Indlela Umhlaba Oyolanyulelwa Ngayo
YIZE kunefu elimnyama elengame umhlaba, sinethemba lokuthi uyosinda. Kakade, uyikhaya lethu—futhi sethemba ukuthi uzoba yikhaya lezingane zethu nelezingane zazo. Kukhona yini esingakwenza ukuze lelo themba liqine?
Iqiniso liwukuthi yize abantu abaningi bekhathazekile ngemvelo, akuthi diki kwabaningi uma belahla udoti phansi, emfuleni, noma ukuyeka izibani zikhanya zibe zingasetshenziswa. Izenzo ezinjalo zingase zibonakale ziwubala, kodwa ukube umuntu ngamunye ezigidini eziyizinkulungwane zabantu abaphila emhlabeni ubecophelela endleleni aphatha ngayo umhlaba, bekungenza umahluko omkhulu. Izinto ezinjengokonga amandla kagesi, ukubambisana nezinhlelo zokuyisebenzisa kabusha imikhiqizo esisebenzile, nokulahla imfucumfucu ngendlela efanele zineqhaza ekongiweni kwemvelo. Singabonisa ngemikhuba yethu kwamanje ukuthi siyawukhathalela umhlaba.
Noma kunjalo, asikwazi ukulawula izenzo zabantu abaningi abasizungezile. Ingabe lokhu kusho ukuthi alikho vele ikhambi lalesi simo?
Ikhambi Elikhulu Kunawo Wonke Liseduze
Amazwi ashiwo uThilo Bode wenhlangano i-Greenpeace, njengoba ecashunwe kumagazini i-Time, aveza umnyombo wenkinga yemvelo: “Umgomo wethu oyinhloko bekulokhu kuwukwenza izinkampane zicabangele indlela okulahlwa ngayo imikhiqizo yazo. Kumelwe zicabange ngendlela ekathathu: umkhiqizo, ukusetshenziswa kwawo kanye nokulahlwa kwawo.” Kuyadabukisa ukuthi siyakwazi ukwenza izinto, siyazi nokuthi zisetshenziswa kanjani, kodwa asizilahli ngendlela efanele. Kwezinye izimo abantu bamane nje abazi ukuthi kumelwe bazilahle kanjani ngendlela ephephile.
Abantu banolwazi olulinganiselwe, kodwa akunjalo ngoMdali womhlaba. Kakade useye wabonisa ubuhlakani bakhe obungenakuqhathaniswa ezintweni azidalile esizibona emhlabeni. Uyakwazi ukwenza izinto, ukuthi zisebenza kanjani nokuzilahla ngendlela efanele. Imijikelezo eminingi ayenzile isebenza ngendlela ezenzakalelayo. Imbewu iyaqhuma imile, kukhule isitshalo futhi siveze izithelo. Kamuva siyafa—zonke izakhi zaso ziwohloke ngendlela engabangeli ukungcola, kodwa zilungele ukusetshenziswa futhi. Yilokhu-ke okungathiwa kuwukusebenzisa kabusha umkhiqizo osusebenzile! Akukho nokuncane ukungcola okunobuthi okuba khona!
UMdali akahlosile ukuyekelela lo mhlaba ukuba uwohloke uze ube indawo yokulahla imfucumfucu engenakuhlalwa abantu. EBhayibhelini, ku-Isaya 45:18, sifunda lokhu: “Yilokhu uJehova akushilo, . . . Yena onguNkulunkulu weqiniso, uMbumbi womhlaba noMenzi wawo, Yena owawumisa waqina, ongazange awudalele ize nje, owawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.”
Uma uNkulunkulu adala lo mhlaba ukuba kuhlalwe kuwo, kungani eye wavumela ukuba uze ube kulesi simo esidabukisayo? IBhayibheli lichaza ukuthi umuntu ekuqaleni wayebekwe epharadesi. Empeleni, uNkulunkulu wayehlose ukuba leli Pharadesi lifinyelele kuyo yonke imikhawulo yomhlaba futhi ligcwale abantu. (Genesise 1:28) Nokho, kwabe sekuqubuka ukuvukela. Indoda nowesifazane bokuqala abazange bathande ukuqhubeka bezithoba ekubuseni kukaNkulunkulu.
UNkulunkulu wabavumela abantu ukuba bazame indlela yabo yokuzibusa. Imiphumela injengoba siyibona namuhla, ukwehluleka okuye kwaba yinhlekelele. Abantu baye babonisa ngokucacile ukuthi abakwazi ukuxazulula izinkinga zabo. Asikwazi ukusola uNkulunkulu ngalokho okuye kwenzeka. Lokho iBhayibheli elikushoyo kuyiqiniso ngawo wonke umphakathi wabantu: “Baye benza ngendlela eyonakele bona; ababona abantwana bakhe, isici singesabo. Isizukulwane esiyisigwegwe nesisontekile!”—Duteronomi 32:5.
Noma kunjalo, uNkulunkulu ukubona konke lokhu kuchithwa komhlaba. Uyothatha isinyathelo kungakephuzi, ngaphambi kokuba lo mhlaba ube yindawo okungenakuhlalwa kuyo. Sazi kanjani? IsAmbulo 11:18 siyachaza: “Izizwe zaba nolaka, nolaka lwakho lwafika, nesikhathi esimisiwe . . . [sokuchitha] abachitha umhlaba.” Ukuchithwa kwalo mhlaba kuyonqandwa.
Injongo kaNkulunkulu yokuqala ngomhlaba, yokuba ube ipharadesi, isazogcwaliseka. UNkulunkulu wakhuluma amazwi afakazela lokhu. Ngokwesibonelo, wathi: ‘Izwi lami eliphuma emlonyeni wami ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo.’ (Isaya 55:11) Uyokujabulela ukufunda u-Isaya isahluko 35, lapho uNkulunkulu echaza khona ngokuguqulwa kwamazwe ayincithakalo abe izindawo ezinjengamapaki amahle namasimu akhiqizayo.
Ngisho kwamanje, umhlaba uye wazibonakalisa unamandla amangalisayo okuzivuselela lapho kuyekwa ukungcoliswa kwawo. UNkulunkulu wawudala ukuba wenze kanjalo. Uma kuyekwa ukugcingca lo mhlaba ngezinto eziwungcolisayo, izilokazane ezinhlobonhlobo ezisemanzini nasenhlabathini zingenza lukhulu ekulungiseni umonakalo omkhulu owenzekile. Ngaphezu kwalokho, singakukholelwa ukuthi lapho uNkulunkulu engenela futhi eqondisa izinto, le nqubo yokuvuselelwa komhlaba izophumelela ngisho nangokwengeziwe. Anganikeza abantu ukuqeqeshwa nokuqondisa okuphelele abakuntulayo manje.
Ngakho, likhona ithemba ngekusasa lalo mhlaba. Izitshalo nezilwane zizolanyulelwa. Ngeke kuphinde kube nezilwane noma izitshalo ezisengozini yokuqothulwa. Umoya namanzi kuzophinde kuhlanzeke. Kuzoba nabantu abalalelayo abazojabulela lezi zinto. Ungathanda yini ukuba lapho? Kungenzeka. Kanjani? IBhayibheli linikeza imininingwane yalokho okumelwe ukwenze. Kungani ungahlolisisi iBhayibheli ukuze uzitholele ngokwakho? Cela abanyathelisi balo magazini ukuba bakuxhumanise nothile ongakusiza ukuba uqale ukwenza kanjalo. Uliyekelani likudlule ithuba lokufunda indlela wena nomkhaya wakho eningajabulela ngayo phakade imvelo engonakaliswe muntu?