‘Umzamo Ubhuntshile’
KUTHIWA kuleli zwe, eliwumphakathi wembulunga yonke oncipha ngokushesha, igebe phakathi kwabacebile nabampofu liyakhula. Likhuluma ngemizamo yokwakha umnotho wembulunga yonke, iqembu elithile labashisekeli bamazwe ngamazwe lamemezela: “Ngemva kweminyaka engu-50 yomzamo, izinto ziyawohloka. Esikhundleni sokuletha izinzuzo zezomnotho kubo bonke abantu, lo mzamo uye wasondeza iplanethi engcupheni yenhlekelele yemvelo, izinxushunxushu zomphakathi ezingakaze zibonwe ngaphambili, ukuwohloka komnotho wamazwe amaningi, ukwanda kobumpofu, indlala, ukuswela indawo, ukufuduka kwabantu nokungabi bikho kohlelo. Sesingasho manje ukuthi lo mzamo uhlulekile.”
Konakelephi? Uma abantu bephishekela izinhloso zobugovu, nakanjani badala umonakalo. Umtshali wezimali uGeorge Soros uyaphawula: “Izimakethe zenza konke kube yizimpahla zokuthengwa nokuthengiswa, kuhlanganise nabantu (izisebenzi) kanye nemvelo (indawo).” Ukungapheleli komuntu nakho kuyanezela. Evumelana nombono wesazi sefilosofi uKarl Popper, uSoros uthi: “Ngokwemvelo, ukuqonda kwethu akuphelele; iqiniso eliphelele, icebo eliphelele lokwakha umphakathi, lingaphezu kwamandla ethu.”
Ukungalingani kwezomnotho akukusha. Eminyakeni engamakhulu angu-8 ngaphambi kukaKristu, umlobi weBhayibheli wakhuluma ngalabo ‘abacindezela abaphansi, abachoboza abampofu.’ (Amose 4:1) Ngemva kokubona izenzo ezifanayo zokungabi nabulungisa, isikhulu sikahulumeni sasendulo sabhala eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule: ‘Umuntu uye wabusa omunye kwaba ngukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
Liyini ikhambi? Ingabe izinhlangano zabantu zingakuxazulula ukungalingani okukhulu kwezomnotho ngokubambisana komhlaba wonke? USoros uthi: “Asinayo imikhandlu eyanele yomhlaba wonke yokuvikela inkululeko yabantu, amalungelo abo kanye nemvelo, noma yokuthuthukisa ubulungisa emphakathini—ingasaphathwa eyokulondoloza ukuthula. Imikhandlu eminingi esinayo iyizinhlangano zohulumeni, futhi ngokuvamile ohulumeni bakhathalela izithakazelo zabo ngaphambi kwezabantu abavamile. IZizwe Ezihlangene azinawo amandla okugcwalisa izithembiso ezibalwe esethulweni somthetho-sisekelo wazo.”
Ingabe kufanele siphelelwe ithemba? Cha. Uhulumeni olungile womhlaba wonke ususeduze! Wawuyisihloko sokushumayela kukaJesu! Wawubiza ngokuthi “umbuso kaNkulunkulu,” futhi wafundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. (Luka 11:2; 21:31) UMbuso kaNkulunkulu usumisiwe emazulwini, futhi maduze uzosusa konke ukungabi nabulungisa kulo mhlaba. (IsAmbulo 11:15, 18) Esikhundleni sokuba umzamo wesikhashana wokubusa, uMbuso kaNkulunkulu uyohlala phakade. (Daniyeli 2:44) Uyozixazulula unomphela izinkinga zobumpofu nokucindezelwa. Yeka ukuthi leli yithemba elihle kangakanani kwabampofu nabacindezelwe—eqinisweni, kubo bonke abantu!
[Isithombe ekhasini 13]
Umnotho wembulunga yonke awuzixazululanga izinkinga zabampofu—izinkulungwane zezigidi zisaphila ngaphandle kompompi bamanzi noma ugesi