UMose Uyahlaselwa
AMAJUDA, amaKristu namaSulumane ngokuvamile abavumelani ezintweni eziningi. Nokho, naphezu kokungavumelani kwalezi zinkolo, kunento eyodwa ezifana ngayo: inhlonipho ejulile ngomuntu owaziwa ngokuthi uMose. AmaJuda amqaphela “njengomkhulu kubo bonke abafundisi bamaJuda”—umsunguli wesizwe samaJuda. AmaKristu ambheka njengomanduleli kaJesu Kristu. AmaSulumane abheka uMose njengomunye wabaprofethi bawo bokuqala abakhulu.
Ngakho, uMose ungomunye wabantu abanethonya elikhulu emlandweni wabantu. Noma kunjalo, sekuyiminyaka engaphezu kweyikhulu uMose ehlaselwa yizazi nabefundisi. Abaningi abagcini nje ngokungabaza inkolelo yokuthi uMose wenza izimangaliso futhi wahola ama-Israyeli aphuma eGibhithe kodwa ngisho neqiniso lokuthi wake waba khona ngempela. Incwadi ethi Moses—A Life kaJonathan Kirsch iphetha kanje: “Esingakusho ngoMose osemlandweni ukuthi kungenzeka ukuthi umuntu othile onjengalo ochazwa eBhayibhelini wake waphila esikhathini nasendaweni ethile engaziwa endulo impela, futhi njengeparele elakhelwa ohlamvwini lwesihlabathi kungenzeka ukuthi izinto azenza ziyithonsi elincane makhathaleni okuye kwakhelwa kulo udumo nobukhulu obuyinsumansumane phakathi namakhulu eminyaka waze waba yilo muntu omkhulu futhi oyinqaba esifunda ngaye emakhasini eBhayibheli.”
Uma ukuthi nje halamuzi, lokhu kugxeka kwabo kungase kuzwakale kunengqondo. Ngokwesibonelo, abagxeki baphawula ukuthi bukhona ubufakazi bemivubukulo obuye batholakala obuqinisekisa ukuthi abantu abathile baseBhayibhelini njengeNkosi yakwa-Israyeli uJehu bake baphila, kodwa akukho bufakazi bemivubukulo obutholakele obuqinisekisa ukuthi uMose wake waphila. Nokho, lokhu akubona neze ubufakazi bokuthi uMose umane nje ungumuntu wasenganekwaneni. Abagxeki bake bathi abantu abathile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini, njengeNkosi yaseBhabhiloni uBhelishazari neNkosi yase-Asiriya uSarigoni, nabo bangabantu basezinganekwaneni—kwaze kwaba kamuva lapho imivubukulo yaqinisekisa khona ukuthi bake baphila ngempela.
Umlobi uJonathan Kirsch usikhumbuza lokhu: “Izinsalela nemithonseyana yelakwa-Israyeli waseBhayibhelini kuyindlala kakhulu kangangokuba ukungatholakali nhlobo kukaMose kunoma imuphi umthombo ngaphandle kwaseBhayibhelini kuphela akumangazi futhi akufakazeli lutho.” NgokukaKirsch, abanye ngenxa yalokho bathi cishe akunakwenzeka ukuthi uMose umane nje ungumuntu oqanjwe othile ngokuzicabangela kwakhe, ngoba “ukuphila komuntu okunemininingwane namazwi akhe amaningi kangaka, okuyinkimbinkimbi ngale ndlela . . . , akukwazi ukuthi kumane nje kuqanjiwe.”
Kungakhathaliseki ukuthi uyikholwa noma cha, cishe wake wezwa ngezenzakalo ezivelele ekuphileni kukaMose: ingxoxo yakhe noNkulunkulu esihlahleni esivuthayo, uFuduko lwama-Israyeli ephuma ebugqilini eGibhithe, nokuhlukaniswa koLwandle Olubomvu. Kodwa ingabe sikhona isizathu sokukholelwa ukuthi lezi zinto zenzeka ngempela? Noma ingabe uMose umane nje ungumuntu wasenganekwaneni? Isihloko esilandelayo siyayiphendula le mibuzo ethakazelisayo.