Ikhasi Lesibili
November 22, 2004
Iyophela Nini Ingculaza?
Sekuyiminyaka engaba ngu-20, abeze-mpilo nabacwaningi bezokwelapha emhlabeni wonke beshikashikeka imini nobusuku belwa nengculaza. Ingabe sesisondele yini ekusinqobeni lesi sifo esibulalayo?
Inkantolo YaseYurophu Imelela Amalungelo Kamama 18
Inkantolo ephakeme ilungisa iphutha elibi lokungabi nabulungisa elenziwa kumama othile nezingane zakhe.
Ngingabhekana Kanjani Nokwehluleka? 29
Intsha eningi iyakwesaba ukwehluleka. Kodwa wonke umuntu uyawenza amaphutha. Ungayigwema kanjani imizwa ebuhlungu yokwehluleka?
[Isithombe esisesembozweni]
ISEMBOZO: E-UNITED STATES—Isiguli esinengculaza silungisa inhlanganisela yemishanguzo engu-14 esiyiphuza kathathu ngosuku
[Umthombo]
COVER: Photo by Joe Raedle/Getty Images
[Isithombe ekhasini 2]
ENINGIZIMU AFRIKA—Izingane ezimbili zilinde ukufa kwabazali bazo abazobulawa yingculaza
[Umthombo]
© Paul Weinberg/Panos Pictures