Indlela Umkhaya Wethu Owaphinde Wahlangana Ngayo
Njengoba ilandiswa nguLars noJudith Westergaard
UMUZI wabo ubonakala uvamile njengowanoma yimuphi umkhaya ojabule waseDenmark. Ufudumele futhi unengadi enhle, emaphandleni anokuthula. Ngaphakathi, kunesithombe esikhulu odongeni sezingane zalo mkhaya ezinempilo futhi ezimamathekayo.
Ubaba wekhaya, uLars, ungumdala ebandleni loFakazi BakaJehova. Umkakhe, uJudith, uyiphayona (umshumayeli wesikhathi esigcwele). Nakuba bewumbhangqwana ojabulayo, kwakungenjalo ekuqaleni. ULars noJudith babenezinkinga nosizi ezaholela esehlukanisweni nokuhlakazeka komkhaya wabo. Nokho, manje, umkhaya wabo usundawonye futhi. Kungani? Bona ngokwabo bachaza okwenzeka.
ULars noJudith bakhuluma ngokukhululekile ngokuthi yini eyonakala emshadweni wabo nokuthi baphinde bahlangana kanjani. Banomuzwa wokuthi okuhlangenwe nakho kwabo kungase kusize abanye.
Kwaqala Kahle Kakhulu
ULars: Umshado wethu wawuyinjabulo enkulu ekuqaleni, ngo-April 1973. Ikusasa lalibonakala liqhakazile. Sasingalazi iBhayibheli futhi singabazi oFakazi BakaJehova, kodwa sasikholelwa ukuthi sasingenza umhlaba ube indawo engcono kakhulu yokuhlala uma nje wonke umuntu ayengazimisela. Ngakho sahileleka emikhankasweni eminingi yezombangazwe. Injabulo yethu yakhula lapho umkhaya wethu wanda ngabafana abathathu abanempilo nobungqabavu—uMartin, uThomas noJonas.
UJudith: Nganginesikhundla esiphakeme egatsheni lemisebenzi kahulumeni. Ngesikhathi esifanayo, ngangihileleke kwezombangazwe nakwezezinyunyana. Kancane kancane nganikezwa izikhundla zobuholi.
ULars: Mina, ngangisebenzela inyunyana enkulu yezisebenzi, futhi nganyuselwa esikhundleni esiphakeme. Emsebenzini sasithuthuka kakhulu, futhi konke kwakuhamba kahle.
Ukuqhelelana
ULars: Kodwa sasingene shí emisebenzini yethu ehlukahlukene kangangokuba sincane kakhulu isikhathi esasisichitha ndawonye. Sasisebenzela inhlangano yezombangazwe efanayo kodwa emikhakheni ehlukene. Amadodana ethu amathathu ayenakekelwa abanye abantu, ekhaya noma ezinkulisa. Njengoba sobabili sasinake izindaba zethu, ukuphila komkhaya wethu kwaphazamiseka. Uma kwenzeka siba sekhaya sobabili, sasivame ukuxabana. Khona-ke ngaqala ukuphuza uphuzo oludakayo ukuze ngidambise ukukhathazeka.
UJudith: Yiqiniso, sasisathandana futhi sizithanda izingane, kodwa uthando lwethu asizange siluhlakulele ngendlela okwakumelwe senze ngayo; lwalubuna. Ubuhlobo bethu babungasajabulisi, futhi kwaphumela ekulimaleni kwabantwana.
ULars: Ngizama ngokuxhamazela ukulungisa ubudlelwano bomkhaya wethu, nganquma ukuyeka ukusebenza. Ngo-1985 sasuka edolobheni sathuthela emaphandleni lapho sihlala khona manje. Okwesikhashana izinto zaba ngcono, kodwa mina nomkami saqhubeka siphishekela iminako yethu ehlukahlukene. Ekugcineni, ngo-February 1989, umshado wethu weminyaka engu-16 waphela ngesehlukaniso. Umkhaya wethu wawohloka.
UJudith: Kwakubuhlungu kakhulu ukubona umkhaya wethu uhlukana phakathi nokubona ukuhlupheka kwezingane. Sasithukuthelelene kangangokuba asizange sivumelane ngokuba siwanakekele sobabili amadodana ethu, ngakho ngawawina womathathu enkantolo.
ULars: Mina noJudith sasenze imizamo ethile ngokubhuduzela ukuze siwugcine undawonye umkhaya wethu owawuwohloka. Sathandaza ngisho nakuNkulunkulu sicela usizo. Kodwa sasingazi olutheni ngoNkulunkulu.
UJudith: Imithandazo yethu yasishiya sinomuzwa wokuthi uNkulunkulu akasilaleli. Siyabonga ngokuthi kusukela ngaleso sikhathi siye sabona ukuthi uNkulunkulu uyayilalela imithandazo.
ULars: Sasingaqapheli ukuthi kwakudingeka ukuba senze umzamo futhi senze izinguquko. Ngakho isehlukaniso saba isenzakalo esidabukisayo.
Ushintsho Olungalindelekile KuLars
ULars: Ngesikhathi ngisahlala ngedwa, itshe lagaya ngomunye umhlathi. Ngelinye ilanga ngamukela omagazini ababili koFakazi BakaJehova. Ngaphambili ngangibaxosha oFakazi. Kodwa lapho ngibafunda labo magazini, ngabona ukuthi empeleni oFakazi babekholelwa kokubili kuNkulunkulu nakuJesu Kristu. Lokho kwangimangaza kakhulu. Ngangingazi ukuthi bangamaKristu.
Cishe ngesikhathi esifanayo, ngaqala ukuhlala nowesifazane engangihlangane naye. Ngathola ukuthi wayekade engomunye woFakazi BakaJehova. Lapho ngiqala ukubuza imibuzo, wangibonisa eBhayibhelini ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Ngakho elithi “oFakazi BakaJehova” lisho ukuthi “oFakazi BakaNkulunkulu”!
Lona wesifazane wahlela ukuba ngiyokwethamela inkulumo yeningi eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova. Engakubona lapho kwangenza ngaba nesithakazelo. Ngavakashela eHholo LoMbuso lendawo ukuze ngifunde okwengeziwe, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ngokushesha ngabona ukuthi indlela yami yokuphila yayingalungile, ngakho ngamshiya lo mngane wami wesifazane ngayohlala ngedwa edolobheni engakhulela kulo. Ngemva kokunqikaza ngathintana noFakazi BakaJehova futhi ngaqhubeka nokutadisha iBhayibheli.
Noma kunjalo, ngangisenokungabaza. Ingabe oFakazi BakaJehova ngempela bangabantu bakaNkulunkulu? Kuthiwani ngazo zonke izinto engangizifunde ngisemncane? Njengoba ngangikhuliswe esontweni lamaSabatha, ngathintana nomfundisi wamaSabatha. Wavuma ukutadisha nami njalo ngoLwesithathu, kuyilapho oFakazi BakaJehova babetadisha nami njalo ngoMsombuluko. Ngangifuna impendulo ecacile ezintweni ezine kuwo womabili la maqembu: ukubuya kukaKristu, uvuko, imfundiso kaZiqu-zintathu nendlela ibandla okumelwe lihlelwe ngayo. Kwathatha izinyanga ezimbalwa ukuba kuphele konke ukungabaza. Kuzo zozine lezi zinto—nakukho konke okunye—yizinkolelo zoFakazi BakaJehova kuphela ezazisekelwe ngokuphelele eBhayibhelini. Ngenxa yalokho, ngaqala ukuhlanganyela ngenjabulo kuyo yonke imisebenzi yebandla futhi ngokushesha ngazinikezela kuJehova. Ngo-May 1990, ngabhapathizwa.
Kuthiwani NgoJudith?
UJudith: Ngemva kokuchitheka komshado wethu, ngaqala ukuya esontweni futhi. Lapho ngizwa ukuthi uLars wayesengomunye woFakazi BakaJehova, ngathukuthela ngagana unwabu. Indodana yethu encane, uJonas, eyayineminyaka eyishumi ubudala, ngezinye izikhathi yayimvakashela uyise, kodwa ngangimenqabela uLars ukuba aye noJonas emihlanganweni yoFakazi. ULars wangimangalela kuziphathimandla, kodwa zavumelana nami.
Ngase nginenye indoda. Futhi, ngase ngingene shí kwezombangazwe nakuyo yonke imisebenzi yomphakathi. Ngakho ukube othile wakhuluma ngokubuyelana komkhaya wethu ngaleso sikhathi, kwakuyobonakala kungenakwenzeka.
Ngifuna indlela yokuhlasela oFakazi BakaJehova, ngaya kumpristi wesonto lendawo, owavuma zisuka nje ukuthi wayengazi lutho ngoFakazi futhi engenazo izincwadi ezikhuluma ngabo. Akusho nje, ukuthi ngingazihlanganisi nabo. Lokho akuzange kuyishintshe indlela engangibabheka kabi ngayo oFakazi BakaJehova. Kodwa ngaphoqeleka ukuba ngihlangane nabo ngendlela engangingayilindele.
Umfowethu ohlala eSweden wayesengomunye woFakazi BakaJehova, futhi wangimema emshadweni wakhe eHholo LoMbuso! Engakubona lapho kwayishintsha ngokuphelele indlela engangibabheka ngayo oFakazi. Ngamangala ukubona ukuthi babengesona isicefe ngendlela engangicabanga ngayo. Babenomusa futhi benenjabulo, futhi benamahlaya amahle.
Ngesikhathi esifanayo, umyeni wami wangaphambili, uLars, wayeseshintshe ngokuphelele. Wayesekwazi ngokwengeziwe ukuthwala umthwalo wemfanelo, echitha isikhathi nezingane, enomusa futhi eyilawula inkulumo yakhe, futhi wayengasaphuzi ngokweqile njengakuqala. Ubuntu bakhe babukhanga kakhulu! Manje wayeseyindoda engangilokhu ngifuna ukuba abe yiyo. Kwakungikhungathekisa kakhulu ukucabanga ukuthi sabe sesihlukanisile nokuthi mhlawumbe ngelinye ilanga omunye wesifazane wayezoshada naye!
Ngakho ngahlela “ukumhlasela” ngezindlela ezinganakekile. Ngesinye isikhathi lapho uJonas esavakashele uyise, ngahlela ukuhamba nodadewethu ababili siyobona uJonas noLars, senza sengathi labo mamekazi ababili babefuna ithuba lokubona indodana kadadewabo. Sahlangana epaki lokuzijabulisa. Ngesikhathi odadewethu benakekela umfana, mina noLars sathola ibhentshi sahlala phansi.
Okwangimangaza ukuthi lapho nje ngiqala udaba lwekusasa lethu, uLars wakhipha incwadi ekhukhwini. Yayinesihloko esithi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise.a Wanginika le ncwadi futhi wasikisela ukuba ngifunde izahluko ezikhuluma ngendima yomyeni nenkosikazi emkhayeni. Watusa ngokukhethekile ukuba ngifunde imibhalo.
Khona-ke, lapho mina noLars sisukuma ebhentshini, ngangifuna ukumbamba ngesandla, kodwa wenqaba ngomusa. ULars wayengazimisele ukwakha ubuhlobo obusha nami engakawazi umbono wami ngokholo lwakhe olusha. Lokho kwangicasula ngandlela-thile, kodwa ngaqaphela ukuthi umbono wakhe wawunengqondo futhi wawuyongisiza uma kwenzeka eba umyeni wami futhi.
Konke lokhu kwangenza ngaba nesithakazelo esikhulu koFakazi BakaJehova. Ngosuku olulandelayo, ngaxhumana nowesifazane engangazi ukuthi unguFakazi, futhi sahlela ukuba yena nomyeni wakhe banginike ukwaziswa engangikufuna ngenkolo yabo. Yonke imibuzo yami babeyiphendula ngeBhayibheli. Ngakwazi ukubona ukuthi lokho oFakazi BakaJehova abakufundisayo kusekelwe ngokuqinile eBhayibhelini. Kancane kancane, kwadingeka ngilamukele iqiniso.
Phakathi naleso sikhathi ngesula eSontweni LaseLuthela futhi ngayiyeka yonke imisebenzi yami yezombangazwe. Ngayeka ngisho nokubhema. Leso kwakuyisinyathelo esinzima kunazo zonke. Ngaqala ukufundiswa iBhayibheli ngo-August 1990, kwathi ngo-April 1991, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.
Umshado Wabo Wesibili
UJudith: Manje sobabili sasesingoFakazi ababhapathiziwe. Nakuba sasithathe izindlela ezihlukene, sobabili sasitadishe iBhayibheli. Ngosizo lwezimfundiso zalo ezinhle, sasesihluke kakhulu kulokho esasiyikho ngaphambili. Sasisathandana, mhlawumbe kakhulu kunangesikhathi esidlule. Ngakho manje, sasikhululekile ukuba siphinde sishade—futhi yilokho esakwenza. Senza izifungo zethu ngokwesibili, kodwa manje eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.
ULars: Kwakwenzeke isimanga—umkhaya wethu wawusubuyelene futhi! Yeka injabulo nentokozo esase sinayo!
UJudith: Emshadweni kwakukhona amadodana ethu, izihlobo, nabangane abaningi abasha nabadala. Kwakuyisenzakalo esimangalisayo. Phakathi kwezimenywa kwakukhona nababekade besazi lapho sisashadile ngaphambili; bajabula lapho besibona sesibuyelene futhi bamangala lapho bebona injabulo yangempela phakathi koFakazi BakaJehova.
Izingane
ULars: Kusukela sabhapathizwa siye saba nenjabulo yokubona amadodana ethu amabili ekhetha ukunikezela ukuphila kwawo kuJehova.
UJudith: Kusukela ngesikhathi esengumfana evakashela uyise uJonas uye walazisa kakhulu iqiniso leBhayibheli. Wayeneminyaka eyishumi kuphela ubudala lapho engitshela ukuthi wayefuna ukuyohlala noyise ngoba, njengoba achaza, “Ubaba ulandela iBhayibheli.” UJonas wabhapathizwa lapho eneminyaka engu-14. Usephothulile esikoleni, futhi manje uyisikhonzi sesikhathi esigcwele.
ULars: Indodana yethu eyizibulo, uMartin, manje ineminyaka engu-27. Izinguquko eyabona sizenza zayenza yacabanga kanzulu. Yasishiya yayohlala kwenye ingxenye yezwe. Eminyakeni emibili edlule yaqala ukutadisha iBhayibheli nebandla loFakazi BakaJehova lendawo. Ngemva kwezinyanga ezinhlanu nje kuphela, yayisikulungele ukubhapathizwa. Iqhubeka kahle nokuhlelela ikusasa layo njengomKristu.
UThomas, indodana yethu ephakathi nendawo, akayena omunye woFakazi BakaJehova okwamanje. Sisamthanda kakhulu, futhi sinobuhlobo obuhle naye. Uyajabula ngezinguquko ezenzeka emkhayeni wethu. Futhi sonke siyavuma ukuthi ngenxa yezimiso thina bazali esazifunda eBhayibhelini, umkhaya wethu usuphinde wahlangana. Yeka isibusiso okuyiso kithi ukuthi manje njalo sesingahlangana ndawonye njengomkhaya, womathathu amadodana nabo bobabili abazali!
Ukuphila Kwethu Namuhla
ULars: Asisho ukuthi sesiphelele. Kodwa sifunde okuthile—ukuthi uthando nokuhloniphana kuyizici eziyisihluthulelo emshadweni oyimpumelelo. Isisekelo umshado wethu owakhiwe phezu kwaso manje sihluke kakhulu kwesangaphambili. Manje sobabili sesamukele igunya elingaphezu kwethu, ngoba siyaqaphela ukuthi siphilela uJehova. Mina noJudith sizizwa sinobunye ngempela futhi sibheke esikhathini esizayo ngokuqiniseka.
UJudith: Ngicabanga ukuthi siwubufakazi obuphilayo bokuthi uJehova ungumeluleki wemishado nemikhaya odl’ ubhedu.
[Umbhalo waphansi]
a Yanyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., ngo-1978, kodwa manje ayisanyatheliswa.
[Isithombe ekhasini 20]
ULars noJudith ngesikhathi beshada okokuqala, ngo-1973
[Isithombe ekhasini 21]
Abafana abathathu balahlekelwa umkhaya wakubo onobunye baphinde bawuthola futhi
[Isithombe ekhasini 23]
ULars noJudith namuhla, babuyisana ngenxa yokulandela izimiso zeBhayibheli