Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 9/22 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IParis Engenayo Imidwebo Ezindongeni?
  • Abondleké Kakhulu Manje Sebeyalingana Nabangondlekile
  • AmaMelika Afuye Izilwane Eziningi Kakhulu
  • INkantolo Ephakeme YaseJapane Ithetha OFakazi
  • Ukulondoloza Izinhlobo Zezinto Eziphilayo Emhlabeni
  • Ukwanda Kokuntuleka Kwabefundisi
  • Kudingeka Ukuqapha Lapho Uxubha Amazinyo
  • UMbhoshongo WasePisa Omi Lutsheku Uyaqondiswa
  • Ezinye Izinzuzo Zokuncelisa
  • Ingabe Udinga Amazinyo Okufakelwa?
    I-Phaphama!—1993
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Uququda Amazinyo?
    I-Phaphama!—1998
  • Kungani Kufanele Uye Kudokotela Wamazinyo?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 9/22 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

IParis Engenayo Imidwebo Ezindongeni?

“Leli qembu lihlaba umxhwele,” kusho iphephandaba laseFrance i-Figaro. Kukhona “amaveni ahlomile angu-17, amabhasi amancane angu-7 alwa nemidwebo, idlanzana lezithuthuthu kanye nezisebenzi ezingaba ngu-130 ezisekelwa yizinhloli ezingu-16 ezisebenza ukuthola imidwebo.” Umgomo waleli qembu laseParis elisha elilwa nemidwebo ukuba kuthi kuphela unyaka libe selisuse amaphesenti angu-90 emidwebo yaseParis esezindongeni nasezembozweni zamafasitela—elinganiselwa “kumamitha-skwele angu-200 000 ezakhiweni zikamasipala nezomphakathi namamitha-skwele angu-240 000 ezindongeni zemizi yezakhamuzi.” Uma leli dolobha lifinyelela imigomo yalo, izosuswa yonke imidwebo ngo-February 2001 ngaphandle kwengamamitha-skwele angu-24 000 esezindongeni zemizi yezakhamuzi, futhi “noma yimiphi eminye imidwebo emisha kufanele ibe ingasekho ezinsukwini ezingu-12 ibonakele.” Sekukonke, umsebenzi wokuhlanza kulindeleke ukuba ubize ama-franc aseFrance ayizigidi ezingu-480 (izigidi zamaRandi ezingu-506).

Abondleké Kakhulu Manje Sebeyalingana Nabangondlekile

I-New York Times, iphawula ngokuhlola okwenziwa i-Worldwatch Institute, ithi: “Inani labantu abakhuluphele emhlabeni manje selilingana nelalabo abalambayo, abangondlekile.” Abantu abangondlekile futhi abalambayo bangaba yizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,2, kanti abantu abayinani elilingana nalelo noma ngaphezulu badla kakhulu. Emhlabeni wonke abantu abangondlekile baningi kunanoma yinini ngaphambili, futhi inani lalabo abangondlekile nelalabo abadla ngokweqile liyakhula kuyo yonke imiphakathi. “Siye sakha indlela yokuphila lapho izinga lomsebenzi odinga amandla liye lancipha kangangokuthi ama-kilojoule esiwadlayo awedlula kakhulu lawo esiwasebenzisayo, futhi lawo asalayo aphenduka amafutha,” kusho uLester R. Brown, umongameli we-Worldwatch, ekhuluma ngenani elandayo labantu abakhuluphele. “Ngonyaka odlule e-[United States] kwakunezinqubo zokuhlinza kukhishwe amafutha ezingu-400 000. Kubonisa ukuthi izinto seziphume kangakanani endleleni.”

AmaMelika Afuye Izilwane Eziningi Kakhulu

Phakathi kwezilwane eziyizigidi ezingu-500 ezifuywe emhlabeni wonke, cishe ezingamaphesenti angu-40 zise-United States. I-National Geographic ibika ukuthi: “Cishe amaphesenti angu-60 emizi kuleli zwe anesilwane esisodwa phakathi kwamakati ayizigidi ezingu-70, izinja eziyizigidi ezingu-56, izinyoni eziyizigidi ezingu-40, izinhlanzi eziyizigidi eziyikhulu, ama-hamster ayizigidi ezingu-13 nezinye izilwane ezincelisayo ezincane kanye nezilwane ezihuquzelayo eziyizigidi ezingu-8.” IBrithani ingeyesibili ekufuyeni izilwane—ikakhulu amakati nezinja. Lo magazini uthi: “Kodwa eFrance kugcwele izinhlanzi ezifuyiwe eziyizigidi ezingu-21, eziningi ngaphezu kwamakati nezinja kuhlangene.”

INkantolo Ephakeme YaseJapane Ithetha OFakazi

INkantolo Ephakeme yaseJapane imemezelé ukuthi “odokotela abahlinzayo bephula ilungelo lowesifazane lokuzinqumela lapho bemmpompela igazi ngesikhathi ehlinzwa, bephula isithembiso sabo sokuthi ngeke benze kanjalo ngisho noma kusho ukuthi uzofa,” kusho iphephandaba i-Daily Yomiuri. “Kwakuqala ngqá ukuba iNkantolo Ephakeme imemezele ukuthi ilungelo lesiguli lokwenza isinqumo mayelana nendlela esifuna ukwelashwa ngayo liyilungelo lobuntu.” UMisae Takeda, ongomunye woFakazi BakaJehova, wampontshelwa igazi ngo-1992, engakaphaphami ngemva kokuhlinzwa ekhishwa isimila esibi esibindini. Amajaji amane eNkantolo Ephakeme avumelana ngokuthi odokotela babenephutha ngoba babengachazanga ukuthi bangase bammpompele igazi uma bebona kudingekile phakathi nokuhlinzwa, ngaleyo ndlela bamncisha ilungelo lokunquma ukuthi avume yini ukuhlinzwa noma cha. Isinqumo esakhishwa ngo-February 29, 2000, sathi: “Uma isiguli senqaba ukumpontshelwa igazi ngenxa yezinkolelo zaso ezingokwenkolo, isifiso esinjalo kufanele sihlonishwe.” Izihlobo zaziqhubekile necala ngemva kokufa kukaMisae ngo-1997.—Ukuze uthole imininingwane yalolu daba, siza ubheke INqabayokulinda ka-December 15, 1998, amakhasi 26-9.

Ukulondoloza Izinhlobo Zezinto Eziphilayo Emhlabeni

“Ukusindisa ingxenye enkulu yezinhlobo zezinto eziphilayo emhlabeni ukuze zingaqothulwa akunzima kangako,” kusho iphephandaba laseNew York City i-Daily News. “Ososayensi abahlola ukuncipha kwamahlane oMhlaba baye bafinyelela isiphetho esethusayo: “Cishe ingxenye engaphezu kweyesithathu yezitshalo nezilwane emhlabeni itholakala kuphela endaweni eyizwe engu-1,4% emhlabeni.” Abacwaningi basikisela ukuthi imizamo igxiliswe ekulondolozeni izindawo ezingu-25 ezinezinhlobo eziningi zezinto eziphilayo ezindaweni ezinjengeBrazil, iMadagascar, iBorneo, iSumatra amazwe ase-Andes ashisayo naseCaribbean. Eziningi zingamahlathi emvula. URussell Mittermeier, umongameli we-Conservation International uthi: “Ngama-dollar [amaRandi] ayizigidi ezingamakhulu ambalwa ngonyaka, agxiliswe kulezi zindawo ezisesimweni esiphuthumayo, singafeza lukhulu ekuqinisekiseni ukulondolozwa kwazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo eMhlabeni.” Nakuba amaphesenti angu-38 alezi zindawo esevikelwe ngokomthetho kakade, kumane kuwukusho nje, ngoba izimayini, amadlelo okuklaba nokugawulwa kwemithi kusaqhubeka.

Ukwanda Kokuntuleka Kwabefundisi

I-New York Times ithi “ukuntuleka kwabefundisi” kuye kwanda kusuka ezindaweni zasemaphandleni e-United States kwadlulela emadolobheni amakhulu. Sicaphuna isibonelo sesinagoge eselineminyaka engu-110 likhona, eliye lazama ukubiza abefundisi iminyaka engaphezu kwemithathu kodwa lehluleka, lesi sihloko sithi: “Usizi lwaleli thempeli aluyona into engavamile. Akuwona nje kuphela amasinagoge akuthola kuya kuba nzima ukuqasha abefundisi, kunjalo nangamasonto amaRoma Katolika namaProthestani.” Abapristi baye bancipha ngamaphesenti angu-12 kusukela ngo-1992 kuya ku-1997. Umkhulumeli weSonto Likamoya uthi isimo sabo sibucayi, ngoba sekusele abefundisi abangaphansi kuka-300 kwabangu-15 000 abazalwa ngemva kuka-1964. Amabandla angamaphesenti angaphezu kwangu-22 obuJuda Bezinguquko awanaye umfundisi. Eminyakeni emihlanu kuphela edlule, kwakunabefundisi abaningi ukudlula amasinagoge. Abanye abefundisi bathi lokhu kuncipha kubangelwa “umnotho oqinile” owenza abantu “bakhangwe imikhakha enemali kakhulu.” Abanye bathi kungenxa yokuthi ubufundisi “abusakhangi.” UMfundisi uSheldon Zimmerman, umongameli weHebrew Union College, uyaxwayisa: “Ngaphandle kokuba sandise inani lalabo abakhetha ukufundela ubufundisi, ekugcineni lokhu kuzoba inhlekelele ezinkolweni ezihleliwe.”

Kudingeka Ukuqapha Lapho Uxubha Amazinyo

I-Wall Street Journal ithi: “Kungenzeka uwaxubhe ngokweqile amazinyo akho. Le nkinga ivame ukubizwa ngokuthi ‘ukuhuzula kwesixubho,’ futhi ingaholela emazinyweni alimala kalula, izinsini ezishona phakathi nokudleka komthambo wezinyo.” Kulinganiselwa ukuthi abantu base-United States abangamaphesenti ayishumi kuya kwangu-20 “baye balimaza amazinyo abo noma izinsini ngenxa yokuxubha ngokweqile.” Abantu abaxubha ngamandla nalabo abasebenzisa izixubho eziqinile basengozini kakhulu. Udokotela wamazinyo uMilan SeGall uthi: “Bagcina sebezilimazile esikhundleni sokuzisiza ngenxa yokufuna ukuhlanzisisa.” Abanye abantu bathambekele kule nkinga ngenxa yofuzo ngoba bazalwa benamathambo amancane azungeze amazinyo abo. Abanye abantu abasengozini abantu abaye baqondisa noma bagudluza amazinyo abo ngezinsimbi zokuwabamba nalabo abaququda amazinyo noma bawahlanganise ngamandla. Ukuze uvimbele umonakalo, ochwepheshe batusa okulandelayo: Sebenzisa isixubho esithambile. Qala ngokuxubha amazinyo angemuva, ngoba uma usaqala ngisho nezixubho ezithambile zisuke zisaqinile futhi umuthi wokuxubha uyahuzula. Sibambe kahle isixubho ngeminwe emibalwa kunokusibamba ngesandla sonke. Sibeke sithi ukutsheka phezu kwezinsini, bese uxubha wenze iziyingi kunokuxubha uye emuva naphambili.

UMbhoshongo WasePisa Omi Lutsheku Uyaqondiswa

Umlobeli we-Associated Press uphawula ukuthi umsebenzi wokuqondisa uMbhoshongo WasePisa Omi Lutsheku uye waphumela ekuwuthuthukiseni ngamasentimitha amahlanu ezinyangeni ezintathu zokuqala zonyaka. Onjiniyela bakholelwa ukuthi ngo-June 2001 uyobe usuqine ngokwanele ukuba uphinde uvulelwe umphakathi. Izivakashi zokugcina ezagibela kulo mbhoshongo wangekhulu le-12 zagcina eminyakeni engaphezu kweyishumi edlule, lapho kwathiwa ukuketuka kwawo kuyingozi futhi kwaqalwa imizamo yokuwuqondisa. Lo msebenzi manje usuya ngasemaphethelweni, futhi kubikezelwa ukuthi uma usuphothuliwe, lo mbhoshongo uzothi ukubuya ngamasentimitha angu-50. Ngaphambi kokuba uphinde uvulwe, kuzokhishwa amathani angu-800 ezisekelo zomthofu ezazifakwe phansi embhoshongweni ngesikhathi uqondiswa neziyingi eziyishumi zensimbi ezaziwuzungezile ukuze ziwuqinise.

Ezinye Izinzuzo Zokuncelisa

Umagazini i-Parents uthi: “Ngaphandle kokuvikela usana lwakho esifweni sohudo, sezindlebe nasezintweni umzimba ongezwani nazo, ubisi lwebele lungase luvimbele nomdlavuza.” Ucwaningo lweSikhungo Somdlavuza Sase-University of Minnesota lwathola ukuthi izingane ezincele ibele zinamathuba amancane okuba nomdlavuza wegazi—uhlobo olwandé kakhulu lomdlavuza wezingane—kunezingane ezincele ibhodlela. Lezo ezanceliswa okungenani inyanga, amathuba engozi ancipha ngamaphesenti angu-21, kwathi kwezazinceliswe izinyanga eziyisithupha noma ngaphezulu ancipha ngamaphesenti angu-30.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela