Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 5/22 kk. 16-18
  • Iwashi LasePrague Eliyinqaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iwashi LasePrague Eliyinqaba
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlolisisa Iwashi
  • Umlando Wewashi Lomkhathi
  • Ekugcineni Iqhude Liyakhala
  • Woza Uzobona Futhi Uzwe “INkosi Yamawashi”
    I-Phaphama!—2010
  • Iwashi Lasendulo
    I-Phaphama!—2011
  • Idolobha Lephepha Eliyingqayizivele
    I-Phaphama!—2012
  • Ingabe Uyasazi Isikhathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 5/22 kk. 16-18

Iwashi LasePrague Eliyinqaba

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECZECH REPUBLIC

Abadayisi basemigwaqweni babanga izivakashi ezidlulayo. Kuqhuma uhleko, kukhulunywa ngezilimi ezihlukahlukene nomculo udlalelwa phezulu. Awuthule! Kungani isixuku sithula? Cishe sekuyihora ezimpondweni, futhi wonke amehlo athe njo emafasiteleni amabili aluhlaza asembhoshongweni wehholo ledolobha. Ngokungazelele, amafasitela ayavuleka, bese kuvela imifanekiso yabantu abafana nabaphostoli bakaKristu. UPetru, ephethe isikhiye esikhulu, uhola udwendwe. Njengoba laba bantu abangu-12 bevela ngokushintshana emafasiteleni, ngababili, kubonakala sengathi bahlola lesi sixuku esingezansi.

SIZIBONELA ngawethu umbukwane wewashi lomkhathi eHholo LeDolobha Elidala lasePrague, eCzech Republic. Njalo uma kushaya ihora ezimpondweni, kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-8 ebusuku, leli washi elimangalisayo liqala ukusebenza. Ngaphandle kombukiso wabaphostoli owenziwa yileli washi, kunezinye izinto ezinyakazayo ezingaphandle kwewashi. Lezi zifanekisela izinto ezazesatshwa kakhulu abantu basePrague. Ngakolunye uhlangothi, kukhona uNgoqo, okala isikhwama sakhe semali, omelela ubugovu. Eduze kwakhe kukhona uMunt’ eziqhenya—indoda ezibuka ngokuziqhenya esibukweni. Bobabili uNgoqo noMunt’ eziqhenya banqekuzisa amakhanda ngokuzazisa. Ngakolunye uhlangothi lwewashi kukhona uhlaka lwamathambo—uKufa—olushaya insimbi ngesandla esisodwa esingamathambo bese luphendula ingilazi enesihlabathi elinganisa ihora ngesinye isandla. Lwenza lokhu nje, lolu hlaka lwamathambo luyakhamisa bese lunqekuzisela ikhanda ngakumuntu waseTurkey—omelela ukuhlaselwa—omi eduze kwalo. Umuntu waseTurkey unikina ikhanda enqaba ukuhamba nalo.

Kuthiwa kukhona umzwilili owandizela emlonyeni wohlaka lwamathambo lapho seluvaleka okokugcina embukisweni. Lo mzwilili owaba neshwa wavaleleka lapho ihora lonke ngaphambi kokuba lolu hlaka lwamathambo luphinde luvule umlomo walo! Uma abantu benkathi yanamuhla egcwele ama-computer bethakazeliswa yilesi simangaliso esenziwa umshini, ungacabanga ukuthi abantu ababephila emakhulwini eminyaka adlule sasibathakazelisa kanjani?

Ukuhlolisisa Iwashi

Ngokuvamile izivakashi zigxila kubantu abanyakazayo, abanezelwa phakathi namakhulu eminyaka ngemva kokumiswa kwaleli washi. Kodwa into endala kunazo zonke newukuhlakanipha kakhulu yaleli washi iwashi lomkhathi. Lingasitshelani? Okokuqala, isikhathi. Indandatho engaphandle emnyama iphawulwe ngezinombolo zegolide zesiGoth ngokwesimiso esidala saseCzech sokuhlukanisa usuku ngamahora angu-24 aqala ekushoneni kwelanga. Le ndandatho ijikeleza ngendlela yokuthi ihora lika-24 lihlale liqondana nokushona kwelanga, kungakhathaliseki ukuthi iyiphi inkathi yonyaka. Izinombolo zamaRoma ezingaphakathi kwendandatho engaphandle zihlukanisa usuku ngezikhathi ezimbili zamahora angu-12, imini iphezulu bese iphakathi kwamabili liba sezansi. Iminwe yesandla segolide ibonisa isikhathi sosuku.

Kanti futhi ewashini lomkhathi, ukuhamba kwendilinga yegolide enkulu eyisicaba kubonisa umzila wokuhamba kwelanga, kuyilapho indilinga encane ibonisa izimo ezihlukahlukene zenyanga. Ukujikeleza okubonakalayo kwesibhakabhaka esigcwele izinkanyezi emhlabeni kuboniswa yindandatho encane engeyona indilinga, ephawulwe izimpawu zamaqoqo ezinkanyezi. Phakathi nendawo ewashini kukhona umhlaba, kuhlanganise nemidwa ezungeza umhlaba, imidwa ehambisana nenkabazwe nezindawo ezibandayo, bese kuba khona iPrague phakathi nendawo. Ebusweni kukhona neziyingi ezintathu ezimelela inkabazwe, i-Tropic of Cancer ne-Tropic of Capricorn. Ngakho-ke iwashi libonisa ukuthi umhlaba, inyanga, ilanga nezinkanyezi kukuphi unyaka wonke. Ngezansi kwewashi lomkhathi kukhona ikhalenda eyindilinga, okudwetshwe kuyo izimo zezwe ezibonisa inyanga ngayinye yonyaka. Ikhalenda eyindilinga ibonisa usuku ngokuqhuba esisodwa sezinyathelo ezingu-365 ubusuku ngabunye phakathi kwamabili, ngaphandle kobusuku obubodwa kuphela uma kuwunyaka onezinsuku ezingu-366.

Ukubuka ngaphakathi indlela leli washi elisebenza ngayo, kwembula uxhaxha oludida ingqondo lwamasondo amakhulu namancane. Le nqubo eyinkimbinkimbi inakekelwa ngumakhenikha, olihlola ngokucophelela masonto onke.

Umlando Wewashi Lomkhathi

Kunezinganekwane eziningi ezihambisana newashi lomkhathi lasePrague. Enye ithi lakhiwa iNgcweti uHanuš. Lo msebenzi wobungcweti wawuvelele kangangokuthi izikhulu zedolobha zesaba ukuthi uzokwakha amawashi afanayo kwenye indawo, ngaleyo ndlela aphuce iPrague udumo. Ukuze zimnqande ekwenzeni kanjalo, zaqasha amadoda ayihlasela futhi ayenza impumputhe iNgcweti uHanuš. Le nganekwane iphela ngokufa kukaHanuš efinyelela emasondweni ewashi futhi eliphihliza.

Ngokujabulisayo, lokhu kumane nje kuyinsumansumane. Kodwa uHanuš kwakungumuntu ongokoqobo, umenzi wamawashi ePrague kusukela ngo-1475 kuya ku-1497. Iminyaka eminingi ochwepheshe babekholelwa ukuthi nguye owenza iwashi lomkhathi. Nokho, ucwaningo lwakamuva lubonisa ukuthi uMikuláš waseKadaň nguye owenza leli washi emuva ngawo-1410. UHanuš walivuselela ngo-1490. Kusukela ngekhulu le-16 lo mshini ogcina isikhathi uye walungiswa futhi wavuselelwa izikhathi eziningi. Nokho, kusukela wavuselelwa ngo-1865, eziningi zezici zawo ziye zahlala zinjalo.

Ekupheleni kweMpi Yezwe II, amabutho amaNazi alithungela ngomlilo iHholo LeDolobha Elidala lapho ephuma ePrague. Iwashi lomkhathi lacekeleka phansi. Ngemva kwempi kwacatshangelwa izicelo ezimbili eziyinhloko zokuvuselela leli washi—ukulibuyisela endleleni elalibukeka ngayo kuqala noma ukulifakela imiklamo emisha nemifanekiso eyayizofanekisela okuthile okuhluke ngokuphelele. Inkolelo yokuthi uNkulunkulu akekho yayidlangile ePrague, futhi izikhulu zamaKhomanisi zazingayithandi imifanekiso yabaphostoli. Nokho, ngaphambi kokuba kushintshwe umklamo walo, izingcweti ezintathu ezingabenzi bamawashi zabonisa ukuthi iwashi lingalungiseka, ngakho-ke labuyiselwa ekubukekeni kwalo kwangaphambi kwempi. Ngakho-ke, namuhla, sisabona ungoqo, uhlaka lwamathambo, umuntu waseTurkey, nabaphostoli, kunokuba mhlawumbe sibone umbazi, umakhi, umthungi noma umhlanzi wezingubo.

Ekugcineni Iqhude Liyakhala

Abaphostoli abangu-12 bashaya udwendwe kuleli washi lomkhathi, kodwa ezinye izici azisekelwe ngempela eBhayibhelini. UJuda Iskariyothe, noJakobe indodana ka-Alfewu bathathelwe indawo uPawulu noBarnaba, abangabaliwe phakathi kwabangu-12 eBhayibhelini. (IzEnzo 1:12-26) Ikhanda ngalinye lomphostoli lizungezwe umqhele—uphawu lobuqaba amaKristu ekhulu lokuqala ayengalusebenzisi.

Ngemva kokuvela komphostoli wokugcina, iqhude elembozwe ngolwelwesi lwegolide eliqhwakele phezu kwamafasitela liyakhala. Insimbi yehora iyakhala, amafasitela ayavaleka, bese isixuku siqala ukuhlakazeka. Ungathanda ukuphinde ukubone konke futhi? Kusho ukuthi-ke kuzodingeka silinde elinye ihora. Okwamanje, singabe sibuka ubuso baleli washi, osekuyiminyaka ebalelwa kwengu-600 liheha izivakashi eHholo LeDolobha Elidala lasePrague.

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 17]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IWASHI LOMKHATHI

Isikhathi manje ngu-12:57 ntambama

Ilanga lishona ngo-5:21 ntambama

[[Umdwebo/Isithombe ekhasini 18]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IKHALENDA EYINDILINGA

Usuku olubonisiwe ngu-January 1

[Isithombe ekhasini 16]

UMunt’ eziqhenya noNgoqo

[Isithombe ekhasini 17]

UKufa nomuntu waseTurkey

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela