Inkantolo YaseYurophu Imelela Amalungelo Kamama
Ngumlobeli we-Phaphama! eFrance
NGO-December 16, 2003, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu, eseStrasbourg, eFrance, yathola izinkantolo zaseFrance zinecala lokubandlulula ngokwenkolo uSéraphine Palau-Martinez, omunye woFakazi BakaJehova.
Ngo-1996, uSéraphine wadivoswa umyeni wakhe, okwase kuphele iminyaka emibili amshiya. USéraphine wanikwa ilungelo lokugcina izingane zabo ezimbili. Kodwa ngo-1997, sekuphele iminyaka emithathu nengxenye lezi zingane zihlala nonina, uyise wenqaba ukuzibuyisa lapho kuphela isikhathi sazo sokumvakashela. USéraphine uyalandisa: “Lapho ngiya esikoleni ngiyolanda izingane, uthishanhloko wabiza amaphoyisa. Kwadingeka ukuba ngikhulume nezingane zami phambi kwamaphoyisa ukuze aqinisekise ukuthi angikhulumi nazo ngokholo lwami. Kwakunjengokungathi ngiyisigebengu. Ngatshelwa ukuthi izingane ngangingazithatha kuphela uma ngingasayina isifungo esiqinisekisa ukuthi ngangingeke ngikhulume nazo ngoNkulunkulu noma ngeBhayibheli noma ngiye nazo emihlanganweni yobuKristu.”
USéraphine wafuna usizo ezinkantolo. Nokho, ngo-1998, iNkantolo Yokudluliswa Kwamacala yaseNîmes yanika uyise wezingane ilungelo lokuzithatha. Yazithethelela ngesinqumo sayo ngokugxeka okukhulu nokunonya zonke izimiso zemfundiso eyayikholelwa ukuthi oFakazi BakaJehova bazinikeza izingane zabo. USéraphine uyakhumbula: “Kwakungeve kubuhlungu ukubekwa icala lokuthi ngilimaza izingane zami, kuyilapho ngangimane nje ngizama ukuzinikeza lokho engangicabanga ukuthi kuyozizuzisa kakhulu—ukuzikhulisa njengamaKristu.”
Lapho iCour de Cassation, inkantolo enkulu yokudlulisela amacala eFrance, ivumelana nenkantolo yokudluliswa kwamacala, uSéraphine wanquma ukudlulisela leli cala ezithebeni zeNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu. Ngevoti yabayisithupha koyedwa, yanquma ukuthi “kwakungekho kungabaza emehlweni eNkantolo ukuthi inkantolo [yaseFrance] yokudluliswa kwamacala yayibe nokwenzelela endabeni yalaba bazali ngokusekelwe enkolweni yommangali. . . . Ukwenzelela okunjalo kuyabandlulula.” Yaqinisa ngokuthi isinqumo senkantolo yaseFrance sasingasekelwe ekhonweni likaSéraphine lokunakekela izingane zakhe—into eyayingakaze ingatshazwe—singasekelwe nasezizathwini eziphathekayo kodwa sasisekelwe “ezinkulumweni ezivamile mayelana noFakazi BakaJehova.” Ngenxa yalokhu kubandlululwa ngokwenkolo nokwephulwa kwamalungelo kaSéraphine, iNkantolo yayala uhulumeni waseFrance ukuba akhokhe isinxephezelo nezindleko zenkantolo.
Lesi sinqumo sivumelana nesinqumo esakhishwa yiNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ngo-June 1993 ecaleni elicishe lifane iNkantolo eyanquma kulo ukuthi uhulumeni wase-Austria wawubandlululé u-Ingrid Hoffmann, ongomunye woFakazi BakaJehova, ngesisekelo senkolo yakhe.a “Ngokuvumelana nesinqumo esakhishwa ecaleni likaHoffmann,” kuphawula iphephabhuku laseFrance elihlaziya amacala i-Semaine juridique, “lesi sinqumo siqinisekisa ukuthi isahlulelo ngokuphathelene nelungelo lomzali asinakwenziwa ngokuyinhloko ngokucabangela inkolo.” Ummeli kaSéraphine wathi: “Lesi sinqumo sibaluleke kakhulu, njengoba nje isimiso sokwahlulela seNkantolo singaguquguquki ekumeleleni ilungelo labazali abangoFakazi BakaJehova lokwahlulelwa ngokungakhethi.”
Lapho ebuzwa ukuthi wayezizwa kanjani ngalesi sinqumo, uSéraphine, manje ohlala eSpain, wathi: “Angive ngijabula futhi sengikhululekile. Ukuthathwa kwezingane zami ngenxa yenkolo yami nokungaziboni iminyaka emihlanu kwakuwumthwalo onzima, kodwa uJehova ubelokhu engiphasile. Ngithemba ukuthi lesi sinqumo sizosiza nabanye abasesimweni esifana nesami.”
[Umbhalo waphansi]
a Bheka esithi “OFakazi BakaJehova Bayalwelwa Empini Yokuwinwa Kwabantwana,” kuyi-Phaphama! ka-October 8, 1993, ikhasi 15.
[Isithombe ekhasini 18]
USéraphine