Ukusiza Intsha Yanamuhla
INTSHA namuhla ikhulela ezweni ngezinye izikhathi elibonakala lesabisa. Enye ibona abazali bayo behlala ngokwahlukana noma behlukanisa kube kungekho engakwenza. Enye ibona izingane efunda nazo zizifaka ezingozini zezidakamizwa nobugebengu. Intsha eningi icindezelwa abafana namantombazane ukuba iziphathe kabi ngokobulili. Futhi cishe yonke intsha esanda kuthomba ngezinye izikhathi iba nemizwa yokuthi abantu abayiqondi, izizwe inesizungu futhi icindezelekile.
Intsha idingani ukuze ikwazi ukunqoba lezi zinselele ebhekana nazo? “Izingane zidinga isimiso esiqinile sokuziphatha,” kubhala uDkt. Robert Shaw, “isimo esizinzile esiyozisiza ukuba zikwazi ukukhetha abangane abafanele, zenze izinqumo ezifanele futhi zizwelane nabanye abantu.” IBhayibheli linesimiso sokuziphatha esingcono kunazo zonke, ngoba liqukethe imiqondo yoMdali. Ubani omunye ngaphandle kukaJehova uNkulunkulu ongazi kangcono ukuthi yini esiyidingayo ukuze sikwazi ukubhekana nezikhathi ezigcwele izinkinga esiphila kuzo?
Isiqondiso Esinengqondo, Esiwusizo
Izimiso zeBhayibheli zinengqondo futhi ziwusizo. Ziwusizo kakhulu kubazali nakwabanye abantu abadala abafuna ukusiza intsha ukuze ithole indlela engahamba ngayo ngempumelelo ize ikhule.
Ngokwesibonelo, iBhayibheli ngokungagunci lithi “ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,” noma, njengoba i-Today’s English Version ikubeka, “izingane, ngokwemvelo, zimane zenze izinto zokuganga ezingenangqondo.” (IzAga 22:15) Ezinye izingane zibonakala zivuthiwe kuneminyaka yazo, kodwa noma kunjalo ziseyizingane ezingenalwazi. Futhi ngenxa yalokho, kuyokwenzeka ukuba zingazethembi, zibe nezifiso ezithile futhi zizizwe zikhathazekile, okuyizinto ezivamile lapho umuntu ekhula. (2 Thimothewu 2:22) Ingasizwa kanjani-ke le ntsha?
IBhayibheli likhuthaza abazali ukuba bakhulume nezingane ngaso sonke isikhathi. Liyala abazali: “Ukhulume [ngezindinganiso zikaNkulunkulu] lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7) Ukukhulumisana okunjalo kunezinzuzo ezimbili. Eyokuqala, kwenza ukuba ingane iyalwe ngezindlela zikaNkulunkulu. (Isaya 48:17, 18) Eyesibili, kwenza abazali bahlale bekhuluma nezingane zabo. Lokhu kubalulekile ikakhulu njengoba intsha idlula enkathini yobusha, lapho ingase ibe namahloni nesizungu.
Yiqiniso, intsha eningi iba nesizungu nje okwesikhashana. Kodwa kwenye intsha lesi sizungu siba amahlalakhona. Enye incwadi ekhuluma ngenkathi yobusha ithi: “Lezi zingane zithi kunzima ukuba zizenzele abangane esikoleni, akunamuntu ezingaxoxa naye, zinesizungu, kunzima ukuba zizenzele ugazi kwezinye izingane futhi akukho muntu ezingayofuna kuye usizo lapho ziludinga.”a
Abazali nabanye abantu abadala bangayibonisa intsha ukuthi bayayikhathalela futhi bayisize inqobe lo mshikashika ebhekene nawo. Kanjani? “Okuwukuphela kwendlela ongazi ngayo ukuthi intsha icabangani iwukuba uyibuze,” kubhala umhleli ongumqondisi kamagazini wentsha. Ngokusobala, kuthatha isikhathi futhi kudinga ukubekezela ukuze usize intsha ikuvulele isifuba, ikutshele izinto eziyikhathazayo. Kodwa izinzuzo zenza konke lokho kube yize.—IzAga 20:5.
Isidingo Semingcele Enokucabangela
Ngaphezu kokukhulumisana, intsha idinga—empeleni ekujuleni kwenhliziyo yayo ifuna—imingcele enokucabangela. IBhayibheli lithi “umntwana oyekwayo uyobangela unina amahloni.” (IzAga 29:15) Ochwepheshe bacabanga ukuthi ukuntuleka kwemingcele ecacile kungenzeka yikona okwenza izingane zibe amahlongandlebe. UShaw, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Uma ingane itotoswa njalo futhi kungashiwo nje ukuthi ‘cha’ kuyo noma ibekelwe imingcele ethile, ayilitholi neze ithuba lokufunda ukuthi kukhona nabanye abantu abaphilayo, abanemizwa, abanezidingo kanye nemigomo yabo siqu. Njengoba ingaqeqeshwanga kahle isakhula ukuba izwelane nabanye, leyo ngane ngeke ikwazi ukubonisa uthando.”
UDkt. Stanton Samenow, oseneminyaka esebenza ngezingane ezicindezelekile, uveza umqondo ofanayo. Uyabhala: “Abanye abazali bacabanga ukuthi izingane kufanele zibe nenkululeko. Ngokungacabangisisi kahle, bakholelwa ukuthi ukubekela izingane imingcele noma imithetho kuyozithwalisa imithwalo engadingekile futhi kuzincishe injabulo yobuntwana. Kodwa ukuhluleka kwabo ukubeka imingcele kungase kube nemiphumela eyinhlekelele. Laba bazali abaqapheli ukuthi umfana noma intombazane engasitholi nhlobo isiyalo ingase ikuthole kunzima ukuba izikhuze yona ngokwayo.”
Ingabe lokhu kusho ukuthi abazali kumelwe babe nesandla esiqinile? Phinde. Ukubeka imingcele kungesinye nje sezici zokuba umzali ophumelelayo. Kodwa uma kweqiswa, kubekwa imithetho eqine ngokweqile, lokho kungase kubangele isimo esingajabulisi ekhaya. IBhayibheli lithi: “Nina bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21; Efesu 6:4.
Ngakho njalo nje abazali kudingeka bahlale behlola izindlela zabo zokuqeqesha nokuyala, ikakhulu njengoba izingane zabo ziya zikhula futhi zibonisa izimpawu zokuvuthwa. Mhlawumbe eminye imithetho noma imingcele ingase ithi ukuxegiswa noma ishintshwe, ngokuvumelana nekhono losemusha lokwenza izinto ezinengqondo.—Filipi 4:5.
Ukwakha Imizila Yokuxhumana
Njengoba sekubonisiwe esihlokweni esandulele, iBhayibheli labikezela ukuthi ngaphambi kokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo sokuqeda ububi ezweni, izwe laliyophila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ Ubufakazi bubonisa ukuthi siphila kuyo kanye leyo nkathi—‘izinsuku zokugcina’ zalesi simiso sezinto esingamesabi uNkulunkulu. Njengabantu abadala, intsha nayo kumelwe ibekezelele ukuphila ezweni elinabantu “abazithandayo, . . . abangenalo uthando, . . . abangenakho ukuzithiba.”—2 Thimothewu 3:1-5.b
Abazali abanomuzwa wokuthi ukukhulumisana akusekuhle phakathi kwabo nendodana noma nendodakazi yabo esithombile bangase bathathe isinyathelo sokwakha imizila yokuxhumana, ngokuqala ukuxoxa nayo kancane kancane. Kuyancomeka ukuthi abazali abaningi bayazikhandla ukuze babe nethonya elihle futhi babe abazali abangokoqobo ekuphileni kwezingane zabo.
IBhayibheli liyithuluzi eliwusizo kulesi sici. Liye lasiza abazali abaningi ukuba bakwazi ukufeza indima yabo futhi liye lasiza intsha ukuba ikwazi ukugwema izingibe eziholela enhlekeleleni. (Duteronomi 6:6-9; IHubo 119:9) Njengoba iBhayibheli livela kuMdali, uJehova uNkulunkulu, singaqiniseka ukuthi linikeza intsha yanamuhla usizo olungcono kunalo lonke.c
[Imibhalo yaphansi]
a Yona le ncwadi ithi ngokungafani nentsha eyevile eshumini nambili eba nesizungu okwesikhashana, osemusha onesizungu esingamahlalakhona uzizwa ekhishwa inyumbazane ngaso sonke isikhathi futhi lokho kuthatha isikhathi eside. Uye “acabange ukuthi ukungabi kwakhe nabangane kuyohlala phakade, akulawuleki futhi kubangelwa izici ezithile anazo,” acabange nanokuthi lesi simo “asisoze sashintsha nanini.”
b Bheka isahluko 11 sencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c OFakazi BakaJehova baye bayithola iwusizo kakhulu incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Isahluko sayo ngasinye kwezingu-39 siphendula umbuzo oshukumisa ingqondo. Ezinye zalezi zihloko zithi: “Ngingazenzela Kanjani Abangane Beqiniso?” “Ngingabhekana Kanjani Nokucindezela Kontanga?” “Ngingakuqeda Kanjani Ukuba Kwami Nesizungu?” “Ingabe Ngikulungele Ukuphola?” “Kungani Kufanele Ngenqabe Izidakamizwa?” nesithi “Kuthiwani Ngobulili Ngaphambi Komshado?”
[Isithombe ekhasini 10]
Xoxa nomuntu omdala okhathalelayo ngezinto ezikukhathazayo