Ingabe Izicathulo Zakho Ziyakulingana Ngempela?
“Akekho umuntu owaziyo ukuthi isicathulo simpintsha kuphi ngaphandle komuntu osigqokile.”—KUTHIWA KWASHO ISAZI ESITHILE ESINGUMROMA.
WAGCINA nini ukuthenga izicathulo? Zazihlala kanjani onyaweni? Ingabe zazikulingana kahle? Kwakuthatha isikhathi esingakanani ukuzikhetha? Wayewusizo kangakanani umthengisi wazo? Ingabe wazithenga ngoba zizinhle noma ngoba zinethezekile? Zinjani onyaweni njengoba usunethutshana uzigqoka? Ingabe ziyakumpintsha?
Ukuthenga izicathulo akulula ngendlela okuzwakala ngayo. Futhi ukuthola usayizi ofanele kuyadida ngempela. Kungani kunjalo?
Ukuthola Usayizi Ofanele
Okokuqala, yiluphi unyawo lwakho olukhulu—olwesokudla noma esokunxele? Ucabanga ukuthi ziyalingana? Ake ubhekisise! Esinye isici okufanele usicabangele ukuthi unyawo ngalunye lunezinhlobo ezine zosayizi: usayizi otholakala uma uhlezi phansi, otholakala uma umi ngezinyawo, usayizi wokunethezeka kwesicathulo, nosayizi wokumpintsha kwaso. Uyini umahluko?
Ikhuluma ngosayizi okulingana uma uhlezi phansi, incwadi ethi Professional Shoe Fitting ithi: “Usayizi okulingana uma uhlezi phansi usayizi wonyawo olukhululekile (lapho ikhasimende lihlezi phansi).” Njengoba inkulumo ethi “usayizi otholakala uma umi ngezinyawo” ibonisa, lo sayizi utholakala lapho umuntu emile. Ukuma kushintsha usayizi nokwakheka konyawo. Incwadi ecashunwe ngenhla ithi: “Unyawo olukhululekile lungamathambo nemisipha ekhululekile evele ‘iqine’ lapho umuntu ema ngezinyawo, kube unyawo olunobukhulu obuhlukile.” Kodwa kunabanye osayizi ababili.
Usayizi wokunethezeka usayizi otholakala lapho izinyawo zisebenza—lapho uhamba, ugijima, ugxuma, noma wenza okunye ukuzivivinya komzimba. Lokhu “kwenza unyawo lube nenhlanganisela kasayizi, ubukhulu nezilinganiso.” Usayizi wesine owokumpintsha kwesicathulo, okubhekisela ezinguqukweni ezenzeka ngenxa yokushisa nomswakama. Lezi zinguquko zingenza ubukhulu bonyawo bushintshe ngamaphesenti amahlanu. Yingakho kuyimpumuzo engaka ukukhumula izicathulo ekupheleni kosuku, ikakhulukazi uma ubugqoke usayizi ongafanele! Futhi ngokuvamile kuba njalo.
Zilinganiswa Kanjani Izinyawo Zakho?
U-Eric ubelokhu ethenga izicathulo ezingusayizi 10 nengxenye noma u-11, iminyaka eminingi. Phakathi naleyo nkathi, wayekhathazwa njalo yikhona nozipho olukhulela ngaphakathi kubhozo wesokunxele. Udokotela wezinyawo wasikisela ukuba aye kuchwepheshe olinganisa izinyawo ayolinganisa usayizi wezinyawo zakhe. U-Eric wamangala lapho ethola ukuthi kwakufanele agqoke usayizi 12 nengxenye, uhlobo A! U-“A” ubonisa unyawo olungendlalekile. Kodwa ingabe izilinganiso ezimbili, ubude nobubanzi, zanele ukuthola usayizi ofanele? Kufanele uzilinganise kanjani izinyawo zakho?
Ithuluzi elivame ukusetshenziswa kwamanye amazwe ekulinganiseni usayizi i-Brannock device. (Bheka isithombe.) Lo mshini ungasetshenziselwa ukuthola izilinganiso ezintathu eziyisisekelo: ubude bonyawo lulonke, ibanga ukusuka esithendeni kuya ematheni onyawo, nobubanzi balelo lunga. Kodwa-ke, unyawo ngalunye lunokwakheka nobubanzi obuhlukile. Ngenxa yaleso sizathu esisobala, siyazilinganisa izicathulo ngaphambi kokuba sizithenge. Isithiyo silapho-ke. Wake wazilinganisa yini izicathulo ozithandayo kodwa wathola ukuthi ziyakumpintsha kancane? Umthengisi uthi kuwe: “Isicathulo sizonwebeka.” Uyazithenga izicathulo bese uqala ukuzisola ngemva kwezinsuku noma amasonto ambalwa uqale ukuzigqoka. Lokhu kuyisiqalo sekhona, uzipho olukhulela ngaphakathi, noma isiqagalane (bunion)!
Uyawuthola Yini Usayizi Okulungele?
Kungenzeka yini ukuba umuntu athole usayizi omlungele? Incwadi ethi Professional Shoe Fitting iphendula ngokuqondile ngokuthi cha. Ngani? “Ngenxa yezithiyo ezimbalwa ezinganqobeki. . . . Akekho umuntu onezinyawo ezimbili ezilinganayo, ezakheke ngendlela efanayo nezisebenza ngendlela efana ncamashí.” Ngakho uma isicathulo sikulingana kahle onyaweni lwakho olukhulu, ngeke silingane ngendlela efanele kolunye unyawo. “Lokhu akusho ukuthi awunakuwuthola usayizi ofanele, kodwa kufanele siqaphele kakhulu ngokusebenzisa igama elithi usayizi ‘okulungele.’”
Uma ufuna ukubona ukuthi izinyawo zakho zisiphatha kanjani isicathulo, bheka ezinye zezicathulo zakho ezindala. Bheka ingaphakathi lesicathulo emaceleni. Ziguga kuphi kakhulu? Ngokuvamile, izithende yizo eziguga kakhulu, ngemva kwesithende, nasematheni onyawo. Lokhu kusho ukuthini? Kusho ukuthi “ezinye izingxenye zesicathulo azivunyelwaniswanga kahle nezingxenye ezihambelanayo zonyawo. Ezinye izingxenye ziguga kakhulu kanti ezinye zihlala zizintsha.”
Ngisho nomlomo wesicathulo ubalulekile ukuze unethezeke. Uqaphelile yini ukuthi izicathulo zingaba nezitayela zomlomo ezingafani? Indlela yokubopha i-bal ihlanganisa izinhlangothi ezimbili ezingenhla zesicathulo lapho amafosi eqala khona. Kodwa uma unezinyawo ezindlalekile, khona-ke indlela yokubopha i-blucher ingcono, ngoba lezi zinhlangothi zesicathulo azihlangani ngisho nalapho kuqala khona amafosi. (Bheka umfanekiso.) Kungani lo mniningwane ubalulekile? Incwadi efanayo ithi: “Ukumpintsha kwezicathulo esithendeni ngokuvamile kubangelwa ngokuqondile ukuthi isicathulo sibamba unyawo luqine phezulu okwenza isithende sicindezeleke ngemuva.”
Kuthiwani Ngamaxhumela Abesifazane?
Ukuthanda kwabesifazane amaxhumela kukhandla umzimba ngezindlela ezihlukahlukene. Amaxhumela ashintsha ukuma komzimba, abangele ukuba umuntu agobe, kona okudinga ukuba agobe amadolo kakhudlwana ukuze akwazi ukugcina umzimba uqondile. Amaxhumela afinyeza nemisipha yezitho, okuyenza ivelele.
Ngakho, isithende siyingxenye ebalulekile yesicathulo sowesifazane nesihluthulelo sokunethezeka kwakhe. Incwadi ethi Professional Shoe Fitting ithi kunezizathu ezintathu eziyinhloko ezenza izicathulo zibe nesithende: ‘(1) “ukuvelela,” njengokunezela ebudeni bomuntu, (2) ubuhle—umklamo onezelwe noma isici esiyisitayela esicathulweni kanye (3) nokuthuthukisa ukubukeka—njengamaxhumela abesifazane enza imilenze ivele kahle.’
Abesifazane kufanele bakukhathalele kakhulu ukuphakama kwesithende, okunquma ukuthi isisindo somzimba siba kuphi esithendeni. Uma isisindo singemuva noma siphambili esithendeni, lokhu kungaba yingozi. Ngani? Ngoba isithende singaphuka umuntu awe kabuhlungu.
Ngokwale ngxoxo emfushane, kusobala ukuthi ukuthola isicathulo esiwusayizi ofanele kudinga isikhathi mhlawumbe nemali ethé xaxa, ngoba kuthatha isikhathi ukukhiqiza isicathulo esisezingeni eliphakeme. Kodwa izicathulo zakho zingaba nethonya elikhulu ekunethezekeni kwakho ngisho nasempilweni yakho. Ngakho ungajahi. Linganisa izinyawo kahle. Yiba nesineke. Ungakhohliswa yimfashini noma ukubukeka.
[Ibhokisi ekhasini 29]
Amaphuzu Okufanele Uwacabangele Lapho Ukhetha Izicathulo
UWilliam A. Rossi noRos Tennant banikeza ukusikisela okulandelayo encwadini yabo ethi Professional Shoe Fitting.
“Injongo yokulinganisa unyawo akukhona ukubona ukuthi usayizi ongakanani ofunekayo.” Kungani kunjalo? Ngoba osayizi bezicathulo bangathonywa yizici eziningi, njengokuphakama kwesithende, isitayela, umklamo wesicathulo, into esenziwe ngayo negama laso. Lokhu kunjalo ikakhulukazi namuhla njengoba izicathulo sezenziwa emazweni amaningi kangaka kusetshenziswa izinqubo ezihlukahlukene.
Lapho unyawo lwakho lulinganiswa, donsela isokisi phambili ukuze izinzwane zingagobi, okungase kwenze izilinganiso zibe iphutha.
Kufanele ulinganiswe kanjani—uhlezi phansi noma umi ngezinyawo? “Ukulinganisa izinyawo zekhasimende lihlezi phansi kuwubuvila.” Kunikeza izilinganiso ezinganembile. Ngakho-ke, yima ngazo zombili lapho kulinganiswa izinyawo zakho. Ungaphethi ngokuthi unyawo lwesokunxele yilo olukhulu. Zilinganise zombili!
“Ukulinganisa izinyawo ngobuchwepheshe kuyikhono nenkonzo yabantu abathile kuphela abasebenza ezitolo eziphambili abakuqondayo nabakuqaphelayo ukubaluleka kokulinganisa usayizi wesicathulo ngendlela enekhono.”
[Imidwebo ekhasini 28]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izingxenye zesicathulo
isoli
isembozo
umlomo
ingaphakathi lesicathulo
isithende
ichopho lesithende
isembozo sezinzwane
isoli
umthungo wesoli
isembozo
umphetho womlomo
ulimi
uhlangothi olungaseqakaleni
ingaphakathi lesithende
isithende
[Izithombe ekhasini 29]
I-“Brannock device”
[Isithombe ekhasini 30]
Zonke izicathulo ziklanywa ngokwalezi zitayela ezingu-7 eziyisisekelo
[Izithombe ekhasini 30]
Izitayela zokuboshwa kwezicathulo
Isitayela i-“blucher”
Isitayela i-“bal”