Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 2/8 kk. 31-32
  • Ingabe Ubuntu Bomuntu Bunqunywa Uhlobo Lwegazi Qnalo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ubuntu Bomuntu Bunqunywa Uhlobo Lwegazi Qnalo?
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kushiwoni Ngohlobo Lwegazi?
  • Ubuntu Bethu Bunqunywa Yini?
  • Ukuba Nengqondo KobuKristu
  • Sazise Ngokufanele Isipho Sakho Sokuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Igazi—Libalulekile Ekuphileni
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Inhlonipho Yokwesaba UNkulunkulu Ngegazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 2/8 kk. 31-32

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Ubuntu Bomuntu Bunqunywa Uhlobo Lwegazi Qnalo?

UKWAHLULELA ubuntu bomuntu ngesisekelo sohlobo lwegazi lakhe kuyathandwa kwamanye amazwe. Ngokwesibonelo, eJapane akuyona into engavamile ngomuntu ukuqala ingxoxo ngombuzo othi, “Unegazi laluphi uhlobo?” Abantu abashisekela lo mbono bathi abantu abanegazi lohlobo A bangabantu abangaxhamazeli, abakwaziyo ukusingatha imithwalo yemfanelo, abadlinzekelayo; labo abanegazi lohlobo B kuthiwa baqotho, banemizwelo eguquguqukayo, bakhohliseka kalula; njalonjalo. Kuze kugonyelwe nangokuthi umuntu onegazi lohlobo oluthile angase akuthole kunzima—noma kulula—ukuphila nomuntu onegazi lolunye uhlobo.

Ngokusekelwe kulo mqondo, abanye babheka uhlobo lwegazi lomuntu njengesici esibalulekile lapho behlukanisa izingane esikoleni, beqoka abaqondisi bezinkampane, ngisho nalapho bekhetha abangane bomshado. Bukhona yini ubufakazi bokuthi ubuntu bethu ngempela bunqunywa uhlobo lwegazi esinalo? Zikhona yini izimfundiso zeBhayibheli ezihlobene nale ndaba?

Kushiwoni Ngohlobo Lwegazi?

I-World Book Multimedia Encyclopedia iyachaza: “Ulwelwesi lwamangqamuzana egazi abomvu lunamaprotheni okuthiwa ama-antigen. Kunama-antigen amangqamuzana abomvu angaphezu kuka-300 aye atholakala.” Nakuba abanye abantu benama-antigen athile, abanye abanawo, kanti amanye awakwazi ukuhlala ndawonye. Ngakho-ke njengoba le encyclopedia inezela, “ngokusekelwe kuma-antigen athile akhona noma angekho, ososayensi baye bahlukanisa igazi labantu ngezinhlobo ezihlukahlukene.”

Indlela eyamukelwa ezingxenyeni eziningi eyokuhlukanisa igazi ngesimiso okuthiwa i-ABO, esihlukanisa igazi labantu ngezinhlobo ezine—A, B, AB, nohlobo O. Esinye isimiso esivame ukusetshenziswa yileso okuthiwa i-Rh. Empeleni kunezindlela zokuhlukaniswa kwegazi ezingaba ngu-20 ezaziwayo. Ungabona-ke ukuthi igazi liyinkimbinkimbi kangakanani. I-Encyclopædia Britannica ithi: “Isibalo esikhulu sama-antigen ahlukahlukene asemangqamuzaneni abomvu senza kucishe kungenzeki impela ukuba abantu ngaphandle kwamawele afana ncimishi babe neqoqo elifanayo lezinhlayiya zohlobo lwegazi.”

Ngelilodwa singasho ukuthi le ncazelo isikisela ukuthi umuntu ngamunye “unohlobo lwegazi” lwakhe yedwa. Ngakho, ukuthi abantu abanezinhlobo ezithile ezifanayo zegazi banezici zobuntu ezifanayo kubonakala kungasekelwe ndawo. Empeleni kubonakala kunezici eziningana ezinquma ubuntu bethu.

Ubuntu Bethu Bunqunywa Yini?

I-Encyclopædia Britannica iyachaza: “Uma kukhulunywa ngobuntu bomuntu kushiwo izici zokuziphatha, umuntu azalwe nazo noma azifundile, ezimenza ahluke kwabanye.” Yebo, ngaphezu kofuzo, kunezinye izici—njengesimo sasekhaya, imfundo, abangane, nezigigaba eziye zehlela umuntu kokubili ezinhle nezimbi—ezithonya ukwakheka kobuntu bethu. Ngakho-ke akulona lodwa ufuzo olunquma ubuntu bethu. Ngisho namawele afanayo, anezici zofuzo ezifanayo, ngokuvamile aba nobuntu obungafani.

Esinye isici esibalulekile ukuthi ubuntu bomuntu bungashintsha noma bushintshwe. Umphostoli uPawulu wagcizelela ukuthi izifundiso zobuKristu zinamandla okushintsha abantu. Wabhala: “Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo, nigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala.” (Kolose 3:9, 10) AmaKristu ayaqaphela ukuthi ayizoni futhi aye azuza ukuthambekela esonweni. Ukuze amukeleke kuNkulunkulu, kwadingeka ukuba ubuntu bawo buguquke.

Yini edala lezo zinguquko? Amandla ezwi likaNkulunkulu, noma isigijimi sakhe. Ngokuqondene nethonya elinamandla lezwi likaNkulunkulu, manje elitholakala eBhayibhelini, uPawulu wabhala: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Hebheru 4:12) Lapho umuntu evumela ithonya lomoya kaNkulunkulu futhi ezama ukuzivumelanisa nezindinganiso zokuziphatha ezichazwe eBhayibhelini, ubuntu bakhe bungagcina bushintshile. Ubuntu bomKristu obakheka ngale ndlela buhlanganisa “ububele bothando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.”—Kolose 3:12.

Ukuba Nengqondo KobuKristu

Kuyavunywa ukuthi asikho isimiso seBhayibheli esivimbela ukucwaninga ngezinhlobo zegazi. Kodwa ukuzihlobanisa nokuziphatha komuntu kungenye indaba. Njengakuzo zonke izindaba zokuphila, kumelwe sivumele iZwi likaNkulunkulu liqondise izinyathelo zethu. (IHubo 119:105) Kubalulekile nokuba nengqondo.—Filipi 4:5.

Ngokuqinisekile kungaba ukungabi nangqondo ngomuntu ukuba asebenzise uhlobo lwegazi analo njengezaba zokugwema ukuzama ukulungisa amaphutha ebuntwini bakhe. Kungakhathaliseki ukuthi ufuzo lwawo lunjani, amaKristu kumelwe aqhubeke ethuthuka ekulolongeni ubuntu bawo ukuze bubonakalise izimfanelo zikaJehova noJesu kakhulu ngangokunokwenzeka.—Efesu 5:1.

Ngaphezu kwalokho, amaKristu alwela ukubheka abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo. “UNkulunkulu akakhethi.” (IzEnzo 10:34, 35) UJehova ubamukela ngomusa abantu bazo zonke izinhlobo. Ngakho kungaba ukungabi nangqondo futhi kungabi ubuKristu ukuxwaya noma ukugwema ukuzihlanganisa nabantu abathile ngenxa nje yohlobo lwegazi abanalo. Bekuyoba okufanayo futhi ukube umuntu ubengazihlanganisa kuphela nabantu abanegazi “elihambelana” nelakhe. IBhayibheli liyayala: “Uma niqhubeka nibonisa ukukhetha, nenza isono.”—Jakobe 2:9.

Njengoba isayensi nobuchwepheshe kuthuthuka, kunezinto eziningi ezintsha ezitholakalayo nemibono eminingi eba khona ngomzimba womuntu. Kungokwemvelo ukuba lezi zinto zisithakazelise. Noma kunjalo, amaKristu enza kahle ngokuvumela iBhayibheli—hhayi imibono yabantu—liqondise ukucabanga kwawo. Kuzo zonke izici zokuphila, amaKristu kudingeka ‘aqiniseke ngazo zonke izinto, abambelele aqinise kokuhle.’—1 Thesalonika 5:21.

Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhale, ufake igama lakho nekheli lendawo ohlala kuyo, ukuthumelele OFakazi BakaJehova, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela