Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 3/8 kk. 22-23
  • Kufanele Siyisebenzise Kanjani Inkululeko Yethu Yokuzikhethela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Siyisebenzise Kanjani Inkululeko Yethu Yokuzikhethela?
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinqumo Ezindabeni Zomuntu Siqu
  • Isinqumo Sokukhonza UNkulunkulu
  • Bonisa Ukholo​—⁠Unqume Ngokuhlakanipha!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • “Yilowo Nalowo Uyothwala Owakhe Umthwalo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukukhetha Ngokuhlakanipha Ebusheni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indlela Yokwenza Izinqumo Ezihlakaniphile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 3/8 kk. 22-23

Umbono WeBhayibheli

Kufanele Siyisebenzise Kanjani Inkululeko Yethu Yokuzikhethela?

UNKULUNKULU wanikeza abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, ikhono lokuzenzela izinqumo. Waphathisa u-Adamu insimu yase-Edene. Imisebenzi yakhe yayihlanganisa ukwetha izilwane amagama. (Genesise 2:15, 19) Okubaluleke nakakhulu, u-Adamu no-Eva babengazinqumela ukuthi bamlalele yini uNkulunkulu noma cha.—Genesise 2:17, 18.

Kusukela ngaleso sikhathi, abantu baye benza izinqumo eziyizinkulungwane zezigidi—eziningi zazo ezinhle, ezinye eziye zabhuntsha, kanti ezinye ezimbi ngokuqondile. Ezinye zezinqumo zomuntu ezimbi ziye zaletha imiphumela eyinhlekelele. Noma kunjalo, uNkulunkulu akakaze aliphazamise ilungelo lethu lokuzikhethela. NjengoBaba onothando, uNkulunkulu usinikeza usizo ngeBhayibheli ukuze senze izinqumo ezinhle. Uphinde asixwayise ngemiphumela yokwenza izinqumo ezingalungile. IBhayibheli lithi siyokuvuna esikuhlwanyelayo.—Galathiya 6:7.

Izinqumo Ezindabeni Zomuntu Siqu

Kunezindaba ezithile lapho uNkulunkulu eyiveza khona ngokucacile intando yakhe, asinikeze isiqondiso esiqondile. Nokho, ezindabeni eziningi iBhayibheli alishayi mithetho ebusa zonke izindaba zethu. Kunalokho, lisinikeza isiqondiso esibanzi esivumela ukukhetha nezifiso zomuntu ngamunye. Ngokwesibonelo, phawula lokho elikushoyo ngokuzijabulisa.

ImiBhalo ithi uJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) IZwi lakhe lithi ‘kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokutshakadula.’ (UmShumayeli 3:1, 4) IBhayibheli lisitshela ukuthi iNkosi uDavide yayidlala umculo ukuze ijabulise abanye. (1 Samuweli 16:16-18, 23) UJesu waya emkhosini womshado, futhi wathasisela kulowo mkhosi ngokuguqula amanzi aba yiwayini.—Johane 2:1-10.

Nokho, iBhayibheli lixwayisa ngokuqondile: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) “Ukuntela okuyichilo” nemisebenzi yokuziphatha okubi iyamcasula uNkulunkulu futhi ingabhidliza ubuhlobo bethu naye. (Efesu 5:3-5) Uma utshwala busetshenziswa ngaphandle kwemingcele efanele emibuthanweni yokuzijabulisa, kungaphakama izinkinga ezinkulu. (IzAga 23:29-35; Isaya 5:11, 12) UJehova uNkulunkulu uyabuzonda nobudlova.—IHubo 11:5; IzAga 3:31.

La mavesi eBhayibheli asisiza ukuba sibheke ukuzijabulisa ngendlela uNkulunkulu akubheka ngayo. Lapho enza izinqumo, amaKristu acabangela lokho okushiwo yiBhayibheli. Yiqiniso, sonke siyobhekana nemiphumela emihle noma emibi yokukhetha kwethu.—Galathiya 6:7-10.

Ngokufanayo, amaKristu akhuthazwa ukuba enze izinqumo ezihlakaniphile ezivumelana nezimiso zeBhayibheli ezindabeni ezinjengokugqoka, umshado, ukuba umzali nokusebenzelana kwezebhizinisi. Lokhu kuhlanganisa nezindaba imiBhalo engasho lutho ngazo ngokuqondile, kodwa izimiso ezitholakala kuyo ziwasiza ukuba enze izinqumo ezisekelwe kunembeza. (Roma 2:14, 15) Indinganiso elandelayo kufanele isetshenziswe kuzo zonke izinqumo zomuntu siqu amaKristu azenzayo: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 Korinte 10:31.

Kule ndaba kufanele sicabangele nesimiso esithi ‘umuntu anake izindaba zakhe siqu.’ (1 Thesalonika 4:11) AmaKristu avame ukubhekana nokukhetha okumbalwa okungangqubuzani nentando kaNkulunkulu. Ngakho, lokho umKristu akukhethayo kungase kuhluke kulokho okukhethwa omunye umKristu. Bekungeke kumthokozise uNkulunkulu ukubona izinceku zakhe zahlulelana. (Jakobe 4:11, 12) IBhayibheli liyayala ngokuhlakanipha: “Makungabikho noyedwa kini ohlupheka . . . ngoba engugaxekile ezindabeni zabanye abantu.”—1 Petru 4:15.

Isinqumo Sokukhonza UNkulunkulu

IBhayibheli ligcizelela izinzuzo zokulalela uNkulunkulu. Noma kunjalo, uNkulunkulu akabacindezeli abantu ukuba bamkhonze. Kunalokho, umema izidalwa zakhe ezingabantu ukuba zibe abakhulekeli bakhe. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “Ngenani, masikhulekele sikhothame; masiguqeni phambi kukaJehova uMenzi wethu.”—IHubo 95:6.

U-Israyeli wasendulo wathola isimemo esinjalo. Eminyakeni engaphezu kuka-3 500 edlule, isizwe sakwa-Israyeli sasimi phambi kweNtaba yaseSinayi, futhi uNkulunkulu wazisa lezo zigidi zabantu ngesimiso senkolo yeqiniso esisekelwe eMthethweni KaMose. Manje kwakufanele bakhethe: Ingabe babeyokhonza uNkulunkulu noma cha? Basabela kanjani? Ngazwi linye bathi: “Konke uJehova akukhulumile sizimisele ukukwenza futhi silalele.” (Eksodusi 24:7) Yibona abazinqumela ukukhulekela uJehova.

Ekhulwini lokuqala, uJesu waqala ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:17; 24:14) Akazange aphoqelele muntu ukuba ahlanganyele kulo msebenzi. Kunalokho, wamema abanye ngomusa, ethi: ‘Woza ube ngumlandeli wami.’ (Marku 2:14; 10:21) Abaningi basamukela isimemo sakhe baqala ukushumayela naye. (Luka 10:1-9) Ngemva kwesikhathi esithile, abanye bakhetha ukumshiya uJesu. UJuda wakhetha ukumkhaphela. (Johane 6:66; IzEnzo 1:25) Kamuva, ngaphansi kokuqondiswa abaphostoli, abantu abengeziwe baba abafundi, hhayi ngoba besaba usiko lwenkemba, kodwa ngenxa yokuzikhethela kwabo. ‘Babethambekele ngokufanele’ futhi “baba ngamakholwa.” (IzEnzo 13:48; 17:34) Nanamuhla, amaKristu eqiniso alalela iZwi likaNkulunkulu ngokuzithandela alandele nezimfundiso zikaJesu.

Ngokusobala, uNkulunkulu ufisa ukuba sisebenzise ikhono lethu lokuzikhethela. Usinikeza nesiqondiso eBhayibhelini esisisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile. (IHubo 25:12) Lapho enza izinqumo, umKristu ngamunye kufanele azicabangele ngokucophelela izimiso zikaNkulunkulu. Kungaleyo ndlela kuphela esinganikela ngayo kuNkulunkulu ‘inkonzo engcwele ngamandla ethu okucabanga.’—Roma 12:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela