Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 12/8 k. 10-k. 11 isig. 7
  • Iyophela Nini Ingculaza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyophela Nini Ingculaza?
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqeqesha Kwabazali Kubalulekile
  • Induduzo Kwabaphethwe Yingculaza Noma Isandulela-ngculaza
  • Ikhambi Lengculaza—Maduzane!
  • Intuthuko Ekulweni Nengculaza
    I-Phaphama!—2004
  • Ingculaza Iyasakazeka E-Afrika
    I-Phaphama!—2002
  • Ikhambi Lengculaza—Lidingeka Ngokuphuthumayo!
    I-Phaphama!—2004
  • Indlela Yokulwa Nengculaza
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 12/8 k. 10-k. 11 isig. 7

Iyophela Nini Ingculaza?

Kusukela besebancane, abasha bagcingcwa ngemiyalezo eminingi yobulili ekhuthaza ukuziphatha okuxekethile. Ukuzijova ngezidakamizwa, okungenye yezindlela eziyinhloko ezisakaza igciwane lesandulela-ngculaza, nako kwandile. Uma ucabangela isimo sanamuhla esandile sokuyekelela ekuziphatheni, ungase uzibuze ukuthi iyoke iphele yini ingculaza.

OCHWEPHESHE bezempilo basho kufanele ukuthi ukushintsha indlela yokuziphatha kuyisinyathelo esibalulekile sokulwa nengculaza. Umbiko owanyatheliswa yi-Centers for Disease Control and Prevention, uthi: “Isizukulwane ngasinye sentsha sidinga ukwaziswa okunzulu, okuqhubekayo kwezempilo kanye nokuxhaswa okusisiza sihlakulele amakhono okuphila konke okugwema ukuziphatha okungasenza singenwe yigciwane lesandulela-ngculaza. Izinhlelo ezinjalo ezibanzi kufanele zihlanganise nabazali kanye nothisha.”

Ngokusobala, abazali kudingeka bafundise izingane zabo ngalezi zingozi ngaphambi kokuba zikhohliswe ontanga noma abanye abantu. Lokhu akulula ngaso sonke isikhathi. Kodwa kungasindisa ukuphila kwengane yakho. Ukufundisa izingane ngobulili nezidakamizwa akusho ukuthi uzenza ziphelelwe ubumsulwa bazo. Eqinisweni kungazivikela zilondoloze ubumsulwa.

Ukuqeqesha Kwabazali Kubalulekile

Phakathi kwabantu bakaNkulunkulu basendulo, abazali kwakulindeleke ukuba bafundise izingane zabo ngobuhlobo bobulili nendlela yokuvikela impilo yazo. Ngokuthakazelisayo, imithetho yama-Israyeli asendulo yayihlanganisa iziqondiso ezicacile zokuziphatha kanye nemikhuba eyayiwavikela ekungenweni yizifo. (Levitikusi 18:22, 23; 19:29; Duteronomi 23:12, 13) Abantu kwakufanele bayifundiswe kanjani le mithetho? UJehova uNkulunkulu watshela ama-Israyeli: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho.” Abazali kwakufanele baqale baqonde izinzuzo zokunamathela kule mithetho kanye nemiphumela yokungakwenzi lokho. Babe sebeyalwa: “Kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.”—Duteronomi 6:6, 7.

Isichazamazwi esithile sichaza “ukugxilisa” ngokuthi “ukufundisa nokugcizelela ngokuphindaphinda noma ngokuyala.” Ngokusobala, lokhu kuhilela isikhathi. Abazali abazinika isikhathi sokufundisa amadodana namadodakazi abo ngezingozi zokudla izidakamizwa nobulili obungemthetho ngokuqinisekile basethubeni elingcono lokubona izingane zabo zigwema ukuziphatha okungaholela ekungenweni yigciwane lesandulela-ngculaza nezinye izifo.a

Induduzo Kwabaphethwe Yingculaza Noma Isandulela-ngculaza

Imizamo yokugoma ingase ingaziduduzi neze izigidi zabantu abanengculaza noma isandulela-ngculaza. Ngaphandle kwemiphumela yalesi sifo emzimbeni, bavame ukukhishwa inyumbazana nokungemukelwa ngenxa yesifo abanaso. Kanjani? Inkolelo evamile, kodwa eyiphutha, iwukuthi ukuthintana nje okuvamile kungadlulisela igciwane lesandulela-ngculaza. Ukwesaba ukuthola ingculaza noma igciwane layo kuyaqondakala, ngoba iyathathelwana futhi iyabulala. Abanye baye bavumela ukwesaba kwabo lesi sifo kwabangela ukwesaba okungenangqondo ngabantu abanaso. Abagulayo baye benqatshelwa usizo lwezokwelapha, baxoshwa esontweni, baze bahlaselwa ngisho nangobudlova.

Abanye abantu bathi ingculaza iyisiqalekiso sikaNkulunkulu kwababi. Kuyiqiniso ukuthi ukunamathela ezindinganisweni zeBhayibheli mayelana nokuziphatha kobulili, ukusebenzisa izidakamizwa negazi ngabe kwabavikela abaningi abagulayo ekungenweni yilesi sifo. (IzEnzo 15:28, 29; 2 Korinte 7:1) Nokho, imiBhalo ibonisa ukuthi ukugula akubona ubufakazi besijeziso sikaNkulunkulu ngenxa yesono esithile. Ngokuphambene nalokho, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13; Johane 9:1-3) Umuntu onegciwane lesandulela-ngculaza noma ingculaza ngenxa yokwehluleka ukunamathela ezindinganisweni zemiBhalo kodwa oye washintsha ukuziphatha kwakhe angaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu akamlahlanga.

Uzwela lukaNkulunkulu nothando lwakhe ngabantu abanezifo ezingelapheki kwakusobala lapho iNdodana yakhe, uJesu, isemhlabeni. Lapho ehlangana nomuntu onochoko ekuhambeni kwakhe, uJesu “waba nesihawu, welula isandla sakhe wamthinta.” UJesu wasebenzisa amandla akhe ayisimangaliso welapha onochoko. (Marku 1:40-42) UJesu akazange ababukele phansi abantu abagulayo. Uthando alubonisa kubo lwaluyisibonakaliso esiphelele sothando lukaYise osezulwini.—Luka 10:22.

Ikhambi Lengculaza—Maduzane!

Ukuphulukisa kukaJesu okuyisimangaliso akugcini nje ngokusiqinisekisa ngothando lukaNkulunkulu kuphela. IBhayibheli lisitshela ukuthi manje uJesu Kristu ubusa njengeNkosi yasezulwini. (IsAmbulo 11:15) Inkonzo yakhe emhlabeni yabonisa ukuthi unamandla futhi uzimisele ukuphulukisa zonke izifo ezihlupha isintu. Yilokho kanye azokwenza.

Isiprofetho seBhayibheli sisiqinisekisa ngokuthi maduzane “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) Yize isintu sihlulekile ukunqanda ukusakazeka kwengculaza noma ukunikeza bonke abantu ukwelashwa okuphumelelayo, singaqiniseka ngokuthi ingculaza iyoqedwa. INkosi uDavide yathi: “Mbonge uJehova mphefumulo wami, ungazikhohlwa zonke izenzo zakhe, yena othethelela sonke isiphambeko sakho, ophulukisa zonke izifo zakho.”—IHubo 103:2, 3.

Lokhu kuyokwenzeka nini? Yiziphi izimfuneko uNkulunkulu azibekele labo abanethemba lokuthola lezo zibusiso? Sikucela ukuba uthintane noFakazi BakaJehova ukuze ufunde okwengeziwe ngesithembiso esimangalisayo seBhayibheli.

[Umbhalo waphansi]

a Abazali abaningi baye bathola ukuthi incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, iwusizo ekuzifundiseni ngokuqhubekayo izingane ezincane ngobulili nezimiso zokuziphatha eziyisisekelo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

Isiprofetho seBhayibheli sisiqinise-kisa ngokuthi maduzane “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula’”

[Isithombe ekhasini 10]

Ukufundisa izingane zakho ngobulili nangokusebenzisa kabi izidakamizwa kungazivikela

[Isithombe ekhasini 10]

Amandla nokuzimisela kukaJesu ukuphulukisa abagulayo kwabonisa lokho ayokwenza esikhathini esizayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela