Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 3/22 k. 31
  • Umthambo Wegazi I-aorta—Isimangaliso Somklamo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umthambo Wegazi I-aorta—Isimangaliso Somklamo
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2001
  • Impumelelo Ekuhlinzeni Ngaphandle Kwegazi
    I-Phaphama!—2000
  • Izimangaliso Zesimiso Sokujikeleza Kwegazi
    I-Phaphama!—2001
  • Ubufakazi Obunganakekile Bokunemba Kweziprofetho ZeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 3/22 k. 31

Umthambo Wegazi I-aorta—Isimangaliso Somklamo

I-aorta “iyipayipi” eliyinkimbinkimbi kunalokho ososayensi ababekuqonda ngaphambili. Uma uqala ukuyibona, igobela le-aorta ungathi isibambo esigobekile sesambulela. Kodwa lokho akunembile. Igobela le-aorta alinalo nje kuphela ijika eliyisicaba, kodwa liyajikeleza, njengocezu lwendilinga esikwe esipilingini. Uma idwetshwe phansi, iyajikeleza bese ikhuphuka.

Kungani iklanywe ngale ndlela? Ngoba esikhundleni sokuba imane yenze igazi ligeleze lijike njengamanzi lapho kujika khona umfula, yenza igazi lishwileke kuyi-aorta. Ejikeni lo mfula, amanzi ageleza kancane, bese kwakheka inzika. Kodwa ngemva kwejika, amanzi ageleza ngokushesha, aze agudle ngisho nosebe. Kuyi-aorta, ukushintsha okunjalo kwesivinini bekungabangela umonakalo oyingozi ejikeni elingaphakathi elinegazi elihamba kancane. Kodwa ngokwenza igazi ligeleze ngendlela ezungelezayo yesipilingi, i-aorta inciphisa le nkinga ngokwenza igazi likhuhle udonga lwayo ngokulinganayo.

Ngempela, i-aorta iyisimangaliso somklamo! Yisizathu esihle esenza umhubi weBhayibheli ababaze: “Ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.”—IHubo 139:14.

[Umdwebo ekhasini 31]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

I-AORTA

[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]

Blood cell background on pages 24-6, and 31: Lennart Nilsson

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela