Ingabe Ukukhuluphala Ngokweqile Kuyinkinga Ngempela?
“Ukukhuluphala ngokweqile kwentsha kunjengobhadane.”—US. K. Wangnoo, udokotela omkhulu we-“endocrinology,” e-Indraprastha Apollo Hospital, eDelhi, eNdiya.
NJENGOBA amazwi angenhla ebonisa, imikhaya eminingi yaseNdiya esesigabeni esiphakathi isishintshele endleleni yokuphila eyenza intsha ikhuluphale ngokweqile. Lolu bhadane seluwumqedazwe osakazekela emazweni amaningi njengoba abantu abengeziwe bengasawuvivinyi umzimba kodwa bebe bedla ukudla okungenamsoco okunamafutha. Udokotela othile osebenza ngezifo zentsha wathi: “Isizukulwane esilandelayo [eBrithani] sizoba . . . esikhuluphele ngokweqile kunazo zonke emlandweni wesintu.” I-Guardian Weekly yabika: “Ukukhuluphala ngokweqile kwake kwaba yinkinga yabantu abadala. Manje eBrithani kunesizukulwane sentsha esimikhuba yaso yokudla nokungenzi lutho olunyakazisa umzimba kusiholela ezinkingeni ezaqala ukubonakala kwelase-United States. Ukukhuluphala ngokweqile isikhathi eside kuzosichaya ezifweni ezinjengesifo sikashukela nesifo senhliziyo nomdlavuza.”
Abalobi bencwadi ethi Food Fight bathi: “Ukudla nokuphuza ngokweqile sekuthathe isikhundla sokungondleki njengenkinga enkulu emhlabeni ezindabeni zokudla.” Ebhala kuyi-Atlantic Monthly, uDon Peck uthi: “AmaMelika angaba yizigidi ezingu-9 manje ‘akhuluphele lokhu okugulisayo,’ okusho ukuthi eqe isisindo esifanele ngamaphawundi angaba yikhulu [45 kg].” Izifo ezihlobene nokukhuluphala zibulala abantu abangaba ngu-300 000 ngaphambi kwesikhathi, “ukwedlula noma yini enye ngaphandle kokubhema.” UPeck waphetha: “Maduzane ukukhuluphala ngokweqile kungase kwedlule indlala nezifo ezithathelwanayo njengenkinga embi kakhulu empilweni yomphakathi emhlabeni.” Ngakho-ke, ubani ongaluziba usongo lokukhuluphala ngokweqile? Encwadini ethi Eat, Drink, and Be Healthy, uDkt. Walter C. Willett uthi “ngaphandle kukagwayi uma kuwukuthi uyabhema, isisindo osibona lapho ugibela esikalini siwuphawu olubaluleke kakhulu lwempilo yakho yesikhathi esizayo.” Inkulumo esemqoka lapha ithi impilo yesikhathi esizayo.
Ukuchaza Kanjani Ukukhuluphala Ngokweqile?
Kunini lapho umuntu ebhekwa njengokhuluphele ngokweqile, hhayi nje ukuthi ukhuluphele? IMayo Clinic eRochester, eMinnesota, e-U.S.A., ithi: “Kalula nje, ukukhuluphala ngokweqile kuwukuba nesisindo esiphakeme esiyingozi ngenxa yamafutha amaningi emzimbeni.” Kodwa unquma kanjani ukuthi umuntu ngamunye ukhuluphele yini? Amashadi abonisa ubude nesisindo angakunika isiqondiso esilinganiselayo sokuthi umuntu umane nje ukhuluphele noma usefinyelele eqophelweni lokukhuluphala ngokweqile. (Bheka ishadi elisekhasini 13.) Nokho, la mashadi awabali umahluko odalwa ukwakheka komzimba. IMayo Clinic ithi: “Amafutha asemzimbeni, hhayi isisindo, yiwo awuphawu olungcono lwempilo.” Ngokwesibonelo, umsubathi cishe uyoba nesisindo esiphakeme ngenxa yemisipha noma amathambo aqatha. Ziyini izimbangela eziyinhloko zokukhuluphala noma ukukhuluphala ngokweqile? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalowo mbuzo.