Yidla Imifino!
Ngumlobeli we-Phaphama! eBrazil
“Iyababa.” “Ayinambitheki.” “Angikaze ngiyidle.”
LEZI yizizathu ezimbalwa nje ezenza abaningi bangafuni ukudla imifino. Kuthiwani ngawe? Ingabe udla imifino nsuku zonke? I-Phaphama! yaxoxa nabantu abathile ukuze ithole ukuthi kungani abanye bethanda imifino kuyilapho abanye bengayithandi.
Labo abadla imifino bathi abazali babo babafundisa ukubaluleka kokudla imifino nezithelo. Ngokuphambene nalokho, abaningi abangayithandi imifino babengajwayele ukuyidla beseyizingane. Kunalokho, babethanda ukudla okungenamsoco. Nokho, ngisho nabo laba bávuma ukuthi imifino ibalulekile ekulondolozeni impilo enhle.
Bazali, fundisani izingane zenu ukudla imifino! Kanjani? I-Facts for Life, enyatheliswa i-United Nations Children’s Fund, isikisela ukuthi okungenani kanye ngosuku ngemva kokuncela, abantwana abanezinyanga ezingaba yisithupha kufanele banikezwe imifino ebilisiwe, yacwecwa yase ibondwa. Uma umntwana edla ukudla okunhlobonhlobo, uyoba umqemane. UDkt. Vagner Lapate, uchwepheshe wezempilo yabantwana eBrazil, uthi nakuba ubisi luwukudla okuyinhloko eminyakeni yokuqala emibili, ukupha umntwana okunye ukudla “kumkhuthaza ukuba ajwayele ukudla okusha.”
Encwadini ethi Medicina—Mitos y Verdades (Ukwelapha—Izinganekwane Namaqiniso), uCarla Leonel usikisela ukuthi ingcosana yejusi yewolintshi, izithelo ezicubuziwe (njengobhanana, ama-apula nopopo), okusanhlamvu nesobho lemifino kungase kunezelwe ekudleni komntwana ngaphambi kwesikhathi esishiwo ngenhla. Kodwa-ke, njengoba imibono ihlukahluka kule ndaba, kungaba ukuhlakanipha ukuthintana nodokotela wabantwana.