Zingabaduduza Abalilayo
Owesifazane othile eJalisco, eMexico, wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico. Wacela: “Ngicela ningithumelele izincwajana eziningana zethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Angiyena omunye woFakazi BakaJehova, kodwa ngiyahambisana neziningi zezinkolelo zenu.”
Lo mbhali wachaza isizathu sesicelo sakhe, ethi: “Lezi zincwajana ngizifuna ngoba ngicabanga ukuthi kungaba kuhle ukuzinika abanye babantu abathenga esitolo sethu sezimbali. Ngisho labo abeza ukuzothenga izimbali zemingcwabo, okungenzeka ngezinye izikhathi kube inkosikazi, izingane noma umyeni womufi. Nginomuzwa wokuthi lezi zincwajana zingaba usizo olukhulu kubo.”
Mhlawumbe nawe noma othile omaziyo angathola induduzo ngokufunda le ncwajana enamakhasi angu-32. Iphendula imibuzo enjengethi: Ngingabhekana kanjani nosizi lwami? Abanye bangasiza kanjani? Liyini ithemba ngalabo abafile?
Ungazicelela ikhophi yale ncwajana ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.