Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 3/22 k. 32
  • Izigidi Ziyaya—Wena?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izigidi Ziyaya—Wena?
  • I-Phaphama!—2001
I-Phaphama!—2001
g01 3/22 k. 32

Izigidi Ziyaya—Wena?

Ziyaphi? Emkhosini waminyaka yonke wokugubha ukufa kukaJesu Kristu. Ngonyaka ka-2000, babengu-14 872 086 ababa khona emhlabeni wonke.

Kungani abantu beya? Ngenxa yalokho ukufa kukaKristu okukushoyo ngesintu. Kusho ukukhululwa maduzane ekuguleni, ekuhluphekeni nasekufeni. Ngisho nabafileyo abathandekayo bayovuselwa ekuphileni emhlabeni oyipharadesi.

Ukufa kukaJesu kungaziletha kanjani izibusiso ezinjalo? Uyamenywa ukuba uzozizwela. OFakazi BakaJehova bangajabula ukuba uhlanganyele nabo kulesi senzakalo esibalulekile.

Yiba khona eHholo LoMbuso eliseduze nalapho uhlala khona. Kulo nyaka lo mkhosi uyoba ngeSonto, ngo-April 8, ngemva kokushona kwelanga. Thintana noFakazi bendawo ukuze uthole isikhathi esinembile.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela