Indlela Ongamazi Ngayo UNkulunkulu Ngegama
UMLOBELI wengosi yephephandaba elithile wathola le ncwadi ivela kumfundi: “Ukuphila kwami konke ngiye ngashukashukana nalo mbuzo, futhi ngethemba ukuthi wena ungaba nempendulo. Lingubani igama likaNkulunkulu? AmaJuda athi igama lakhe langempela lalahleka unomphela. AmaKristu ambiza ngokuthi uJesu. AmaSulumane ambiza ngokuthi u-Allah. . . . Ngakho, yiliphi okuyilo?” Iphephandaba lanyathelisa umbuzo kanye nale mpendulo: “Ngokwezimfundiso zesiHebheru zasendulo, uNkulunkulu unguSomandla, ngakho akanakubizwa ngegama elilodwa nje vó. Nokho ngiyakuqinisekisa ukuthi Yena uyophendula kungakhathaliseki ukuthi yiliphi igama ombiza ngalo ngenhlonipho.”
Lesi simo sengqondo sokunganaki ngegama likaNkulunkulu sivamile namuhla. Yize bethambekele enkolweni, abantu abaningi abalikholelwayo iBhayibheli abacabangi kangako ngempikiswano yegama likaNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu uzizwa kanjani ngalo? Ingabe liyinto engasho lutho kuye?
Aliyona Into Engasho Lutho
Cabangela iqiniso lokuthi iBhayibheli lisebenzisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, izinkulungwane zezikhathi. Kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingu-7 210!a NguNkulunkulu ngokwakhe owaphefumulela abalobi beBhayibheli ukuba basebenzise igama lakhe kaningi kangaka. Omunye walaba balobi, umhubi u-Asafa, wabhala: “Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) UDavide naye wabhala ehutsheni: “Sizokhuluma ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu.”—IHubo 20:7.
IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uhlola izinhliziyo zethu ukuze abone indlela esizizwa ngayo ngegama lakhe. Umhubi wathi: “Uma silikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu, . . . ngeke yini uNkulunkulu ngokwakhe akuthola lokhu? Ngoba uyazazi izimfihlo zenhliziyo.” (IHubo 44:20, 21) Umprofethi u-Isaya wabhala: “Mbongeni uJehova! Bizani igama lakhe. Yazisani ngezenzo zakhe phakathi kwezizwe. Yishoni ukuthi igama lakhe liphakanyisiwe.”—Isaya 12:4.
UNkulunkulu ngokwakhe wathi: “Bazokwazi ukuthi igama lami nginguJehova.” (Jeremiya 16:21) Ngesinye isikhathi wamemezela: “Ngokuqinisekile ngizolingcwelisa igama lami elikhulu, elalingcoliswa phakathi kwezizwe, . . . izizwe ziyokwazi ukuthi nginguJehova.” (Hezekeli 36:23) Ezinye zalezi zinkulumo zibhekisela esikhathini lapho uJehova eyothatha khona isinyathelo ethukuthelele labo abadelela igama lakhe. Impikiswano ephathelene negama likaNkulunkulu ayiyona neze into engasho lutho kuye.
UJehova UNkulunkulu Akakude Nawe
Ungamazi kanjani uNkulunkulu ngegama? Kusho ukuthini ukwazi uNkulunkulu ngegama? IBhayibheli liyaphendula: “Labo abalaziyo igama lakho bayothembela kuwe.” (IHubo 9:10) Ngokusobala, ukwazi uNkulunkulu ngegama kuhilela okungaphezu nje kokwazi ukuthi lingubani igama lakhe. Kumelwe umethembe. Lokho kusho ukwazi uhlobo lukaNkulunkulu ayilo nokufunda ngezimfanelo nemicabango yakhe. Lokhu kuyokushukumisela ukuba umethembe.
Ukufunda nokutadisha iBhayibheli ngokucophelela kuphela okungakunikeza ukuqondisisa kokuthi uJehova uluhlobo luni lukaNkulunkulu. Uthembisa ukuvikela labo abamthandayo yena negama lakhe. Ngokuqondene nomuntu owenza kanjalo, uNkulunkulu uthi: “Ngoba ungithandile, ngizomenzela nendlela yokuphunyuka. Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami. Uzongibiza, ngimphendule. Ngizoba naye ekucindezelekeni. Ngizomophula, ngimkhazimulise. Ngizomanelisa ngobude bezinsuku, futhi ngizomenza abone insindiso yami.”—IHubo 91:14-16.
Yeka ubuhlobo obuhle kangaka uJehova uNkulunkulu anabo nalabo abamazi ngegama! Nawe ungabujabulela ubuhlobo obunjalo. Emithandazweni yakho esuka enhliziyweni, ungalokothi unqikaze ukumbiza ngegama. Uyophendula ngoba, njengoba nje iBhayibheli lisho, ‘akakude kulowo nalowo kithi.’—IzEnzo 17:27.
[Umbhalo waphansi]
a INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, yinguqulo yeBhayibheli ebuyisela indlela yokukhuluma yokuqala yezinguqulo ezindala ngokusebenzisa ulimi olusetshenziswa namuhla. Isici esivelele kakhulu sale nguqulo ukubuyiselwa kwegama likaNkulunkulu endaweni yalo efanele embhalweni weBhayibheli. Sekunyatheliswe amakhophi aleli Bhayibheli angaphezu kwezigidi ezingu-122, eliphelele noma eliyingxenye, ngezilimi ezingu-45.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
UNkulunkulu Ukwazi Ngegama
UNkulunkulu wathi kuMose: “Ngikwazi ngegama.” (Eksodusi 33:12) Umlando owaziwa kakhulu wesihlahla esishayo uyakufakazela lokhu. IBhayibheli lithi uNkulunkulu “wambiza ephakathi kwesihlahla somunga wathi: ‘Mose! Mose!’” (Eksodusi 3:4) Lesi kumane nje kuyisibonelo esisodwa sezikhathi eziningi lapho uNkulunkulu abiza khona abantu ngamagama abo. Ngokusobala, uMdali wendawo yonke unesithakazelo kithina ngabanye.
IBhayibheli lithi uNkulunkulu wazi ngayinye yezigidigidi zezinkanyezi ngegama. (Isaya 40:26) Yeka ukuthi kumelwe ukuba ubakhathalela kangakanani-ke abantu abamkhulekelayo! Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi “uJehova uyabazi abangabakhe.” (2 Thimothewu 2:19) Lokhu kusho okungaphezu kokumane nje abambe amagama abo ngekhanda. UNkulunkulu ubazi ngokujulile abakhulekeli bakhe. Nathi kufanele sazi uNkulunkulu ngegama futhi sibe nolwazi olujulile ngezimfanelo zakhe.
Incwadi yokugcina yeBhayibheli ichaza incwadi engokomfanekiso uNkulunkulu abhala kuyo amagama abo bonke abaye bamkhulekela kuwo wonke umlando. Le ncwadi ibizwa ngokuthi “umqulu wokuphila” ngoba uJehova uNkulunkulu uyobanika ukuphila okuphakade labo abamagama abo alotshwe kuyo. (IsAmbulo 17:8) Leli ikusasa eliqhakazile elizojatshulelwa yilabo abazi uNkulunkulu ngegama.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]
Bamemezela Igama LikaNkulunkulu
● Ingoma kaMose ngaphambi nje kokuba u-Israyeli angene eZweni Lesithembiso: “Ngizolimemezela igama likaJehova.”—Duteronomi 32:3.
● Amazwi kaDavide awasho esiqhwageni esinguGoliyati: “Ngiza kuwe negama likaJehova wamabutho.”—1 Samuweli 17:45.
● Amazwi kaJobe ngemva kokulahlekelwa yikho konke ayenakho nokufa ngokuzumayo kwazo zonke izingane zakhe: “Maliqhubeke lituswa igama likaJehova.”—Jobe 1:21.
● Umphostoli uPetru ecaphuna imiBhalo yesiHebheru enkulumweni yakhe: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—IzEnzo 2:21.
● Umprofethi u-Isaya: “Mbongeni uJehova! Bizani igama lakhe. . . . Yishoni ukuthi igama lakhe liphakanyisiwe.”—Isaya 12:4.
● UJesu Kristu efundisa abafundi bakhe ukuthandaza: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.’”—Mathewu 6:9, 10.
● UJesu Kristu ethandaza kuNkulunkulu: “Ngilibonakalisile igama lakho.”—Johane 17:6.
● UNkulunkulu ekhuluma nabantu bakhe: “NginguJehova. Yilelo igama lami; futhi angisoze nganika muntu omunye inkazimulo yami.”—Isaya 42:8.