Izwe Elingenazo Izifo
“Wonke amazwe kufanele abambisane ngobunye ukuze aqinisekise ukuthi bonke abantu bathola ukunakekelwa kwempilo okuyisisekelo ngoba ukuba nempilo enhle kwabantu banoma yiliphi izwe kuwathinta ngokuqondile futhi kuyawazuzisa wonke amanye amazwe.”—I-ALMA-ATA DECLARATION, KA-SEPTEMBER 12, 1978.
EMINYAKENI engu-25 edlule, abanye babecabanga ukuthi ukunikeza bonke abantu emhlabeni ukunakekelwa kwempilo okuyisisekelo kwakuwumgomo ongafinyeleleka. Izihambeli ze-International Conference on Primary Health Care, ezazihlangene e-Alma-Ata, ezweni manje eliyiKazakhstan, zanquma ukuba ngonyaka ka-2000 sonke isintu sibe sesigonyelwe izifo ezithathelwanayo eziyingozi. Zazinanethemba lokuthi ngawo kanye lowo nyaka, bonke abantu emhlabeni bayobe sebenezindlela eziyisisekelo zokukhucululwa kwendle namanzi ahlanzekile. Wonke amazwe angamalungu e-World Health Organization (WHO) asisayina lesi simemezelo.
Akungabazeki ukuthi lo mgomo wawuncomeka, kodwa okwenzeka kamuva kuye kwadumaza. Akubona bonke abantu abathola ukunakekelwa kwempilo okuyisisekelo, futhi izifo ezithathelwanayo zisasongela impilo yezigidi zezinkulungwane zabantu emhlabeni. Futhi lezi zifo ezibulalayo zivame ukuhlasela abantwana nabantu abadala besebasha.
Ngisho nosongo olumbaxa-ntathu lwengculaza, isifo sofuba nomalaleveva aluwashukumisanga amazwe ukuba “abambisane ngobunye.” Isikhwama esisanda kusungulwa se-Global Fund to Fight AIDS, Tuberculosis and Malaria sacela amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-90 kohulumeni ukuze kunqandwe le miqedazwe. Nokho, ehlobo lika-2002, kwakusatholakale imali nje engaphezu kwamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-13—ngawo kanye lowo nyaka, izindleko zempi zafinyelela emaRandini abalelwa ezigidini eziyizigidi ezingu-4,8! Ngokudabukisayo, ezweni lanamuhla elihlukene, zimbalwa izinsongo ezingahlanganisa wonke amazwe ngendlela engazuzisa bonke abantu.
Yize zinezinhloso ezinhle, izikhulu zezempilo zizithola zilinganiselwe lapho zilwa nezifo ezithathelwanayo. Ohulumeni bangase bangayikhiphi imali edingekayo. Amagciwane asemelana nemithi eminingi, futhi abantu bangase baphikelele baphile ngendlela eyingozi. Ngaphezu kwalokho, izinkinga ezikhona njengobumpofu, impi nendlala zivula indlela yokuba amagciwane aphumelele ekungeneni izigidi zabantu.
Isithakazelo SikaNkulunkulu Empilweni Yethu
Likhona ikhambi. Sinobufakazi obucacile bokuthi uJehova uNkulunkulu unesithakazelo ngempela empilweni yesintu. Isimiso semizimba yethu sokuzivikela ezifweni sinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda balokhu. Imithetho eminingi uJehova ayinika ama-Israyeli asendulo yabonisa isifiso sakhe sokuwavikela ezifweni ezithathelwanayo.a
UJesu Kristu, onobuntu obunjengobukaYise wasezulwini, naye uyabazwela abagulayo. IVangeli likaMarku lichaza isenzakalo lapho uJesu ehlangana nendoda eyayinochoko. Le ndoda enochoko yathi: “Uma uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” UJesu wafikelwa uzwela ngokubona ubuhlungu nokuhlupheka le ndoda eyayikubekezelele. UJesu waphendula: “Ngiyathanda. Hlanzeka!”—Marku 1:40, 41.
UJesu akazange elaphe abantu abambalwa nje ngokuyisimangaliso. Umlobi weVangeli uMathewu ubika ukuthi uJesu “walijikeleza lonke elaseGalile, efundisa . . . futhi eshumayela izindaba ezinhle zombuso, elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka kubantu.” (Mathewu 4:23) Ukwelapha kwakhe akuzange kusize nje abantu abagulayo baseJudiya naseGalile kuphela. Lokho kwelashwa kwabantu kusinika umbono wendlela zonke izinhlobo zezifo eziyoqedwa ngayo ekugcineni lapho uMbuso kaNkulunkulu, uJesu ashumayela ngawo, usubusa isintu ngaphandle kokuphikiswa.
Impilo Yomhlaba Wonke Ayilona Iphupho Elingenakufezeka
IBhayibheli liyasiqinisekisa ngokuthi impilo yomhlaba wonke ayilona iphupho elingenakufezeka. Umphostoli uJohane wabona kusengaphambili isikhathi lapho ‘itende likaNkulunkulu liyobe likanye nabantu.’ Ngenxa yalesi sinyathelo esiyothathwa uNkulunkulu, “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Ingabe lokho kuzwakala kuyisimangaliso esingelona iqiniso? Evesini elilandelayo, uNkulunkulu ngokwakhe uthi: “La mazwi athembekile ayiqiniso.”—IsAmbulo 21:3-5.
Yiqiniso, ukuze kuphele izifo kudingeka ukuba kuphele nobumpofu, indlala nempi, ngoba lezi zimo eziwusizi zivame ukubhebhethekisa amagciwane abanga izifo. Ngakho-ke, uJehova ushiye lo msebenzi omkhulu ezandleni zoMbuso wakhe, uhulumeni wasezulwini ophethwe uKristu. Njengempendulo yezigidi zemithandazo eqotho, lo hulumeni uyofika, futhi uyoqinisekisa ukuthi intando kaNkulunkulu iyenziwa emhlabeni.—Mathewu 6:9, 10.
Singalindela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike nini? Ephendula lowo mbuzo, uJesu wabikezela ukuthi izwe laliyobona uhide lwezenzakalo eziphawulekayo ezaziyoba uphawu olubonisa ukuthi uMbuso wawusuzothatha isinyathelo. Wathi esinye salezo zibonakaliso kwakuyoba ukuqubuka ‘kwezifo eziwumshayabhuqe ezindaweni ngezindawo.’ (Luka 21:10, 11; Mathewu 24:3, 7) Igama lesiGreki elisho “isifo esiwumshayabhuqe” libhekisela “kunoma isiphi isifo esibulalayo esithathelwanayo.” Ekhulwini lama-20 ngokuqinisekile kwaqubuka izifo eziwumshayabhuqe ezisabekayo, naphezu kwayo yonke intuthuko yesayensi yezokwelapha.—Bheka ibhokisi elithi “Abantu Abaye Babulawa Yizifo Eziwumshayabhuqe Kusukela Ngo-1914.”
Isiprofetho esisencwadini yesAmbulo, esivumelana namazwi kaJesu asemaVangelini, sibonisa idlanzana labagibeli bamahhashi abahambisana noJesu Kristu lapho eqala ukubusa ezulwini. Umgibeli wesine ugibele “ihhashi eliphaphathekile,” futhi usakaza ‘isifo esibulalayo.’ (IsAmbulo 6:2, 4, 5, 8) Ukubheka izibalo zabantu abaye babulawa ezinye zezifo ezinkulu ezithathelwanayo kusukela ngo-1914 kuqinisekisa ukuthi ngempela lo mgibeli wehhashi ongokomfanekiso ubelokhu egabavula. Ukuhlupheka komhlaba wonke ngenxa ‘yesifo esibulalayo’ kungobunye ubufakazi bokuthi sekuseduze ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike.b—Marku 13:29.
Nakuba isayensi yezokwelapha ikwazile ukunqanda izifo ezithathelwanayo amashumi ambalwa eminyaka, kunosongo olusha esibhekene nalo. Ngokusobala, sidinga ikhambi elingaphezu komuntu ukuxazulula le nkinga unomphela. UMdali wethu uthembisa ukwenza lokho kanye. Umprofethi u-Isaya usiqinisekisa ngokuthi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’ ” Ngaphezu kwalokho, “[uNkulunkulu] empeleni uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.” (Isaya 25:8; 33:22, 24) Lapho lolo suku lufika, izifo ziyobe sezinqotshwe phakade.
[Imibhalo yaphansi]
a UMthetho KaMose wawuneziyalo ngokuphathelene nokugqitshwa kwendle, ukukhucululwa kwayo, inhlanzeko, nokuhlukanisa abantu abanezifo ezithathelwanayo. UDkt. H. O. Philips waphawula ukuthi “izindaba ezitholakala eBhayibhelini eziphathelene nobulili, ukuxilonga izifo, ukuzelapha, kanye nokugoma ziseqophelweni eliphezulu futhi zinokwethenjelwa ngaphezu kwemibono kaHippocrates.”
b Ukuze uthole ukudingidwa kwezinye izimpawu ezibonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu useduze, bheka isahluko 11 sencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi ekhasini 28]
“Abantu Abaye Babulawa Yizifo Eziwumshayabhuqe Kusukela Ngo-1914”
Lezi zibalo zimane ziwukulinganisela. Nokho, zibonisa izinga izifo eziwumshayabhuqe eziye zahlupha ngalo isintu kusukela ngo-1914.
◼ Ingxibongo (baphakathi kwezigidi ezingu-300 nezingu-500) Ayikho indlela ephumelelayo eyatholakala yokwelapha ingxibongo. Uhlelo olubanzi lokugoma abantu emhlabeni wonke lwagcina luphumelele ekuqedeni lesi sifo ngo-1980.
◼ Isifo sofuba (baphakathi kwezigidi eziyikhulu nezingu-150) Isifo sofuba sesibulala abantu abangaba yizigidi ezimbili unyaka ngamunye, futhi umuntu oyedwa kwabathathu emhlabeni unegciwane lesifo sofuba.
◼ Umalaleveva (baphakathi kwezigidi ezingu-80 nezingu-120) Engxenyeni yokuqala yekhulu lama-20, inani labantu ababulawa umalaleveva lalingaba yizigidi ezimbili ngonyaka. Inani elikhulu labantu abafayo njengamanje liseningizimu yeSahara e-Afrika, lapho umalaleveva usabulala khona abantu abangaphezu kwesigidi ngonyaka.
◼ Umkhuhlane waseSpain (baphakathi kwezigidi ezingu-20 nezingu-30) Izazi-mlando ezithile zithi lesi sifo sabulala inani elingaphezulu kakhulu kwaleli. Lo mqedazwe obulalayo wahlasela umhlaba ngo-1918 no-1919, ngemva nje kwempi yezwe yokuqala. Incwadi ethi Man and Microbes ithi: “Ngisho nesifo sezimbilapho asizange sibulale abantu abaningi kangaka ngokushesha okungaka.”
◼ I-typhus (bangaba yizigidi ezingu-20) Imiqedazwe ye-typhus yayivame ukuhambisana nempi, futhi impi yezwe yokuqala yaqala ubhadane lwe-typhus olwaqothula amazwe aseMpumalanga Yurophu.
◼ Ingculaza (bangaphezu kwezigidi ezingu-20) Lolu hlupho lwanamuhla selubulala abantu abayizigidi ezintathu minyaka yonke. Izibalo zamuva zohlelo lwengculaza lweZizwe Ezihlangene zibonisa ukuthi “ngenxa yokuntuleka kwezinhlelo ezibanzi zokugoma nokwelapha lesi sifo, kuyofa abantu abayizigidi ezingu-68 . . . phakathi kuka-2000 no-2020.”
[Izithombe ekhasini 27]
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, izifo ezinjengalezi ngeke zisaba usongo
Ingculaza
Umalaleveva
Isifo sofuba
[Umthombo]
AIDS: CDC; malaria: CDC/Dr. Melvin; TB: © 2003 Dennis Kunkel Microscopy, Inc.
[Isithombe ekhasini 29]
UJesu welapha zonke izinhlobo zezifo nobuthakathaka