Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 4/22 k. 19-k. 23 isig. 3
  • Nakuba Ngiyisithulu Futhi Ngiyimpumputhe, Ngathola Ukulondeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Nakuba Ngiyisithulu Futhi Ngiyimpumputhe, Ngathola Ukulondeka
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthunyelwa Esikoleni Esikhethekile
  • Ukuphindela Ekhaya, Kodwa Kuphakama Izinkinga
  • Imizamo Yokuthuthukisa Ukuphila Kwami
  • Ukuthuthela EWashington, D.C.
  • Ukufuna Inkolo Yeqiniso
  • Ngazizwa Ngikhululekile
  • Ukuthola Ukulondeka Engangikufuna
  • Isikhathi Sovivinyo
  • Ukubusiswa UBaba Wethu Onothando
  • Bazise Abafowenu Nodadewenu Abayizithulu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ulimi Olubonayo!
    I-Phaphama!—1998
  • Ukulalela Ngamehlo Akho
    I-Phaphama!—1998
  • ‘UJehova Wenze Ubuso Bakhe Bakhanya Kubo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 4/22 k. 19-k. 23 isig. 3

Nakuba Ngiyisithulu Futhi Ngiyimpumputhe, Ngathola Ukulondeka

NJENGOBA ILANDISWA NGUJANICE ADAMS

Ngazalwa ngiyisithulu kodwa ngiye ngakwazi ukuphila nabantu abezwayo. Kwathi-ke lapho sengisekolishi, kwaphela nasozwaneni lapho ngitshelwa ukuthi ngizoba yimpumputhe. Umeluleki wami wasekolishi owayenezinhloso ezinhle wanginikeza isihloko esikhuluma ngokuphila ungaboni futhi ungezwa. Ngokushesha, ngabona umusho othi abantu abayizithulu futhi abayizimpumputhe bangabantu abanesizungu kunabo bonke emhlabeni. Ngavele ngakhala.

NGAZALELWA eDes Moines, e-Iowa, e-U.S.A., ngo-July 11, 1954, nginguzinyobulala kaDale noPhyllis Den Hartog. Abazali bami babengazi ukuthi bobabili babethwele izakhi zofuzo zesifo esaziwa ngokuthi i-Usher’s syndrome, esibonakala ngokuba uzalwe uyisithulu bese ngokuhamba kwesikhathi ugcine uyimpumputhe.

Ekuqaleni abazali bami babengasoli ukuthi nginenkinga. Mhlawumbe ngenxa yokuthi ngangiyizwa kancane imisindo ephansi, futhi ngezinye izikhathi ngangisabela emisindweni. Kodwa lapho bebona ngingakwazi ukukhuluma, babona ukuthi kukhona okushaya amanzi. Ekugcineni, lapho ngineminyaka emithathu ubudala, udokotela wathola ukuthi ngiyisithulu.

Lezi zindaba zabashaqisa abazali bami. Kodwa babezimisele ukuba ngithole imfundo engcono kakhulu engangingayithola. Ngayiswa enkulisa ephambili yezingane ezingezwa kahle. Kodwa njengoba ngangicishe ngibe yisithulu ngokuphelele, angizange ngiphumelele. Ngezinye izikhathi ngangikhipha ukukhungatheka ngokuzishaya ngekhanda odongeni.

Ukuthunyelwa Esikoleni Esikhethekile

Abazali bami bakhetha ukungiyisa eCentral Institute for the Deaf (CID), eSt. Louis, Missouri. Nakuba kwakubiza kakhulu futhi kuzwisa ubuhlungu ukungihambisa ekhaya ngineminyaka emihlanu ubudala, bacabanga ukuthi leli kwakuyithemba lami elingcono kakhulu lokuphila okuphumelelayo nokujabulisayo. Ngangingakwazi nhlobo ukukhulumisana nabazali bami ngaleso sikhathi.

Ngabuka umama epakisha izimpahla zami epotimendeni. Lapho sihamba ngemoto kwaba sengathi ngeke sifike lapho siya khona. Lapho sesiseCID ngiyakhumbula ngibona amanye amantombazane amancane ayengenabo onina futhi ngicabanga, ‘Cha, ngeke kudingeke ngihlale lapha ngoba nginomama nobaba.’ Lapho kufika isikhathi sokuba abazali bami bahambe, bazama ukuchaza ukuthi bazophinde babuye ezinyangeni ezimbalwa. Ngakhihla isililo futhi ngabambelela kubo, kodwa umama owayephethe kule ndawo wangihluthula ukuze bahambe.

Ngazizwa ngilahliwe. Ngingedwa namanye amantombazane ngobusuku bethu bokuqala esikoleni, ngazama ukududuza enye intombazane eyayikhala ngokwenza sengathi ngikhuluma nayo, nakuba ngangingakwazi ngempela ukukhuluma ngaleso sikhathi. Umama osiphethe wangithethisa futhi wabeka into ehlukanisayo phakathi kwethu ukuze singakhulumisani. Lolo donga lwahlala lapho kusukela ngaleso sikhathi. Kwakunzima ukuba ngedwa.

Kancane kancane ngathola ukuthi sonke sasilapho ngoba sasiyizithulu. Mhlawumbe abazali bami babengithanda, kodwa ngacabanga ukuthi kwakuyiphutha lami elenza ukuba ngingaphumeleli enkulisa. Ngangizimisele ukuphumelela kulokhu futhi ngolunye usuku ngibuyele emkhayeni wakithi.

Kwakunemfundo ephambili eCID. Nakuba sasingavunyelwe ukusebenzisa ulimi lwezandla, ngamunye ngamunye sasifundiswa kakhulu ukufunda izindebe nokukhuluma. Zonke izifundo ezifundiswa ezikoleni ezivamile zazigcizelelwa nazo. Nakuba ngikholelwa ukuthi ukukhuluma ngezindebe kuphela akuzisizi izingane eziningi eziyizithulu, kwakungisiza mina, futhi ngangizizwa ngiphumelela. Ngezinsiza-kuzwa, ngafunda ukuzwa ngokufunda ukunyakaza komlomo nokuzwa imisindo ephansi lapho abanye abantu bekhuluma. Abantu abaningi abezwayo base beqala ukukuzwa ukukhuluma kwami okwase kuthuthukile nakuba kwakungakalungi kahle. Abazali bami kanye nasesikoleni babegculiseka ngempumelelo yami. Noma kunjalo, ngangilangazelela ukuphindela ekhaya.

Njalo ngamaholide asehlobo ngangincenga abazali bami ukuba bangivumele ngihlale ekhaya futhi ngifunde e-Iowa, kodwa zazingakabi bikho izinhlelo ezifanele endaweni. Ngemva kokuphindela esikoleni, umama wayengithumelela incwadi zonke izinsuku futhi afake intshungamu. Ngangiyazisa kakhulu leyo ntshungamu ngenxa yothando eyayilumelela! Kunokuba ngiyidle, ngangiyibeka, futhi ngangiyazisa nakakhulu lapho ngizizwa ngicindezelekile.

Ukuphindela Ekhaya, Kodwa Kuphakama Izinkinga

Ekugcineni, lapho sengineminyaka eyishumi, abazali bami bangibuyisa ekhaya. Ngajabula kakhulu futhi ngazizwa ngilondekile ngokuba nomkhaya wakithi! Ngafunda esikoleni sendawo esikhethekile sezingane eziyizithulu eDes Moines. Ekugcineni ngangeniswa emakilasini avamile ngoba ngase ngikwazi kahle ukufunda izindebe futhi sengikwazi ukukhuluma into ezwakalayo. Kodwa kwakunezinselele eziningi kulesi simo sami esisha.

Lapho ngiseCID, ngangizizwa ngamukeleka kontanga yami abayizithulu. Kodwa manje, lapho sekudingeka ngixoxe nabantu abangaphezu koyedwa ngesikhathi, amakhono ami okufunda izindebe ayesilela. Ngakho ngangizizwa ngikhishwe inyumbazane. Ngangikufuna kabi ukwamukeleka!

Lokhu kwangiholela ekubeni ngifune ukwamukelwa yintsha engabafana, okwaphumela ekubeni ngihileleke ekuziphatheni okuyekelelayo. Futhi ngangingazi ukuthi kufanele ngenqabe kanjani. Lapho ngineminyaka engu-14 ubudala, ngadlwengulwa kodwa angangathi vú. Nakuba abazali bami babekhathalela futhi benothando, ngazizwa nginesizungu futhi ngingento yalutho.

Ngenxa yezinsiza-kuzwa, ngangiwujabulela umculo ngandlela-thile, kodwa uhlobo lomculo engangiwuthanda lwalungabazisa. Ngangilalela umculo we-rock oklabalasayo okhuthaza izidakamizwa. Ngase ngiphila ngokubhema insangu futhi ngaba unkom’ idla yodwa. Namanje ngisazisola kakhulu uma ngibheka emuva kulokho engakwenza ngaleyo minyaka yesiyaluyalu kanye nobuhlungu okwabuletha kimina nasemkhayeni wakithi.

Imizamo Yokuthuthukisa Ukuphila Kwami

Phakathi nale nkathi, ngangikomele kakhulu ukufunda futhi nginesifiso sokuthuthukisa amakhono amasha. Ngangihlala ngifunda, ngidweba, ngithunga futhi ngifekethisa. Ngangifuna ukufeza okuningi ngokuphila kwami kunabangane bami ababazi izidakamizwa nje kuphela. Ngakho ngabhalisa ekolishi elivamile ngasekhaya ukuze ngithuthukise isithakazelo sami kwezobuciko. Manje ngase nginqume ukufunda ulimi lwezandla ngoba kwakungikhungathekisa ukuzizwa ngihlukanisiwe nabanye.

Ekugcineni ngaya eNational Technical Institute for the Deaf eRochester, eNew York, ngiyofundela ubuciko bezinto zobumba. Nakuba amehlo ami ayefiphala kancane kancane—iqiniso engangingafuni ukulivuma ngandlela-thile—nganginomuzwa wokuthi ukuphila kwami kwakuhamba kahle. Kodwa umeluleki wami wasekolishi wangenza ngabhekana namaqiniso ngokungitshela ukuthi ngokushesha ngangizoba impumputhe.

Leli kolishi lalingakulungele ukufeza izidingo zami, ngakho kwadingeka ngishiye. Ngase ngizokwenzani manje? Nakuba ngangidunyazwe ukuthi ngase ngizoba impumputhe, ngangizimisele ukuthola indlela yokuzimela futhi ngingagcini ‘sengingomunye wabantu abanesizungu kunabo bonke emhlabeni,’ ngokwamazwi esihloko engasinikezwa umeluleki. Ngaphindela ekhaya e-Iowa ngafunda ukufunda i-Braille nokusebenzisa ubhoko ukuze ngihambe.

Ukuthuthela EWashington, D.C.

IGallaudet University eWashington, D.C., ewukuphela kwekolishi emhlabeni elifundisa izithulu amakhono obuciko, lalinezinkonzo ezikhethekile zabafundi abayizithulu futhi abayizimpumputhe. Ngaya kofunda khona futhi ngathola iziqu ze-honors ngo-1979. Nalapha futhi, ngajabula ngokuphumelela kwezemfundo.

Nokho, ngangisazizwa ngihlukanisiwe nontanga yami. Nakuba ngangingasaboni, ngangifundé ulimi lwezandla ngesikhathi esifanele ukuze ngiqale ukuzizwa ngiyingxenye yeqembu elithile, umphakathi weZithulu. Ulimi lwezandla engilusebenzisayo luyefana nalolo olusetshenziswa ezinye izithulu. Kodwa ngenxa yokuthi kufanele ngithinte izandla zabo ukuze ngiqonde ukuthi bathini, ezinye izithulu zazingigwema ngenxa yokuzizwa zingakhululekile. Ngaqala ukuzibuza ukuthi ngiyoke ngamukeleke yini ngempela kunoma yiliphi iqembu labantu.

Ukufuna Inkolo Yeqiniso

Inkolo yayingazange ingiduduze ngesikhathi ngisakhula. Futhi nakuba ngenza izifundo zenkolo ekolishi, angizange ngizithole izimpendulo zemibuzo yami eminingi. Ngemva kokuthola iziqu ekolishi, ngaqhubeka ngifuna izimpendulo. Phakathi nalesi sikhathi ngangingajabule ngobuhlobo bami nabanye, ngakho ngaqala ukuthandaza kuNkulunkulu ngicela isiqondiso sakhe.

Ngo-1981, ngaphindela eGallaudet University ngayofundela iziqu ze-master emkhakheni wezokweluleka abantu ukuze baguquke. Ngaqhubeka ngithandazela usizo ekutholeni isonto elifanele. Baningana abantu abathembisa ukuya nami emasontweni abo, kodwa ngenxa yezizathu ezihlukahlukene abazange benze kanjalo. Ngabe sengihlangana noBill, owayezwa kahle naye owayezofundela iziqu. Ngandlela-thile wathola ukuthi nginesithakazelo eBhayibhelini njengaye, futhi wangitshela ukuthi wayefunda izinto ezimangalisayo koFakazi BakaJehova.

Into yokuqala eyafika emqondweni wami ukuthi oFakazi BakaJehova babeyihlelo elithile lamaJuda, umbono owawuvamile kubantu abaningi abayizithulu. UBill wangiqinisekisa ukuthi babengenjalo futhi wathi indlela engcono kakhulu yokwazi ngabo ukuya komunye wemihlangano yabo. Ngangingafuni ngempela ukuya, kodwa ngakhumbula umthandazo wami. Ngavuma nginqikaza, ngithi ngizoya uma nje sizohlala ngemuva ukuze sishaye sichithe uma besicindezela.

Ngazizwa Ngikhululekile

Ngangithuke kakhulu njengoba sasiya emhlanganweni. Sobabili sasigqoke obhogadi namahembe ayi-flannel. Ngajabula ngokuthi safika sekwephuzile kancane ngoba akuzange kudingeke sixoxe nothile ngaphambi kokuba kuqale imihlangano. UBill wayengihumushela yonke into njengoba ngangingaboni futhi ngingezwa. Nakuba ngingazange ngiqonde ukuthi kuqhubekani ngempela, ngahlatshwa umxhwele izinto ezimbili: Isikhulumi sasilisebenzisa njalo iBhayibheli, futhi izingane, ezazihleli nabazali bazo, zaziphendula ngentshiseko emhlanganweni. Ngemva komhlangano, kunokuba sicindezelwe, samukelwa ngemfudumalo, nakuba sasigqoke ngendlela ehlukile futhi sinesizinda sohlanga esihlukile.

Kwakuyithina kuphela abantu abamhlophe eHholo LoMbuso. Nakuba ngangingaqapheli ukuthi ngiyababandlulula abamnyama, ekuqaleni ngangingakhululekile ukuba lapho. Nokho, isigijimi seqiniso leBhayibheli sasishukumisa kakhulu, ngangingeke ngivumele ukungakhululeki kungiyekise. Saqala ukuba khona njalo emihlanganweni. Okwakuyinselele nakakhulu kimi ukuthi babengekho abantu abayizithulu kulelo bandla. Ngakho lapho sizwa ngelinye ibandla elalinezithulu, saqala ukuya kulo. Nalapha kuleli bandla elisha, kwakuyithina kuphela abamhlophe. Kodwa basenza sazizwa sikhululekile.

Samukela isifundo seBhayibheli. Ekugcineni, ngangithola izimpendulo zemibuzo yami. Ngangingaziqondi zisuka nje izimpendulo ngaso sonke isikhathi, kodwa zazisekelwe emiBhalweni. Ngokucwaninga okwengeziwe nokuzindla, ngagcina sengiwutholile umqondo wamaqiniso eBhayibheli. Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami, ngazizwa ngiseduze noJehova njengoNkulunkulu weqiniso. Ngesikhathi esifanayo, mina noBill saba abangane abakhulu. Ngangazi ukuthi uyangithanda, kodwa ngamangala lapho engicela ukuba ngishade naye. Ngijabule, ngavuma. UBill wabhapathizwa ngokushesha ngemva komshado wethu, futhi ngamlandela ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngo-February 26, 1983.

Ukuthola Ukulondeka Engangikufuna

Ekuqaleni ngangesaba ukuthi ngizoba ngedwa ngoba ibandla lethu lalinabanye abantu abayizithulu ababili kuphela futhi babengakwazi ukukhuluma nomuntu oyisithulu futhi ebe eyimpumputhe. Ngangizwa ukuthi ibandla lethu linothando futhi lifudumele, kodwa ekuqaleni ngangingakwazi ukukhulumisana nabanye ngokuqondile. Lokhu kwangidumaza. Ngokuvamile ngangidangala futhi ngizizwe nginesizungu. Nokho, isenzo somusa sikadadewethu noma umfowethu ongokomoya sasingithinta inhliziyo futhi singenze ngizizwe ngijabule. UBill naye wangikhuthaza ukuba ngiphikelele enkonzweni yami futhi ngithandaze kuJehova ukuba alethe izithulu ezengeziwe ukuba zizohlanganyela naleli bandla.

Nganquma ukuthola inja ezongiqondisa ukuze ngizimele. Inja yayingisiza nokuba ngiqede umzwangedwa. Lapho uBill esemsebenzini, ngangihamba ngiye eHholo LoMbuso ukuze ngihlangane neqembu elalihlangana ukuze liye enkonzweni yobuKristu. Kule minyaka edlule ngiye ngaba nezinja eziqondisayo ezine, futhi ngayinye iye yaba njengelungu lomkhaya.

Nakuba inja eqondisayo yayiwusizo, ngangilangazelela kakhulu ubudlelwane nabantu. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wabusisa imizamo yethu yokuhlakulela isithakazelo esifundweni seBhayibheli kubantu abayizithulu. Isithakazelo sakhula kwaze kwaba seqophelweni lokuba kumiswe ibandla labakhuluma ngezandla eWashington, D.C. Ekugcineni ngase ngikwazi ukukhulumisana nelungu ngalinye lebandla!

UBill wafanelekela ukukhonza njengomdala futhi wamiswa njengombonisi owengamele ebandleni labakhuluma ngezandla. Ngathola injabulo enkulu ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli nabanye abayizithulu kanye nezithulu eziyizimpumputhe, abaningi babo manje abakhonza uJehova ngokwethembeka. Ngafundisa nodade abezwayo ulimi lwezandla ukuze baphumelele kakhudlwana ensimini yezithulu.

Isikhathi Sovivinyo

Ngo-1992 ngacindezeleka kakhulu ngenxa yokuhlukunyezwa engabhekana nakho lapho ngisemusha. Kwadlula iminyaka ngingakwazi kwenza lutho. Ngangizizwa ngilinganiselwe—hhayi ngenxa yokuba yisithulu noma ukuba yimpumputhe—kodwa ngenxa yokuphazamiseka kwemizwelo okukhulu. Izikhathi eziningi ngangingacabangi ukuthi ngingakwazi ukuya emihlanganweni noma ngiphume ngiye ensimini, nganginxusa uJehova ukuba anginike amandla okugcina ubuqotho. Ngenxa yalokho, ngangingaphuthi emihlanganweni futhi ngangiphuma njalo enkonzweni yasensimini ngaleyo minyaka enzima.—Mathewu 6:33.

Ngo-1994 sathuthela eVancouver, eBritish Columbia, eCanada, ukuze siyosiza ekumisweni kwelinye ibandla labakhuluma ngezandla. Kwakungelula ukuthutha. Ngashiya idolobha engase ngilijwayele kanye nabangane abaningi engibathandayo. Ngisho nakuba ngangingakalulami ekucindezelekeni nasekukhathazekeni, injabulo yokubona ukumiswa kwebandla elisha eVancouver yenza konke ukuzidela kwawufanela umzamo. Ngákha abangane engibathandayo ebandleni elisha, kangangokuthi ngizizwa ngisekhaya manje.

Ukubusiswa UBaba Wethu Onothando

Ngo-1999 mina nomyeni wami nabanye oFakazi ababili savakashela eHaiti amasonto ayisithupha ukuze siyosiza ensimini yezithulu. Sisebenzisana nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lapho, safundisa amalungu ebandla ulimi lwezandla futhi sashumayela nawo ensimini yezithulu eyayingakaze isetshenzwe. Emasontweni ambalwa, kwaqalwa izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-30 nabathakazelayo abayizithulu! Ngabuyela ekhaya nginentshiseko engokomoya evuselelwe futhi ngaqala inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona ngo-September 1999. Ngosizo lukaJehova, umyeni wami othandekayo kanye nebandla elingisekelayo, ukucindezeleka okuba khona ngezikhathi ezithile akuzange kungiphuce injabulo.

Phakathi neminyaka, ngiye ngezwa ukuthi uJehova unothando olunesisa kangakanani. (Jakobe 5:11) Unakekela bonke abantu bakhe—kodwa ikakhulukazi labo abanezidingo ezikhethekile. Ngenhlangano yakhe, ngiye ngakwazi ukuthola i-New World Translation of the Holy Scriptures kanye nezinye izinsiza-kufundisa zeBhayibheli eziningi nge-Braille. Ngiyayijabulela imihlangano emikhulu nemincane ngolimi lwezandla. Ibandla lingisekela ngothando ngokwenza izimpawu ngokungithinta izandla, ukuze ngihlanganyele ngokugcwele kuyo yonke imihlangano. Nakuba ngikhubazeke ngezindlela ezimbili, ngiye ngathola ukulondeka kubantu bakaJehova. Akukhona nje kuphela ukuthi ngiyamukela, kodwa nami ngiyapha, okunginika injabulo enkulu.—IzEnzo 20:35.

Ngibheke phambili ekuvulekeni kwamehlo nezindlebe zami ezweni elisha likaJehova. Okwamanje, angiyena omunye wabantu abanesizungu kunabo bonke emhlabeni, kodwa nginomkhaya womhlaba wonke wezigidi zabafowethu nodadewethu abangokomoya. Konke lokhu kungenxa kaJehova, othembisile ukuthi akasoze angishiya noma angilahla nganoma iyiphi indlela. Yebo, naphezu kwazo zonke lezi zinselele, ngingasho ngithi: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.”—Heberu 13:5, 6.

[Isithombe ekhasini 23]

Ukwenza izimpawu ngokuthintwa isandla

[Isithombe ekhasini 23]

Nginomyeni wami uBill, namuhla

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela