Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 6/8 k. 5-k. 8 isig. 3
  • Ukunqoba Isizungu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunqoba Isizungu
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nesizungu
  • Nawe Ungasinqoba Isizungu
  • Ungavumeli Isizungu Sikuthonye Kabi Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Isizungu—Ingabe Uzimisele Ukulwisana Naso Futhi Unqobe?
    I-Phaphama!—1993
  • Ungasinqoba Isizungu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ukuthola Izimbangela Zesizungu
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 6/8 k. 5-k. 8 isig. 3

Ukunqoba Isizungu

AKULULA ukunqoba isizungu. Kuhileleke imizwelo enamandla. Umuntu angalwa kanjani nesizungu? Yini abanye abayenzile ukuze banqobe lo muzwa onamandla?

Ukubhekana Nesizungu

UHelena uthanda ukuba yedwa lapho enza izinqumo ezithile, kodwa unomuzwa wokuthi isizungu singaba yingozi. Lapho esakhula, ukukhulumisana phakathi kwakhe nabazali bakhe kwakuntuleka. Engazi ukuthi angabenza kanjani baqaphele ukuthi uyabadinga, wazivalela ekamelweni lakhe. Uyalandisa: “Ngaqala ukuba nenkinga yokudla. Ukucindezeleka kwakungigabha. Ngangiye ngizitshele, ‘Kungani kufanele ngikhathazeke ngezinkinga zabazali bami bona bebe bengenandaba nezami?’ Ngabe sengicabanga ukuthi ukushada kungasiqeda isizungu sami. Ngafuna umshado njengesiphephelo. Kodwa ngasheshe ngacabanga, ‘Kungani kufanele ngone ukuphila komunye umuntu? Kudingeka ukuba ngiqale ngilungise ukucabanga kwami!’ Ngafuna usizo lukaJehova ngomthandazo, ngithululela kuye usizi lwami.

“EBhayibhelini, ngathola amazwi aduduza ngempela, anjengalawo aku-Isaya 41:10: ‘Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.’ La mazwi angisiza kakhulu ngoba ngangizwa sengathi anginababa. Namuhla ngifunda iBhayibheli njalo futhi ngiyathandaza kuBaba osezulwini. Ngiye ngafunda ukunqoba isizungu sami.”

Ukushonelwa othandekayo kuyadabukisa, okungase kuholele esizungwini. ULuisa, oneminyaka engu-16 ubudala, uluchaza kanje usizi lwakhe: “Ubaba wabulawa lapho ngineminyaka emihlanu ubudala. Ngabe sengiphendukela kugogo ukuze ngithole induduzo, kodwa angikaze ngibe nomuzwa wokuthi uyangithanda. Angizange ngiboniswe uthando kangako ebuntwaneni bami, isikhathi engangiludinga kakhulu ngaso. Lapho ngineminyaka ephakathi kwengu-8 nengu-9 ubudala, ngazama kathathu ukuzibulala. Ngangicabanga ukuthi kwakuyowusiza umkhaya wakithi ngoba umama wayedonsa kanzima ukuze asondle mina nawodadewethu abathathu. Khona-ke saqala ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova. Umbhangqwana othile osemusha waba nesithakazelo esiqotho kimi. Wawuvame ukuthi: ‘Siyajabula ukuba nawe futhi siyakudinga.’ Amazwi athi ‘Siyakudinga’ anginika amandla kakhulu. Ngezinye izikhathi angikwazi ukuchazela omunye umuntu imizwa yami, kodwa lapho ngifunda izihloko ezinyatheliswe kuyi-Nqabayokulinda noma kuyi-Phaphama! ngiyambonga uJehova ngoba lab’ omagazini bangisizile ukuba ngizwe uthando lwakhe. Sengenze izinguquko eziningi. Namuhla ngiyakwazi ukumamatheka, futhi ngiyakwazi ukuvezela umama imizwa yami yokudabuka neyokujabula. Ngezinye izikhathi kuyaye kufike izinkumbulo zesikhathi esidlule kodwa akusafani nakuqala ngenkathi ngizama ukuzibulala noma ngiyeka ukukhuluma nabantu engibathandayo. Ngikhumbula ngaso sonke isikhathi lokho umhubi uDavide akusho: ‘Manje ngizokhuluma ngenxa yabafowethu nabangane bami ngithi: “Kwangathi kungaba nokuthula ngaphakathi kwakho.”’”—IHubo 122:8.

UMartha useneminyaka engu-22 ehlukanisile nomyeni wakhe, phakathi naleso sikhathi ubekhulisa ingane. Uthi: “Ngiyaye ngifikelwe imizwa yokungabi yilutho nesizungu lapho ngicabanga ukuthi ngiye ngahluleka kokuthile.” Ubhekana kanjani nale mizwa? Uyachaza: “Ngithole ukuthi indlela engcono kakhulu yokubhekana nayo iwukusheshe ngikhulume noJehova uNkulunkulu ngayo. Lapho ngithandaza ngiyazi ukuthi angingedwa. UJehova ungiqonda ngaphezu kokuba ngiziqonda mina. Ngiyazama nokuthola izindlela zokubonisa isithakazelo kwabanye. Inkonzo yami yesikhathi esigcwele iyisikhali esinamandla sokulwa nale mizwa engemihle. Lapho ukhuluma nabanye ngezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu futhi uqaphela ukuthi izilaleli zakho azinalo nhlobo ithemba nokuthi zicabanga ukuthi alikho ikhambi lezinkinga zazo, uthola ukuthi wena unezizathu eziqinile zokufuna ukuphila futhi uqhubeke ulwa.”

U-Elba, oneminyaka engu-93 ubudala futhi okuphela kwengane yakhe ikhonza njengesithunywa sevangeli kwelinye izwe, usitshela indlela anqoba ngayo isizungu: “Lapho indodakazi yami nomyeni wayo bethola isimemo sokuya eWatchtower Bible School of Gilead, ngabona ubuso babo buchachambile ngenjabulo, nami ngajabula kanye nabo. Kamuva, lapho sebethola isabelo sokuyokhonza kwelinye izwe, ngaqala ukuba nesikhwele kancane. Ngangazi ukuthi babengeke besaba seduze kwami, futhi ngafikelwa ukudabuka okuthile. Kwabonakala sengathi ngiphindwa esikaJefta nendodakazi yakhe eyayiwukuphela kwayo, njengoba kuchazwe kubaHluleli isahluko 11. Kwadingeka ngithandaze kuJehova ngikhala izinyembezi, ngicela ukuba angithethelele. Izingane zami zixhumana nami njalo. Ngiyazi ukuthi zimatasa kakhulu, kodwa nomaphi lapho zikhonza khona, ziyasenza isikhathi sokuxhumana nami, zingixoxele okuhlangenwe nakho ezikuthole enkonzweni yasensimini. Ngizifunda ngiphindelela izincwadi zazo. Kunjengokungathi zikhulume nami isonto ngalinye futhi angive ngibonga ngalokho. Nabadala abangamaKristu ebandleni lakithi basinaka ngendlela efanele thina bantu asebegugile nababuthaka, bayalandelela beqikelela ukuthi sinayo into yokuya emihlanganweni yebandla basitholele nezinye izidingo. Ngibheka abafowethu nodadewethu abangokomoya njengesibusiso esivela kuJehova.”

Nawe Ungasinqoba Isizungu

Kungakhathaliseki ukuthi umdala noma usemusha, ushadile noma awushadile, unabazali noma uyintandane, futhi kungakhathaliseki ukuthi uye washonelwa abantu obathandayo noma uhlushwa isizungu ngandlela-thile, zikhona izindlela zokunqoba imizwa yakho. UJocabed, intombazane eneminyaka engu-18 ubudala oyise washiya umkhaya wakubo onamalungu ayisithupha waya kwelinye izwe, uthi: “Khuluma! Kubalulekile ukuba siveze imizwa yethu. Uma singayivezi, akekho ozosiqonda.” Utusa lokhu: “Musa ukucabanga kakhulu ngawe ngokwakho. Cela usizo kubantu abavuthiwe hhayi entsheni okungenzeka ukuthi ibhekene nesimo esibi ngaphezu kwesakho.” ULuisa, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ukuthandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni kusinika usizo esiludingayo ukuze siphume esimweni esingabonakala siwungqingetshe.” UJorge, owashonelwa umkakhe, uchaza indlela alwa ngayo nesizungu: “Kudingeka ukuphikelela. Ukuba nesithakazelo kwabanye kungisiza kakhulu. ‘Ukubonisa uzwela’ lapho sixoxa nabanye kungenza izingxoxo zethu zakhe futhi kungasisiza ukuba sibone ubuhle obukwabanye abantu.”—1 Petru 3:8.

Ziningi izinto ezingenziwa ekulweni nesizungu. Kodwa ingabe luyoke lufike usuku lapho isizungu singasayikuphinde sibe khona? Uma kunjalo, kuyokwenzeka kanjani lokhu? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula le mibuzo.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

“Ukuthandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni kusinika usizo esiludingayo ukuze siphume esimweni esingabonakala siwungqingetshe.”—ULuisa

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 7]

Lokho Ongakwenza Ukuze Unqobe Isizungu

◼ Yazi ukuthi isimo sakho singashintsha, ukuthi asiyona into eyisimbelambela kodwa sivamile nabanye bayabhekana naso.

◼ Ungafuni ukwenza izinto ezingaphezu kwamandla akho.

◼ Yaneliseka ngawe ngokwakho.

◼ Hlakulela ukudla ngendlela efanele nokuzivivinya umzimba, futhi ulale ngokwanele.

◼ Sebenzisa isikhathi osichitha uwedwa ekwenzeni izinto ezakhayo nasekufundeni amakhono amasha.

◼ Qikelela ukuba ungahluleli abantu ohlangana nabo ngokwalokho okuye kwakwehlela esikhathini esidlule.

◼ Bazise abangane bakho nezimfanelo zabo eziyingqayizivele. Sebenzela ekutholeni abangane abahle. Cela amacebiso kubantu abadala kunawe, abanokuhlangenwe nakho.

◼ Yenzela abanye izinto—mamatheka, ukhulume ngomusa, ubakhuthaze ngeBhayibheli. Ukuba nomuzwa wokuthi abanye bayakudinga kuyikhambi elikhulu lokunqoba isizungu.

◼ Gwema ukuzakhela amaphupho ngosaziwayo bamabhayisikobho noma be-TV noma abantu obabona kuyi-Internet noma abalingiswa abasezincwadini, uzicabange usuthandana nabo.

◼ Uma ushadile, ungalindeli ukuba umngane wakho womshado anelise zonke izidingo zakho ezingokomzwelo. Funda ukubambisana nomngane wakho nokumbonelela, nisizane futhi nisekelane.

◼ Funda ukuxoxa nabanye futhi ube isilaleli esihle. Gxila kwabanye abantu nasezithakazelweni zabo. Yiba nozwela.

◼ Kwamukele ukuthi unesizungu, bese uxoxa nomngane ovuthiwe, umuntu ongamethemba. Ungafeli ngaphakathi.

◼ Gwema ukuphuza ngokweqile, noma ungaphuzi nhlobo. Utshwala abuziqedi izinkinga zakho—ziyabuya ngokuhamba kwesikhathi.

◼ Gwema ukuqhosha. Bathethelele abakuzwisa ubuhlungu, ubophe amanxeba. Zimisele ukungabi nezinsolo.

[Isithombe ekhasini 6]

Umuntu angalwa kanjani nesizungu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela