Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 23. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Lapho ama-Israyeli enqotshwa e-Ayi ngenxa yokweqa iziyalezo zikaNkulunkulu endabeni yeJeriko futhi engekho ovuma icala, wadalulwa kanjani umuntu onecala? (Joshuwa 7:14-21)
2. Kungani uJehova abulala indodana kaJuda, u-Onani? (Genesise 38:7-10)
3. Ubani owacabanga ukuthi uHana olungileyo wayedakiwe futhi wamkhuza? (1 Samuweli 1:13, 14)
4. Kungani uJesu athi ababhali ‘babeyokwamukela isahlulelo esinzima ngokwengeziwe’? (Luka 20:46, 47)
5. Ubani owabhala izincwadi ezimbili zeziKronike? (Nehemiya 12:26)
6. Yini esetshenziswa njengomfuziselo eBhayibhelini ukuze imelele ikhono lamandla? (Jeremiya 32:17)
7. Yiliphi igama elisetshenziswa eBhayibhelini elichaza ubukhulu bendawo eyayingase ilinywe yizinkabi eziboshelwe ngosuku? (1 Samuweli 14:14)
8. INegebi ikuphi? (Eksodusi 26:18, qhathanisa ne-NW.)
9. AbaseGibithe, abaseTopiya namaKhanani bayinzalo yayiphi indodana kaNowa? (Genesise 10:6)
10. Ithempeli likaSolomoni laqedwa ngayiphi inyanga? (1 AmaKhosi 6:38)
11. Yisiphi isitshalo esaba nendima ebalulekile ekunqobeni kukaDavide amaFilisti esigodini samaRefa? (2 Samuweli 5:24)
12. Kungayiphi enye indlela umgibeli wehhashi lesine wesAmbulo avuna ngayo izisulu zakhe? (IsAmbulo 6:8)
13. Kungani amaNefili ayebizwa ngokuthi ‘amadoda anegama lodumo’? (Genesise 6:4)
14. Ngokomyalo kaJehova, yini eyenziwa ukuze izizukulwane zesikhathi esizayo zibone imana elalidliwa ama-Israyeli ehlane? (Eksodusi 16:32, 33)
15. Yini uThimothewu ayazi ‘kusukela ewusana’ eyayizomenza ‘ahlakaniphele insindiso’? (2 Thimothewu 3:15)
16. Obani abalanda isidumbu sikaSawule nezamadodana akhe odongeni lwaseBeti-Shani, lapho zazilengiswe khona amaFilisti, futhi bazingcwaba ngendlela ehloniphekile? (1 Samuweli 31:11-13)
17. UJesu wababiza bekuphi oPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane ukuba babe abalandeli bakhe? (Mathewu 4:18-22)
18. UMenahemu, inkosi yakwa-Israyeli, wakhokha intela kuyiphi inkosi yase-Asiriya ukuze ingamkhathazi u-Israyeli? (2 AmaKhosi 15:19)
Izimpendulo Zemibuzo
1. UJehova wavivinya wonke u-Israyeli, waqala ngokukhetha isizwe, kwase kuba umndeni, kwaba umkhaya, kwase kuba yindoda u-Akhani
2. Ngenxa yokungalaleli uyise nangokwenza ngokuhaha, u-Onani wenqaba ukuzalela umfowabo, u-Eri, indlalifa
3. Umprofethi ophakeme u-Eli
4. Ngoba babefuna ukuvelela, ‘babeshwabadela izindlu zabafelokazi’ ngokuhaha, futhi babezenza abangcwele ngemithandazo yabo emide
5. U-Ezra
6. Ingalo
7. “I-eka”
8. Iseningizimu
9. UHamu
10. UBuli
11. Amajikijolo
12. ‘Ngesifo esibulalayo’
13. Lokhu akubhekiseli ekubeni nodumo kuNkulunkulu, kodwa ekutheni ayebangela ukwesaba njengeziqhwaga nabacindezeli
14. Kwagcwaliswa isitsha ngeyomere lemana sase sibekwa “phambi kukaJehova”
15. “Imibhalo engcwele”
16. Amadoda anesibindi aseJabeshi Gileyadi
17. Olwandle LwaseGalile
18. UPhuli (uTiglath-pileser III)