Thola Umbono Onembile
Ukuthola umbono onembile ezindabeni ezihlukahlukene kunzima. Ohulumeni nezinkampani bakhuluma amaqiniso angaphelele. Imithombo yabezindaba ngokuvamile ithembisa ukubika ngokungachemi, kodwa ayikwenzi ekuthembisayo. Odokotela abayichazi ngokuphelele njalo imiphumela yemithi abasinika yona. Ikhona yini indlela yokuthola ukwaziswa esingakwethemba?
Ukufika kwe-Internet kwabatshazwa abaningi njengokuyindlela yokuthola imithombo ethembekile yokwaziswa emhlabeni wonke. Yiqiniso, kungenzeka, uma nje wazi ukuthi kufanele ufunephi. “Into enhle nge-Internet ukuthi ingafundisa abantu abaningi ngokushesha kunanoma imuphi umthombo wezindaba. Into embi ngayo ukuthi ingenza abantu iziphukuphuku ngokushesha kunanoma imuphi umthombo wezindaba,” kusho ingosi yomhleli kuyi-New York Times.
Le ngosi yaqhubeka: “Ngenxa yokuthi i-Internet inesulubezi lokuba ‘ubuchwepheshe,’ abantu abangafundile bakukholelwa nakakhulu ukwaziswa okuvela kuyo. Abaqapheli ukuthi into embi kakhulu nge-Internet ukuthi ingaba isitamkoko esivulekile: umzila wokwaziswa okungahlungiwe nokungacwengiwe.” Ngeshwa, njengoba kwasho lo mlobi, alukho uhlelo lwama-computer lokucisha lo doti.
Noma ubani angafaka noma yini kuyi-Internet, kumagazini noma encwadini. Ngakho, kudingeka sisebenzise ukuqonda sizifundise ukuze singamane sikholelwe noma yini esiyifundayo. Labo phakathi kwethu abafuna ukwaziswa okunembile kudingeka baqiniseke ukuthi umthombo wabo uthembekile. Lokhu kungathatha isikhathi. Kodwa ngemva kokwenza kanjalo futhi sithole umbono ogcwele, singacabanga ngokuhluzekile, sinqume ngokufanele futhi siqiniseke lapho senza izinqumo ezibalulekile.