Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 4/8 k. 32
  • Babebhekiwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Babebhekiwe
  • I-Phaphama!—2002
I-Phaphama!—2002
g02 4/8 k. 32

Babebhekiwe

ABAFANA ababili bangena esitolo sokudla ukuze badle ukudla kwasekuseni edolobhaneni elithile lase-Ohio, e-U.S.A. Njengenjwayelo, ngaphambi kokuba badle bagobisa amakhanda bathandaza ngenhliziyo.

Ngemva kwalokho, owesifazane owayekade ebabhekile weza etafuleni labo wathatha isiliphu sabo. Wathi: “Ezweni lapho sizwa khona izinto eziningi kangaka ezimbi ngentsha yethu, kuyaqabula ukubona abafana ababili bezinika isikhathi sokubonga uNkulunkulu ngokudla kwabo. Ngingathanda ukukhokhela izindleko zokudla kwenu.”

Laba bafana babamba ongezansi kodwa bakwazi ukubonga. Ngemva kwalokho bacabanga ukuthi ngeke bamyeke lona wesifazane acabange ukuthi babethandaza kunoma yimuphi uNkulunkulu. Ngakho omunye wabo waya kulona wesifazane, waphinde wambonga, wayesechaza ukuthi bangoFakazi BakaJehova.

Kuwumkhuba woFakazi BakaJehova ukutadisha iBhayibheli nemikhaya yabo. Abazali balaba bafana babenze kanjalo. Enye yezincwadi le mikhaya eyazifunda ithi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Phakathi kwezahluko zayo ezingu-19, le ncwadi ihlanganisa nesinye esikhuluma ngomthandazo esithi “Indlela Ongasondela Ngayo KuNkulunkulu.”

Ungacela le nsiza-kufundisa yeBhayibheli enamakhasi angu-192 ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngicela ningilethele incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela