“Ngezinye Izikhathi Kuba Sengathi Ngiyaphupha!”
ULourdes ubuka idolobha ngefasitela lakwakhe, iminwe yakhe ivale umlomo wakhe oqhaqhazelayo. Ungowesifazane waseLatin America owayehlukunyezwa umyeni wakhe onobudlova, u-Alfredo, iminyaka engaphezu kwengu-20. U-Alfredo washukumiseleka ukuba ashintshe. Kodwa, kusenzima ngoLourdes ukukhuluma ngobuhlungu obungokomzimba nobungokomzwelo abukhuthazelela.
Ekhuluma ngephimbo eliphansi, uLourdes uthi: “Kwaqala ngemva nje kwamasonto amabili sishadile. Wake wangishaya kwaphuma amazinyo ami amabili. Ngesinye isikhathi ngavika, washaya iwodilobhu ngesibhakela. Kodwa amagama ayengibiza ngawo yiwona ayelimaza nakakhulu. Wayengibiza ‘ngodoti’ futhi engiphatha njengesiwula. Ngangifuna ukumshiya, kodwa ngangingakwenza kanjani nginezingane ezintathu?”
U-Alfredo uthinta ihlombe likaLourdes ngesineke. Uthi: “Nginguchwepheshe ophakeme ogogodile. Ngazizwa ngihlazekile uma ngithola amasamanisi nencwadi yasenkantolo ethi ngingamthinti. Ngazama ukushintsha, kodwa ngokushesha ngaphindela endleleni efanayo futhi.”
Izinto zashintsha kanjani? “Intokazi esesitolo esisejikeni ingomunye woFakazi BakaJehova,” kuchaza uLourdes, manje osebonakala ekhululekile. “Yacela ukungisiza ukuba ngiqonde iBhayibheli. Ngafunda ukuthi uJehova uNkulunkulu uyabazisa abesifazane. Ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, nakuba ekuqaleni kwakumthukuthelisa u-Alfredo. Kwakuyinto entsha kimi ukuchitha isikhathi nabangane eHholo LoMbuso. Ngamangala ukuthola ukuthi ngingaba nezinkolelo zami, ngiziveze ngokukhululekile, ngize ngizifundise ngisho nabanye. Ngaqaphela ukuthi ngiyigugu kuNkulunkulu. Lokhu kwanginika isibindi.”
“Kwaba nenkathi yoshintsho engingasoze ngayikhohlwa. U-Alfredo wayesaya eMiseni lamaKatolika njalo ngeSonto, futhi wayekuphikisa engangikwenza noFakazi BakaJehova. Ngambheka ngqo emehlweni futhi ngasho ngesizotha kodwa ngokuqiniseka, ngathi: ‘Alfredo, angicabangi njengawe.’ Akazange angishaye! Ngokushesha ngemva kwalokho, ngabhapathizwa, futhi sekuphele iminyaka emihlanu kusukela ngaleso sikhathi engangibeki sandla.”
Kodwa kwakusazolandela ushintsho olukhulu. U-Alfredo uyachaza: “Ngemva kweminyaka engaba mithathu uLourdes ebhapathiziwe, uzakwethu emsebenzini, ongomunye woFakazi BakaJehova, wangimemela kwakhe, futhi wangichazela izinto ezithakazelisayo eziseBhayibhelini. Ngaphandle kokutshela umkami, ngaqala ukutadisha naye iBhayibheli. Ngokushesha ngase ngihamba noLourdes emihlanganweni. Eziningi zezinkulumo engazizwa lapho zazithinta ukuphila komkhaya, futhi zazingishiya nginamahloni.”
U-Alfredo wahlabeka umxhwele lapho ebona amalungu ebandla, kuhlanganise namadoda, eshanela phansi ngemva kwemihlangano. Lapho evakashela emizini yabo, wayebona amadoda esiza omkawo ngokuwasha izitsha. Lezi zinto ezincane zabonisa u-Alfredo ukuthi uthando lweqiniso luziphatha kanjani.
Ngokushesha ngemva kwalokho, u-Alfredo wabhapathizwa, futhi manje yena nomkakhe bayizikhonzi zesikhathi esigcwele. ULourdes uthi: “Uvame ukungisiza siqoqe izitsha ngemva kokudla futhi silungise nemibhede. Uyangincoma ngokupheka kwami, futhi uyangivumela ukuba ngikhethe—njengokuthi ngizolalela muphi umculo noma yiziphi izinto zendlu esizozithenga. Lezi yizinto u-Alfredo ayengasoze azenza ngaphambili! Muva nje, ngokokuqala ngqá, ungithengele isixha sezimbali. Ngezinye izikhathi kuba sengathi ngiyaphupha!”
[Isithombe ekhasini 10]
“Ngaqaphela ukuthi ngiyigugu kuNkulunkulu. Lokhu kwanginika isibindi”
[Isithombe ekhasini 10]
U-Alfredo wahlabeka umxhwele lapho ebona amalungu ebandla, kuhlanganise namadoda, eshanela phansi ngemva kwemihlangano
[Isithombe ekhasini 10]
Wabona amadoda esiza omkawo ngokuwasha izitsha
[Isithombe ekhasini 10]
“Muva nje, ngokokuqala ngqá, ungithengele isixha sezimbali”