Imibiko Yokholo Evela Ejele Elingokomlando
Emhlabeni wonke, izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi BakaJehova zihambela amajele ukuze zisize iziboshwa ezifuna ngobuqotho ukusondela kuNkulunkulu. Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-20 siluqhuba ngempumelelo uhlelo olunjalo lwemfundo yeBhayibheli ejele likahulumeni lase-Atlanta, eGeorgia, e-U.S.A. Ukutadisha iBhayibheli ejele kuyinselele. Njengezikhonzi zokuzithandela, siye sasebenzelana nabaphangi bamabhange, abakhwabanisi, ababulali, abashushumbisi bezidakamizwa, abakhohlisi nabadlwenguli. Basizwa kanjani abantu abanjalo?
OKOKUQALA, ungase ufise ukwazi ukuthi oFakazi BakaJehova baqala nini ukungena kuleli jele futhi kanjani. Kwakungu-July 4, 1918. Iqembu lezikhonzi ezingu-8 ezingamaKristu ezivelele laphelezelwa lenyuka ngezitebhisi zegwadle ezingu-15 zaleli jele likahulumeni. Uma kuwukuthi kwalandelwa inqubo evamile yangaleso sikhathi, zaboshwa ngozankosi ababoshelwe “eketangeni lokhalo” nezinyawo zabo ziboshiwe. Lezi ziboshwa ezintsha kwakungamadoda angokomoya ayehola phakathi kwabaFundi BeBhayibheli Bomhlaba Wonke, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi. Lawo madoda ayengazi ukuthi kwakuyothatha isikhathi esingaphansi konyaka ukuba kuvele ukuthi ayeboshwe ngokungafanele. Ngo-March 1919, lezi zikhonzi ezingu-8 ezingoFakazi zehla ngazo lezo zitebhisi zejele, zikhululekile. Kamuva asulwa amacala azo lapho iziphathimandla zinquma ukuhoxisa ukuqulwa kwawo.a
Ngesikhathi eboshiwe e-Atlanta, lawo madoda angamaKristu ayeqhuba amakilasi ezifundo zeBhayibheli. Omunye walezo ziboshwa ezingu-8, u-A. H. Macmillan, kamuva wabika ukuthi isekela lomphathi-jele lalinobutha ekuqaleni kodwa ekugcineni lashukumiseleka ukuba lithi: “Lezo zifundo eniziqhubayo lapho [neziboshwa] zinhle kakhulu!”
Namuhla, ngemva kweminyaka engu-80, amakilasi akhiqizayo ezifundo zeBhayibheli ayaqhubeka enethonya elihlala njalo kubantu kulo kanye lelo jele. Ezikhathini eziningana abaphathi bejele baye babonga amalungu athile eqembu lethu futhi bawaklomelisa. Ukuphumelela kwezinhlelo zokufundisa zoFakazi BakaJehova kuye kwabikwa nakuyi-Volunteer Today, ipheshana likazwelonke elinyatheliswa i-U.S. Department of Justice, Federal Bureau of Prisons.
Enye yezinzuzo zohlelo lokutadisha iBhayibheli neziboshwa yintuthuko ephawulekayo ekuziphatheni kwazo. Ngenxa yalokho, ezinye ziye zakhishwa ejele ngaphambi kwesikhathi. Abagxeki bangase bathi iziboshwa zitadisha iBhayibheli nathi ngenxa nje yaleso sizathu. Nakuba kuye kwaba njalo ezimweni ezimbalwa, esesikubonile kuye kwabonisa indaba ehlukile. Kuyasijabulisa njalo ukuzwa ukuthi esifunde nabo basalondoloze ukuziphatha okuhle kobuKristu ngemva kweminyaka eminingi bekhululiwe ejele. Okulandelayo yimibiko embalwa phakathi kweminingi esiye sayijabulela ngaphakathi kwezindonga eziphakeme zaleli jele elingokomlando.
Iziboshwa Eziyizihambi Zithola Ithemba
Ekuqaleni kwawo-1980, abanye bethu ababeshumayela ejele lase-Atlanta bajabulela ilungelo lokusiza iziboshwa eziningi eziyizihambi. Ezinye zezinguquko zaziphawuleka ngempela.
URaoulb wayeyisiboshwa esiyingozi ngempela. Yena nomngane wakhe babeyizigebengu ezingochwepheshe ezazigwetshwe ngenxa yokubulala. Ngokusho kwabadala ababasiza, babeyizidlwangudlwangu. URaoul wayenezitha ezazimzondela ukufa. Indoda ethile yayifungile ukuthi izombulala uRaoul, noRaoul efunge ukwenza okufanayo kuyo. URaoul wafikelwa ukwesaba okukhulu lapho isitha sakhe esikhulu sishintshelwa e-Atlanta. Kwakuyokwenzeka ukuba ngolunye usuku lezi zitha zesikhathi eside zihlangane egcekeni, endaweni yokudlela, noma esitokisini. Kodwa-ke, ngemva kokutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, uRaoul wenza izinguquko ezinkulu endleleni yakhe yokucabanga, ekuziphatheni kwakhe nasendleleni ayebukeka ngayo. Lapho ekugcineni la madoda amabili ehlangana egcekeni lejele, isitha esikhulu sikaRaoul sasingasamboni nokumbona! Ukuchitheka kwegazi okwakubonakala kungenakugwemeka akuzange kube khona.
Lapho uRaoul enquma ukubonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngokubhapathizwa, kwadingeka ukuba kutholakale indawo efanele yokuthela amanzi. Umfundisi wasejele wasiza, wasinikeza ibhokisi lomngcwabo elimnyama njengendawo yokubhapathizela. Leli bhokisi lwagcwaliswa nswí ngamanzi. Kodwa uRaoul wayemkhulu kunebhokisi. Ngakho kwadingeka ukuba abadala ababili basizane ukuze baqiniseke ukuthi uRaoul ucwila ngokuphelele, njengoba kusho iBhayibheli. (Luka 3:21, umbhalo waphansi we-NW) Namuhla uRaoul uyindoda ekhululekile futhi uyaqhubeka ekhonza njengesikhonzi esishisekayo esingumKristu.
Ngo-1987 isinqumo sokudingisa iziboshwa eziningi eziyizihambi sabangela umbhikisho obhubhisayo nocekela phansi ejele, owabikwa emhlabeni wonke. Kwathunjwa abantu abathile. Kodwa abantu abaningi abazi lutho ngemibiko yeziboshwa eziyizihambi ezinesibindi ezafaka ukuphila kwazo engozini ngokwenqaba ukuhlanganyela kulo mbhikisho obhubhisayo nonobudlova. Zazingabafundi emakilasini ethu ezifundo zeBhayibheli. La madoda, ngaphambili ayelwa kuze kuphume isidumbu, awathathanga hlangothi—awahlanganyelanga ebudloveni nasekucekeleni phansi. Yeka ukuthi kwaba ubufakazi obucace kangakanani bamandla eBhayibheli okuguqula ngisho nezigebengu ezinonya zibe amaKristu athanda ukuthula!—Heberu 4:12.
Ukuthola Intethelelo
Enye indaba ekhumbulekayo ekaJames. Wayengomunye woFakazi BakaJehova kodwa wayesephola ngokomoya. Wanqotshwa yisilingo futhi wakhwabanisa ebhange. Wasuswa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu futhi waboshwa ejele likahulumeni lase-Atlanta. Kamuva wasitshela: “Kwakuyisikhathi esibi kunazo zonke ekuphileni kwami.”
Ukuphila kwasejele kwakunzima. “Nganginesizungu esikhulu futhi ngiphelelwe yithemba,” kukhumbula uJames. Kodwa-ke, ukuvalelwa kwakhe esitokisini sasejele esiminyene kwamenza wazihlolisisa. Wakubeka ngale ndlela: “Okwakungiphethe kabuhlungu kakhulu ejele kwakungesona isimo sakhona kodwa kwakuyindlela engangimdumaze ngayo uBaba osezulwini.” Ngemva kwezinyanga ezithile esinye isiboshwa esasitadisha iBhayibheli nezikhonzi ezingoFakazi sakhuluma noJames sammemela emakilasini esifundo seBhayibheli. Enamahloni, uJames waqale wenqaba. Kodwa le nsizwa yaphikelela, futhi ekugcineni uJames waya emhlanganweni wangeSonto.
Wathinteka ngokujulile lapho ebona indlela oFakazi ababeqhuba la makilasi ababebakhathalela ngothando ngayo abafundi. Kamuva kukhona okunye futhi okwamhlaba umxhwele. Ngenxa yalokho ayekubone ngaphambili, uJames wayecabanga ukuthi zonke izisebenzi zokuzithandela zenkolo zazikhokhelwa imali enhle ngokusebenza kwazo neziboshwa. Kodwa wamangala lapho ezwa ukuthi lab’ oFakazi babengasifaki isicelo sokukhokhelwa futhi bengatholi mali ngezinkonzo ababezenza.—Mathewu 10:8.
UJames waqala ukulangazelela ukuba semihlanganweni. Wathola ukuthi abazalwane ababeqhuba le mihlangano babenomusa futhi bekhuthaza. Wahlatshwa umxhwele umdala othile ngokukhethekile. UJames uyakhumbula: “Ngangihlala ngibheke phambili ekuhambeleni kwakhe, ngoba wayenza iqiniso leZwi likaNkulunkulu liphile; umoya ayenawo wawuthelelana. Wangibonisa isidingo sokufunda iBhayibheli ngokucophelela ukuze ngithole umqondo wangempela wesigijimi—ngilenze libe ngelami ngempela, futhi okubaluleke nakakhulu, ngihlakulele umqondo kaKristu.”
Kwakunzima kuJames ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu wayengawathethelela amaphutha akhe. Wasizwa yini? “Intethelelo kaNkulunkulu yabonakala endleleni ayesiphatha ngayo amadoda athembekile nanokuzidela.c Yinye into eyayisobala: Naphezu kwezono zami ezimbi, lo mfowethu akazange nanini anginikeze umuzwa wokuthi uNkulunkulu wayengeke angithethelele. UJehova akazange angilahle. Wabona ukuphenduka kwami okuqotho nendlela engangiyenyanya ngayo inkambo enjalo yobuwula nokukhohlisa; futhi uye wangibusisa kakhulu.” Yebo, uJames wabuyiselwa ebandleni lobuKristu. Njengoba akhululwa ejele cishe eminyakeni eyishumi edlule, namanje usashiseka. Okuye kwajabulisa umkakhe nomkhaya wakubo ukuthi manje useyinceku ekhonzayo futhi ubesanda kunikeza inkulumo yakhe yokuqala yeningi.
Ukuthola Indlela
Sahlangana noJohnny ekuqaleni kwawo-1990. Umkhaya wakubo wawujwayelene noFakazi BakaJehova, kodwa akekho owayeqinile ngokomoya lapho uJohnny esakhula edinga isiqondiso esingokomoya nesokuziphatha. UJohnny waqala ukuphila ngobugebengu. Wagwetshwa wavalelwa ekamu lejele likahulumeni elakhelene nejele lase-Atlanta. Phakathi nesikhathi asichitha kuleli kamu, wezwa ngamakilasi ethu esifundo seBhayibheli futhi wanquma ukuba khona.
Ekuqaleni, uJohnny wayengakwazi kahle ukufunda. Nokho, wayezimisele kakhulu ukufunda ngoJehova noJesu Kristu kangangokuba wazimisela ukufunda ukuzifundela ngokushelelayo. (Johane 17:3) Ngokuvamile amakilasi ethu ezifundo ayazisiza iziboshwa kule ndaba, ikakhulukazi uma kuziwa ekufundeni ngokuqonda nokufunda obala. UJohnny wazikhandla ezifundweni zakhe kangangokuba abanye abafundi baqala ukumbheka njengesibonelo sokuthi umfundi weBhayibheli ozimisele kufanele abe njani.
Ngemva kwezinyanga eziningi, uJohnny washintshelwa ejele likahulumeni eTalladega, e-Alabama, ukuyongena kolunye lwezinhlelo zakhona eziphathelene nezidakamizwa. Lapho efika, wazibandakanya ngokushesha nemihlangano yobuKristu yoFakazi BakaJehova eyayiqhutshwa lapho. Walondoloza intshiseko kwaze kwaba yilapho ededelwa ekugcineni. Lapho lolo suku lwenjabulo lufika, uJohnny akapholisanga maseko wathintana noFakazi edolobhaneni lakubo. Wamukelwa ngemfudumalo futhi waqhubeka etadisha futhi ethuthuka ngokomoya.
Intshiseko kaJohnny nothando lwakhe ngeqiniso leBhayibheli kuye kwakhuthaza nonina ukuba ahlanganyele ngokugcwele ezintweni zebandla. UJohnny uwumthombo omkhulu wamandla nosizo kunina. Muva nje uye wabhapathizwa njengesibonakaliso sokuzinikezela kwakhe kuJehova uNkulunkulu, futhi uyaqhubeka ehlanganyela ngentshiseko enkonzweni yobuKristu.
Isivuno Esicebile
Phakathi namashumi amabili eminyaka adlule, kuye kwasizwa iziboshwa ezingaphezu kuka-40 zasejele lase-Atlanta ukuba zibe yizikhonzi ezibhapathiziwe ezingoFakazi BakaJehova; ezinye iziboshwa ezingaphezu kuka-90 ziye zazuza ezifundweni zeBhayibheli zamasonto onke. Ezinye iziboshwa ziye zabhapathizwa ngemva kokudedelwa ejele noma ngemva kokushintshelwa kwamanye amajele.
Labo kithina abavakashela leli jele elingokomlando masonto onke ukuyosiza iziboshwa eziphenduke ngempela bayabonga ngokukhonza kule nkonzo yobuKristu eyingqayizivele. (IzEnzo 3:19; 2 Korinte 7:8-13) Kule ndawo ekhwantabele enezinqaba zamasosha ahlomile, onogada, amasango kagesi nocingo olubenyezelayo olunameva, siye sagcwala injabulo nokumangala lapho sibona iziboshwa zikahulumeni ziguqula ukuphila kwazo futhi ziba yizakhamuzi ezithembekile nabakhulekeli bakaNkulunkulu abaqotho.—1 Korinte 6:9-11.—Inikelwe.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole imininingwane yalelo cala, bheka ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 647-56, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Amagama eziboshwa ashintshiwe.
c INqabayokulinda ka-April 15, 1991, yakhuthaza abadala abangamaKristu ukuba babahambele ngomusa abaningi abasusiwe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu. Injongo yokuhambela okunjalo ukubakhuthaza ukuba babuyele kuJehova.—2 Korinte 2:6-8.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 20, 21]
“Niye Namukela Abanye Babangane Bami Abakhulu”
NGO-APRIL 1983, uFrederick W. Franz, owayekhonza eNdikimbeni Ebusayo YoFakazi BakaJehova ngaleso sikhathi, wavakashela ijele lase-Atlanta, e-United States. Wayemagange kakhulu ngokuvakashela leli jele ngokukhethekile. Njengoba ayengena ngaphakathi, wamemeza ekhuluma nonogada owayehlezi etafuleni endaweni yokwamukela izivakashi: “Ngifisa ukuba wazi ukuthi niye namukela abanye babangane bami abakhulu lapha!” Unogada wasala emangele. UFranz wayekhuluma ngani?
UJoseph F. Rutherford nawozakwabo abangu-7 babeboshwe ngokungafanele bamangalelwa ngokubopha uzungu eminyakeni engu-64 ngaphambi kwalokho. Kamuva uRutherford noFranz baba abangane abakhulu futhi basebenza ndawonye. Manje, eminyakeni engaphezu kuka-40 ngemva kokufa kukaRutherford—uFranz ngokwakhe eseneminyaka engaba ngu-90 ubudala—wayejabule ngokuvakashela indawo umngane wakhe ayeboshwe kuyo kudala. Akungabazeki ukuthi wacabanga ngomsebenzi uRutherford nawozakwabo ababewenzile lapho bevalelwe. Yimuphi lowo msebenzi?
Ngemva nje kokufika kukaRutherford nawozakwabo, isekela lomphathi-jele labatshela ukuthi: “Sizoninika umsebenzi. Yini enikwazi ukuyenza?”
“Mnumzane,” kuphendula u-A. H. Macmillan, owayengomunye walezi ziboshwa ezingu-8, “akukho engake ngakwenza ekuphileni kwami ngaphandle kokushumayela. Ninawo umsebenzi onjalo lapha?”
“Cha, mnumzane! Niboshelwé lokho, futhi ngiyanitshela manje ukuthi ngeke nishumayele lapha.”
Kwadlula amasonto ambalwa. Zonke iziboshwa kwakufanele zibe senkonzweni yesonto ngeSonto, kanti ababethanda babengasala kuSonto-sikole ngemva kwalokho. La madoda angu-8 anquma ukuvula elawo ikilasi lezifundo zeBhayibheli, ayeshintshana ngokuliqhuba. Kamuva uRutherford wachaza: “Ababenelukuluku baqala ukuza, kwaqhubeka kuza nabanye abengeziwe.” Ngokushesha iqenjana labangu-8 laba nabantu abangu-90!
Iziboshwa zazizizwa kanjani ngaleli kilasi lezifundo zeBhayibheli? Isiboshwa esithile sathi: “Ngineminyaka engu-72 ubudala, futhi kuye kwadingeka ngivalelwe ejele ukuze ngizwe iqiniso. Ngiyajabula ngokuthi ngavalelwa ejele.” Esinye sathi: “Sengizophuma ejele; ngiyadabuka ngokuthi sengizohamba . . . Ngingabatholaphi abantu abanjengani uma sengihambile?”
Ebusuku obandulela ukukhululwa kwala madoda angu-8, athola incwadi ethinta inhliziyo eyayivela ensizweni ethile eyayibe khona ezifundweni zawo. Yabhala: “Ngifisa ukuba nazi ukuthi ningishiye nginesifiso sokuba umuntu ongcono, ofanelekayo, uma kungenzeka lokho ngomuntu omubi noshikashikeke njengami. . . . Angiyena umuntu oqinile neze, futhi ngikwazi kahle kamhlophe lokho, kodwa ngizozama ngizitube uma kudingekile, ukuze ngithele izithelo zale mbewu eniyitshalile, ukuze kungasizakali mina kuphela kodwa ngisize nabantu abangizungezile. Lokhu kungase kuzwakale kuyinqaba uma kushiwo umuntu onjengami, kodwa ekujuleni kwenhliziyo yami ngiyafunga ukuthi ngiqinisile.”
Namuhla, ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-80, oFakazi BakaJehova basatshala imbewu yeqiniso leBhayibheli ejele lase-Atlanta—kanye nakwamanye amajele amaningi.—1 Korinte 3:6, 7.