu nothando esilubonisayo ngegama lakhe.’ Yeka uthando analo, ngoba akafuni okungaphezu kwalokho esingamnika kona! Ukwamukela leli qiniso kuye kwangisiza ukuba ngilinganisele ekucabangeni kwami, ngoba uma impilo yami engeyinhle ingangenza ngiyeke ukuphayona futhi, ngiyazi ukuthi uJehova uyobe esajabula ngenkonzo yami yomphefumulo wonke.—Hebheru 6:10; Kolose 3:23.
Ngaphandle kokuthandabuza, ukwazisa abanye ngokholo lwami nsuku zonke kuyangiqinisa. Futhi kungenza ngihlale ngicabanga ngezibusiso uNkulunkulu asigcinele zona esikhathini esizayo. Isithembiso seBhayibheli ngezwe elisha siwukuthi ngeke kube khona ukugula, “noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili [ziyobe] zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4; Isaya 33:24; 2 Petru 3:13.
[Izithombe ekhasini 14]
Ngineminyaka engu-7 (ngaphezulu); nginengu-16, ngemva nje kokubhapathizwa
[Isithombe ekhasini 15]
Ngishumayela nomngane