Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 12/8 k. 14-k. 15 isig. 4
  • “Uhlupho” Oluyisibiliboco

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uhlupho” Oluyisibiliboco
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimangaliso Zommbila
    I-Phaphama!—2008
  • Izinhlobonhlobo Zokudla Zenza Ukuphila KwaseMexico Kuthakazelise
    I-Phaphama!—1992
  • “Ngicela Unginike Ama-tortilla”
    I-Phaphama!—1999
  • Ukunambitha—Isipho SoMdali Onothando
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 12/8 k. 14-k. 15 isig. 4

“Uhlupho” Oluyisibiliboco

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO

Isivuno sommbila sizoba sihle. Ngakho umlimi uhleka yedwa njengoba ehamba emasimini akhe, ehlola izikhwebu zommbila. Ukha esisodwa noma yikuphi, abese edonswa ibala elimnyama. Uma ebhekisisa uthola ukuthi isikhwebu sommbila sinehleza elithambile elikhulu futhi elitshekile elinombala omnyama. Uma esihluba, sikhipha iphunga elifana nelamakhowe. Isikhwebu sommbila sinesikhunta! Ingabe isivuno sonakele? Cha. Umlimi uyamomotheka, ujabule. Unethemba lokuthi uzovuna omunye omningi!

UKUNAMBITHEKA okusashukela nokunephunga lentuthu kwekhowe lommbila elibizwa ngokuthi i-huitlacoche, noma inhlava yommbila, kuye kwajatshulelwa eMexico kusukela ezikhathini zasendulo. Kwamanye amazwe ibhekwa njengesibiliboco, abanye bayibiza ngokuthi i-truffle yaseMexico.

I-ustilago maydis isikhunta esibangela ukwakheka kwe-huitlacoche. Lesi sikhunta sihlasela ngandlela-thile cishe zonke izilimo zommbila i-Zea mays, ikakhulukazi ezindaweni ezifudumele nezomile. Abacwaningi baye bathola ukuthi i-huitlacoche “inama-amino acid amathathu kwamane ahlobene nokunambitheka kwe-umami.”a (Journal of Agricultural and Food Chemistry) Ama-carbohydrate akuyi-huitlacoche, amaningi kunalawo akwamanye amakhowe adliwayo, yiwo abangela ukunambitheka okusashukela. Kuye kwatholakala nenani elikhulu lezithako ezinuka kamnandi kulesi sibiliboco—phakathi kwazo kune-vanillin. Nakuba ukunambitheka kwe-huitlacoche kuyikho okuthandeka kakhulu, umsoco wayo nawo kufanele ucatshangelwe, ngoba inovithamini C, i-phosphorus, i-calcium nezinye izakhi.

Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi ama-Aztec ayeyazisa kakhulu i-huitlacoche, ayinikeza igama elithi cuitlacochin, okusho “iqhubu elithule [ukukhula okungavamile].” Kamuva igama lalo lashintshwa laba yileli elikhona manje. EMexico i-huitlacoche ngokuvamile idliwa iyi-quesadilla, okungukuthi kuyi-tortilla esongiwe. Kanti futhi ivame ukusetshenziswa nasekudleni okusezingeni eliphezulu njengama-crepe, amasobho nososo. Muva nje leli khowe liye langena nasendaweni yokucwaninga ngezakhi zofuzo, lapho kucwaningwa khona ngezindlela zokwenza izitshalo zilikhiphe ngobuningi ukuze lidayise.

Uma ikhona i-huitlacoche endaweni yakini, kungani ungazami le ndlela yokuyipheka.b Uyomangala ukuthi “uhlupho” lungaba mnandi kangaka!

[Imibhalo yaphansi]

a Elithi umami igama elisetshenziswa eJapane elichaza lokho abanye abakubheka njengohlobo lwesihlanu lokunambitheka, ngemva kwezinhlobo ezine eziyinhloko—okunoshukela, okunosawoti, okumuncu nokubabayo.

b Ngezinye izikhathi i-huitlacoche ingathengwa isemathinini. Uma kunjalo, cishe iyobe isilungele ukusetshenziswa. Uma isesiqandisini, i-huitlacoche ingahlala izinsuku ezingu-8 kuya kwezingu-15 ingakonakali.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15]

Ukupheka I-huitlacoche

I-huitlacoche engamagremu angu-500 (noma esemathinini amabili, angamagremu angu-200 lilinye) eqotshiwe

U-anyanisi owodwa oqotshiwe (ocishe ugcwale inkomishi)

Izingcezu zikagaliki ezimbili kuya kwezine eziqotshiwe

Izipuni ezimbili ze-epazote (chenopodium ambrosioides) noma amaqabunga e-cilantro

Izipuni ezintathu zamafutha

Isipuni esisodwa sebhotela

Faka usawoti

Thosa u-anyanisi nogaliki emafutheni uze uthi ukushintsha umbala kancane. Faka i-epazote ne-huitlacoche. Faka ibhotela nosawoti. Goqoza kahle. Vala ukuyeke kugxabhe kancane imizuzu engaba ngu-15, ulokhu ukugoqoza.

Sebenzisa le ngxube, iyodwa noma inenyama noshizi, uyifake kuma-tortilla noma ama-crepe, noma wenze ngayo isobho. Ungayigaya nangomshini wokudla uyenze isobho elishubile elizohambisana nenyama.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela