Ukuxhashazwa Kwezingane Kuzophela Maduze!
“ESIMEMEZELWENI Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu, iZizwe Ezihlangene zamemezela ukuthi izingane zinelungelo lokunakekelwa ngokukhethekile nokusizwa,” kusho isethulo seNgqungquthela Yamalungelo Ezingane. Sikhuluma ngokubaluleka komkhaya, sanezela: “Ingane, ukuze ubuntu bayo bukhule ngokugcwele nangokuvumelanayo, kufanele ikhulele emkhayeni ojabulayo, onothando nokuqonda.” Nokho, akubonakali kulula ukuwufinyelela lo mgomo.
Akwanele ukukhuluma ngezwe elingcono lezingane. Ukuwohloka kokuziphatha kudlangile, futhi abantu abaningi babheka lesi simo njengesivamile. Ukuwohloka kwesimilo okubhebhethekayo nokuhaha akunakunqandwa ngokushaya imithetho. Ngisho nabazali, esikhundleni sokubonisa izingane zabo uthando nokuzivikela, ngokuvamile baneqhaza kulesi simo sokuyekelela. Yiliphi-ke ithemba esinalo lokuthi ukudayisa kwezingane ngomzimba kuzophela?
Nakuba lesi simiso esonakele siye sahluleka ukuqinisekisa ukuthi zonke izingane zithola ikhaya elinothando nekusasa elilondekile, uMdali wethu maduze nje uzoqeda zonke izinhlobo zokuziphatha okuhlanekezelwe kanye nokubi, kuhlanganise nokudayisa ngomzimba kwezingane. Nakuba lokhu kungase kulimangaze izwe, kodwa maduze nje uJehova uNkulunkulu uzongenela ezindabeni zabantu esebenzisa uMbuso wakhe. Abantu abonakele nabaxhaphaza abanye ngeke baphunyule esahlulelweni saphezulu. Abantu abathanda omakhelwane babo kuphela abayosinda ukuze baphile ezweni elisha likaNkulunkulu. “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”—IzAga 2:21, 22.
Cabanga ngenkululeko eyoba khona lapho kokubili izingane nabantu abadala beyokwazi khona ukuphila kungekho kuwohloka kwesimilo nakuxhashazwa ngokobulili! Ngisho nezibazi ezingokomzwelo nezingokomzimba ezidalwe ukuxhashazwa nobudlova kuyobe kungasekho. Ababeyizisulu zokuxhashazwa ngokobulili bayokwazi ukuphila ngaphandle kokuhlushwa yizinkumbulo noma imiphumela yako. “Izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.”—Isaya 65:17.
Khona-ke, ngeke kusaba nengane ezalelwa ukuphathwa kabi noma ukuxhashazwa ngokobulili. Injabulo, uthando, nokuqonda ngeke kube yiphupho nje. Lapho ekhuluma ngezakhamuzi zezwe elisha likaNkulunkulu, u-Isaya 11:9 uthi: ‘Ngeke zilimaze noma zibangele incithakalo.’
Ngempela, yeka injabulo eyoba khona lapho ubumpofu, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, imikhaya engajabuli, nokuziphatha okubi kungasekho! Kuyobusa ukuthula, ukulunga nokulondeka. “Abantu bami bayohlala endaweni yokuhlala enokuthula nasezindaweni zokuhlala zokuqiniseka okuphelele nasezindaweni zokuphumula ezingaphazanyiswa.”—Isaya 32:18.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]
Ukunakekela Kwabazali Kungavimbela Ukubhidlika Komkhaya
● “Abazali bami bangikhuthaza ukuba ngiyisebenzise ngokunenzuzo iminyaka yami yesikole futhi ngifundele umsebenzi othile. Abazange bangiphoqe ukuba ngenze izinto ezithandwa yibo, kodwa bangisiza ukuba ngikhethe izikole ezazinezifundo engangizidinga.”—UTais.
● “Lapho mina nodadewethu omncane siyothenga, umama wayesiphelezela. Wayengagcini ngokusisiza ukuba songe, kodwa wayesisiza nokuba sigweme izingubo eziwubukhazikhazi neziveza umzimba.”—UBianca.
● “Lapho siya emicimbini, ngaso sonke isikhathi abazali bami babebuza ukuthi obani ababezobe bekhona, ukuthi hlobo luni lomculo owawuzodlalwa, nokuthi umcimbi wawuzoqala futhi uphele nini. Kweminingi imicimbi sasihamba sonke njengomkhaya.”—UPriscila.
● “Ngesikhathi ngisewusana nalapho sengikhulakhulile, mina nabazali bami sasiba nezingxoxo ezimnandi ngaso sonke isikhathi. Omunye walabo engifunda nabo esikoleni wakuqaphela lokho wathi: ‘Ngifisa ukuba nguwe ngikwazi ukuxoxa ngokukhululekile nabazali bami nganoma yini. Angizizwa ngikhululekile ukuxoxa ngisho nanomama, futhi ngokuvamile izinto engifisa ukuzazi ngiye ngizame ukuzifunda kwabanye abantu.’”—USamara.
● “Ngikhule ngiyintombazane ejabulayo. Ngangingaboni lutho olubi kwabanye abantu ngizihlekela njalo. Ngangikhululeka lapho nginabangane bami futhi ngangikujabulela ukuxoxa izinto ezihlekisayo nabo. Abazali bami babeqonda ukuthi lokhu kwakuwubuntu bami, futhi abazange bazame ukushintsha izindlela zami. Kodwa bangisiza ngomusa ukuba ngiqonde ukuthi kwakufanele ngiqaphe futhi ngiziphathe ngokufanele kwabobulili obuhlukile.”—UTais.
● “Njengentsha eningi, nganginesithakazelo kwabobulili obuhlukile. Ubaba wangibekela unyaka wobudala engangingaqala ngawo ukuthandana nothile. Akuzange kungiphuce injabulo lokhu. Kunalokho ngaqaphela ukuthi abazali bami babengikhathalela futhi befuna ukungivikela ukuba ngingalimali esikhathini esizayo.”—UBianca.
● “Ngangibheka umshado njengento enhle, ikakhulukazi ngenxa yesibonelo sabazali bami. Babenobuhlobo obuhle ngaso sonke isikhathi belondoloza nokukhulumisana okuhle. Ngikhumbula ukuthi ngesikhathi ngiqala ukuthandana nothile, umama wangeluleka ngokuthi kwakumelwe ngiziphathe kanjani ezimweni ezithile wangichazela nokuthi lokhu kwakuyowuthinta kanjani umshado wami.”—UPriscila.
[Isithombe ekhasini 10]
Ezweni elisha likaNkulunkulu, akukho ngane eyothola impatho embi